Ubona inhlansi yethemba oneminyaka eyibambile ebhizinisini lesibhakela. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UKHULELE emndenini okhonze ezemidlalo kangangokuthi njalo ngeSonto babethi uma bephuma enkonzweni babazi ukuthi bazobuka ibhola nesibhakela.
Lwaphembeka kanjalo uthando lwezimidlalo kuyena kanti nasesikoleni wayedlala nebhola. Kuthe uma eganela emndenini wezingqalabutho zesibhakela, lwavuthwa kakhulu lolu thando, waze wasungula ibhizinisi.
UNkk uZandile Malinga uneminyaka ewu-15 eyibambe esibhakeleni ngenkampani ehlela izimpi iStarline Boxing Promotion kanti usanda kuqokwa njengonobhala wenhlangano esezweni lonke iProfessional Boxing Promoters’ Association.
Uthi wabona kuwumqondo omuhle ukuthi aqhube umsebenzi owawuqalwe uyisezala uMaxwell Malinga, owaba ngomunye wabashayisibhakela abahlonishwayo nowagcina esehlela izimpi ngaphambi kokudlula emhlabeni. Lona wumndeni kaThulani “Sugarboy” Malinga, owawina isicoco somhlaba kathathu.
UNkk uMalinga, othi usethanda isibhakela ngaphezu kwebhola uthi bathwale kanzima kule minyaka ewu-15 edlule ngoba kufana nokuthi bebesiqala phansi isibhakela esikhokhelayo KwaZulu-Natali.

“Loku esikubona namhlanje sekukhethwa amakomidi, ngikhumbula ukuthi sake sathi sikuhlongoza sibuya kwenye ingqungquthela, babesho ukusidla (basifele). Isibhakela esikhokhelwayo ngeke ukwazi ukusenza siqhakambe uma (izimpi) zingeke zisakazwe. Sekunesikhathi eside (sinxusa) iSABC ngoba ngayo uyakwazi (ukuyonxusa) abazokuxhasa usho ukuthi kukhona neSABC kodwa bekungenzeki loko. Bekungeve kunzima, kungcono manje njengoba sekunabaphathi abasha (eBoxing South Africa), lapho sebezosayina khona isivumelwano emva kweminyaka ecela kwewu-15 umuntu ekulo msebenzi.
“Yimanje lapho sesazi ukuthi kunezinsuku (zezimpi) engizonikwa zona cishe kusasele unyaka noma izinyanga ezintathu, nomi yikanjani iSABC ikhona, noma yikanjani ngizoya kofuna abaxhasi. Uma ubuyitholile iSABC bekusuke kuwumsebenzi wakho njengomhleli wempi uzixoxele nayo,” kukhumbula yena.
UNkk uMalinga, odabuka eMzinto, ogwini oluseNingizimu yeKwaZulu-Natali, uneziqu ze-Communications Science ne-Honours in Drama and Theatre Studies zase-University of Zululand.
Uthi nakuba yonke le minyaka ibhizinisi belicikiza kodwa ubephokophela ngoba ebuswa wukwazi ukuthi kunezimpilo zabantu ezishintshayo ngenxa yesibhakela njengoba ethi kunabashayisibhakela asebephucule impilo yabo yize bengafundile nangenxa yokwazi ukuthi kunabantu abathembele kuyena. Kunokunye okumsizayo ukuthi abekezele. Mlalele echaza.
Uthi kungakuhle ukuthi namanye amaziko ezindaba awuseke umdlalo wamanqindi ukuze abashayisibhakela bezokwaziwa nabo njengabantu beminye imidlalo njengoba kwakwenzeka ngezikhathi okwakudume ngazo oDingaan Thobela, “oBaby Jake” Matlala noFrancois Botha.
Uthi uyafisa ukuthi inhlangano yezokusaza ezemidlalo ezimele iSupersport yeseke abahleli bezimpi ngendlela efanayo. Ukhale ngokuthi okwamanje ikhetha iphela emasini.
Wengeze ngokuthi bangafisa kubuyekezwe umthetho olawula lo mdlalo iBoxing Act, athi kunezinto eziningi ezibanqindayo ngawo. Muzwe ezichaza.
Ngale kokucothoza komsebenzi, uNkk uMalinga uthi kunesiqhoqho samadoda esimhlukumezile kule mboni kodwa wazitshela ukuthi ngeke ayeke into ayithandayo ngenxa yedlanzana lezimfamona ezadicilela phansi igama lakhe.
Okunye ngaye:
- Ugane uXolani Malinga kanti banamadodakazi amabili;
- Uphumula ngokuhlala nomndeni. Bakhonze ukuvakashela izindawo ezihlukene;
- Esinye isikhathi esiningi siphelela ebandleni lakhe i-UCC yaseQueensburgh, eThekwini, nathi umile nangenxa yalo;
- Ukhonze noma yikuphi ukudla, inqobo nje uma kunenyama;
- Uthanda izinhlobo ezihlukene zomculo;
- Uyakuthanda nokufunda izincwadi. Enye asanda kuyifunda ithi I Refuse to Be Called Black: Unapologetically African kaDkt uThobile Sifunda.

