Osomabhizinisi kumele bahlangane bakhulume ngezwi elilodwa, kuloba uNtokozo Biyela

KADE ngilalele omengameli abadala baseNingizimu Afrika besina bededelana ngezinkulumo bechaza ukuthi yini eyenza izwe lingasebenzi ngendlela okufanele ngabe lisebenza ngayo. Ngamunye ubeke uvo lwakhe ngakholwa wukuthi kuyimbangela yesimo esikuso manje.

Umbuzo engiloku ngizibuza wona njalo uma kuqhamuka umengameli omdala ezogxeka izinto ezingahambi kahle manje uthi yena wahlulwa yini ukuzilungisa lezi zinto ngenkathi esaphethe? Yini le eyenza ukuthi manje ngoba naku engasaphethe abone zonke lezi zinto ezingahambi kahle?

Angikho-ke kodwa lapho kakhulu, naku lapha ngikhona. Kuyo yonke imibono abayibekile ngempelasonto esiphuma kuyona, angikhumbuli ngizwa noyedwa komengameli ebalula ukuthi yisiphi isisombululo anaso esizosiza osomabhizinisi abamnyama abancane. Bakhuluma ngokuthi yini okufanele yenzeke ukuze kushintshwe indlela okukhishwa ngayo amathenda nokubuyisa imali eyebiwa ngenkathi kugwamandwe amandla ombuso. Akekho ozihlupha ngokuthi yini okufanele yenziwe ukusimamisa osomabhizinisi abamnyama.

Lapha angikhulumi nge-Broad-based Black Economic Empowerment, le engabenzeli lutho abantu abamnyama kodwa edlisa iqeqebana losopolitiki elinikwa amasheya ezinkampanini ukuze kube yilona futhi elikhalima ukukhula kwabantu abamnyama. Umnotho waleli zwe awukho esimweni esihle neze kodwa sengathi uhulumeni uzithele ngabandayo ukuqhamuka nezisombululo ekusimamiseni amabhizinisi abantu.

Yonke into bayenza ibe likhuni uma kuziwa kumuntu omnyama bese kuba khona nabantu bakithi abagweve nezikhundla nemali okufanele ngabe isiza osomabhizinisi abamnyama. Iyona nkinga enkulu esibhekene nayo siyiNingizimu Afrika – abantu abazishaya sazikhulu zeminyango abavalela abantu bakithi abamnyama abadinga usizo iminyango. Laba ngabantu abangafuni ukubona inqubekelaphambili yomuntu omnyama namabhizinisi abo. Bavala kwasani, bafune ukuba ngogombela kwesakhe.

Ziningi nje izinto ezingahambi kahle eNingizimu Afrika. Kuvalwa namaposi kuwo wonke amadolobha ngoba asisekho isidingo sawo ngenxa yobuchwepheshe osebenza kubelula ukuxhumana. Ubani osathumela incwadi ngeposi sekwaba khona ama-email  noWhatsApp? Amaposi asehluleka ngisho wukuthumela izimpahla ngesivinini ngoba sekukhona izinkampani eziningi ezincane ezikwenza kangcono loku.

Ngike ngafikelwa umcabango othi yingani uhulumeni angaphenduli amaposi izindawo zokuqeqesha osomabhizinisi abasafufusa noma iposi libe yisizinda lapho abantu bethola khona usizo lwezamabhizinisi, lapho bezoqeqeshwa khona amakhono amabhizinisi bathole izinsiza zamabhizinisi, kunokuthi lezi zindawo zivalwe zingabi namsebenzi walutho.

Ngikusho loku ngoba amaposi atholakala kuyo yonke indawo nakuwowonke amadolobha namalokishi, ngisho nasemakhaya imbala. Kunokuthi agcine eseyizizinda zobugebengu, kungani kungenziwa into ezosiza abantu bakithi ngawo ngoba vele wona ahlulekile ukwenza into ayakhelwe yona. Siyizwe siyadinga ukuthuthukisa amakhono zamabhizinisi kubantu bakithi ukuze sikwazi ukunqanda ububha nendlala yezemisebenzi.

Kufanele uhulumeni uqale manje acabange ngenye indlela. Uma kungenjalo, izwe lizongena kwenkulu inkinga. Kufanele size namacebo azokwazi ukuletha isisombululo ezinkingeni esibhekene nazo. 

Akusizi ukuthi sizithele ngabandayo kodwa kube konakala. Kungcono sithathe lo mkhankaso siwuse ezikoleni ezithile emiphakathini yethu sifundise izinhlelo zezamabhizinisi ngezimpelasonto lapho izikole zingafundisi khona. Ngokwenza loku, siyokwakha isizwe esikwazi ukuzimela.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page