Maningi amathuba okwakha ezindaweni zabantu kanti umanqoba wukubambisana, kusho izazi. INTATHELI YOMBELE iyabika

IZETHAMELI zeDurban Business Fair ese-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre zicetshiswe ngamathuba asembonini yokwakha izolo.
Lesi sithangami osihloko saso besithi “Collaborations for Growth within the Property Development Sector”, nebesilawulwa wumsakazi uNks uNomfundo Xaba, besidle ngezikhulumi ezine yisikhulu esiphezulu se-Innate Investment Solutions uNks uLynette Ntuli, isikhulu esiphezulu seThothulani Trading uNkk uThobe Ndlovu, umsunguli we-Umsebenzi Wokwakha Founder uNkk uManini Mbongwa ne-Divisional Manager ye-Investment Finance e-Ithala Development Finance Corporation Divisional Manager Investment Finance uNks uNosipho Ndlela.
Izikhulumi zisho ngazwi linye ukuthi maningi amathuba emalokishini nasezindaweni ezisemakhaya emkhakheni wokwakha ngenxa yokuthi lezi zindawo zinomlando wokunganakwa wuhulumeni wobandlululo.
Izikhulumi zengeze ngokuthi osomabhizinisi abamnyama bayophumelela uma bebambisana futhi bezicija ngolwazi. Zithe amathuba amaningi alele ezakhiwe zokuhlala abantu nezitshudeni.
UNkk uNdlovu uthe: “Ukuthuthukisa izindawo ezisemakhaya yinto engeke ibalekelwe. Asihambise intuthuko ezindaweni zamakhosi ngoba iningi lazo alinakiwe. Abantu abamnyama bangakha futhi babengabanikazi bezinxanxathela zezitolo ezindaweni ezingamakhaya.”
“Sinenkinga yendawo yokuhlala eNingizimu Afrika. Kunenkinga yendawo yokuhlala izitshudeni ngoba ngeke sikwazi ukukhiqiza intsha engaqasheka uma ingenazo izindawo zokufunda ngoba imfundo ayipheleli emagunjini okufunda,” kusho uNks uNtuli.
UNks uNdlela, uthe Ithala, elingabanye babaxhasi beDBF, lunosizo olwehlukene losomabhizinisi abamnyama abafisa abasembonini yokwakha nabafisa ukungena. “Ithala lixhasa amabhizinisi, inqobo nje uma ehambisana nezidingo futhi enekusasa lempumelelo.”
Usuku lwesibili lwe-DBF luvale ngeDurban Fashion Fair nama-Excellence Awards neGala Dinner, lapho kuklonyeliswe khona osomabhizinisi abancane abaningi emikhakheni ehlukene.

