UMnu uSibusiso Mbhele, isikhulu esiphezulu seGreeneye Consortium, abanikazi be-app yokuzivikela i-eyerus

Izithombe: Zithunyelwe

Intshisekelo yokulwa nesihlava sokuhlukumeza yenze basungula i-app elekelela abantu baphephe. Omunye wabo uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UKUHLUKUMEZA abantu besifazane, izingane, abanebala elimhlophe nabathandana nabanobulili obufana nobabo ngezinye zezinselelo ezinkulu ezibhekene neNingizimu Afrika.

Yilesi sihlava nesigameko sokuthumba amantombazane esikole awu-276 eChibok, eNigeria, ngo-2014 okugqugquzele abanikazi beGreeneye Consortium ukuthi basungule ubuchwepheshe obuzosiza abantu ukuzivikela.

I-app i-eyerus yethulwe ngokusemthethweni ngoFebhuwari kulo nyaka kanti isivele inedumela njengoba neSilo uMisuzulu, sikhuluma emKhosini woMhlanga, sakhuthaza abantu ukuthi bayisebenzise.

Ngaphezu kwaloko emasontweni ambalwa edlule idle umhlanganiso emiklomelweni yama-app ngenkathi iwina iMTN Business App of the Year Award, lapho yayincintisana khona nezikhondlakhondla ezifana noShoprite no-Investec. 

UMbhele ngemva kokudla umhlanganiso iMTN Business App of the Year Award

UMnu uSibusiso Mbhele, isikhulu esiphezulu seGreeneye Consortium, uthi umkhakha abawine kuwo ubheka kakhulu i-app eqhamuka nesisombululo esidingwa ngabantu baseNingizimu Afrika. “Singabazali sazibuza ukuthi uma kungathiwa kwenzeka into efana nalena eyenzeka eChibok, singenzenjani? Ngisanda kuthuka ngifunda udaba olwaluthi izivakashi zifika eNingizimu Afrika kune-video eyimizuzu eyisihlanu lapho zicetshiswa khona ukuthi iyiphi indlela yokuzigada, okuyinto engeyinhle.

“Yingakho besifisa ukuqhamuka nesisombululo esiphathekayo, sase siqhamuka ne-app okuthiwa yi-eyerus. Saqale senza nocwaningo kunemibuzo embalwa ebesiyibuza abantu njengokuthi ‘wake wahlukunyezwa? Wabika emaphoyiseni?’. Sithole ukuthi u-50% uthe awubikanga ngoba wawungenabo ubufakazi, okusho ukuthi izigilamkhuba ziyaqhubeka (ziwuvanzi) futhi ziyaqhubeka ukuhlukumeza abanye abantu,” kusho yena. 

I-eyerus isebenza njengerobhothi lasemgwaqweni. Uma umuntu ephephile, ihlala embaleni oluhlaza okotshani. Uma esola ukuthi usengozini udinga ukuxukuza ucingo kancane bese ishintsha i-app iye sembaleni ophuzi bese iqala iqopha yonke imisindo. Uma isibomvu kusuke sekusebenza onke amakhamera ocingo futhi yazisa osuke ubabhalile ukuthi ibatshele uma usenkingeni futhi iphinde ibatshele ukuthi ukuphi.

“Kukhona omunye umbala oluhlaza okwesibhakabhaka. Wenza konke okunye kodwa futhi wona ukubizela onogada ne-ambulensi. Sinonogada abawu-5 000 nezimoto eziwu-2 000. I-eyerus iwunogada wakho ohamba naye ocingweni,” kusho uMbhele.

I-eyerus ifana nonogada ephaketheni noma esikhwameni

Le-app itholakala mahhala noma ngokukhokhelwa. Bangaphansi kancane kuka-5 000 abasebenzisa lena emahhala bese kuthi ekhokhelwa uR59 ngenyanga isetshenziswa ngabantu abawu-2 500. 

UMbhele uthi baqashe abantu abawu-12. Lo somabhizinisi odabuka eSoweto, eGauteng, kade ayehuzuka ekuzisebenzeni njengoba ibhizinisi lokuqala ayebambisene kulo nomzala wakhe lagcina liwile ngo-2014 emva kweminyaka emibilli.

Uke waba nelinye lokukhangisa iBlack Media Partner. Ngo-2016 usungule inkampani lapho ebeqala khona ukusebenza engabambisene namuntu i-AvantGarde eyenza imisebenzi ehlukene kuhulumeni nasembonini ezimele. 

“Ukuzisebenza akulula. Kufanele uhlale uzikhuthaza, ukholelwe entweni oyenzayo, uzimisele, uwuhloniphe umsebenzi futhi uhlale ucwaninga izindlela ezintsha zokwenza umsebenzi.

“Kulula ukuthi ugcine usugxile kokuzokulethela umvuzo manje kuphela kanti kuyadingeka nokuthi ubheke nezinye izinto ezizokulethela umvuzo ngokuhamba kwesikhathi. Kuyasiza nokuba nomuntu oxoxisana naye, obukela kuyena futhi onamava ngaphezu kwawakho ngoba kuthiwa indlela ibuzwa kwabaphambili,” kweluleka uMbhele.

E-AvantGarde baqashe abantu abayisithupha kanti eGreeneye Consortium babambisene nabanye.

Podcasts

https://iono.fm/p/2014

Inqolobane

You cannot copy content of this page