Undunankulu waKwaZulu-Natali uNkk uNomusa Dube-Ncube evula ingqungquthela i-African Women in Leadership Organisation eThekwini, KwaZulu-Natali

Izithombe: wuMotshwari Mofokeng

Izikhulumi engqungqutheleni zithe akubhukulwe ngokuphindiwe ukuthuthukisa abantu besifazane e-Afrika. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUFANELE iphuthunyiswe imizamo yokunciphisa igebe lokungalingani phakathi kwabesilisa nabantu besifazane e-Afrika, ngale kwaloko izwekazi lizogcina lihlulekile ukufeza loku njengokusho kwenye yezinjongo ezabekwa yiNhlangano yeZizwe. Lena yimizamo efana nokunyusa isibalo sabesifazane abafundayo, ukulwa nendluzula ebhekiswe kubantu besifazane nezingane nokubeseka ngokubacathulisa.

Lesi yisiphakamiso esiqhamuke kwizikhulumi ezivumelane ngo-elethu engqungqutheleni ebibhunga ngezindlela zokuthuthukisa abantu besifazane e-Afrika, i-African Women in Leadership Organisation International Conference ebiseMhlanga, eThekwini, KwaZulu-Natali, mhla ka-15 no-16 Septhemba 2022.

USolwazi uFortunata Makene, inhloko yemigomo nocwaningo, uthe kubalulekile ukubheka amathuba azonika abantu besifazane amandla okwenza izinqumo. “Uma abesifazane bengazithathi izinqumo, singakushintsha kanjani lokho?”

USolwazi uMakene, umcwaningi

Ngokwezinjongo eziwu-16 ezibekwe yiNhlangano yeZizwe, ukuphokophela ukuthi kulinganwe ngokobulili yinjongo yesihlanu. Loku ithi kuzofezeka uma kuthuthukiswa bonke abesifazane namantombazane.

UNkk uThandi Ngxongo, usomabhizinisi embonini kawoyela, uthe abesifazane kufanele basebenzise noma ngabe yiziphi izindawo abakuzona ukuletha ushintsho.

UNkk uNgxongo, usomabhizinisi

Uthe akudingi ukuthi kuze kube yizindawo ezinkulu, kungaba yisesontweni, emphakathini, ezinkampanini ezinkulu nakwezinye izindawo.

“Mina ngiyalisebenzisa izwi lami kuyo yonke indawo. Nangokwemfundo ngiyalisebenzisa, ngisanda kuphothula iziqu zobudokotela lapho ucwaningo lwami belubheka ukuthi singabandisa kanjani abantu besifazane nobuholi. Ngilapha ngikhona ngoba kukhona abangeseka. Ngikholwa ngempela ukuthi kufanele uma sikhuphuka, sinyuke nabanye. Angikakafinyeleli esicongweni kodwa asesekane silethe ushintsho,” kusho yena.

UDkt uMaimoona Salim, isikhulu esiphezulu seBeyond Mentors eNigeria, uthe kumqoka ukulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane, nathe ludlangile emhlabeni wonke kodwa ikakhulukazi e-Afrika.

“ENigeria kusashadiswa izingane; amantombazane aneminyaka ewu-13 ayagana ngenxa yobubha. Sikuqeda kanjani loku? Akube khona ingane yentombazane esiyisizayo, uma uxoxa namanye amantombazane, ayakutshela ukuthi ayafisa ukufunda kunokugana.

“Kumele siwacathulise amantombazane. Abaqhamuka emakhaya antulayo abazi ukuthi kusho ukuthini ukufunda. Asiwasize, sithole ukuthi yiziphi izidingo zawo,” kusho yena.

“Ezobulungisa azinalo iqiniso, amantombazane ayasolwa uma edlwenguliwe. Izingane ziyanukutshezwa emakhaya kodwa onina bathi ‘ungayithi vu’. Kumele siwakhuthaze ukuthi akhulume,” kusho yena.

UDkt uSalim

Ngokusho kweNhlangano yeZizwe, uhhafu wabantu abakhona emhlabeni ngabesifazane namantombazane kodwa ukungalingani ngokobulili kuseyinselelo emhlabeni wonke. Ngo-2019, abesifazane babephethe u-28% wezikhundla emhlabeni.

UNkk uNokuthula Ndlovu, umsunguli nomqondisi weLimit Breakers Global Foundation, uthe kumqoka ukuthi abesifazane bazazi ukuthi bangobani futhi bazethembe, ikakhulukazi labo abafisa ukuphatha ezinkampanini ezinkulu.

Inhlangano yakhe izibophezele ukukhulisa abantu besifazane ukuthi baphathe izikhundla emabhodini ezinkampani.

UNkk uNdlovu, umsunguli weLimit Breakers Global

“Bawu-50 abantu besifazane abahlala emabhodini ezinkampani esibakhulisile. Kufanele sizimisele ukufunda, sicwaninge futhi sisebenze. Asicwaninge ukuze sithi uma silwa sikhulume ngolwazi oluphelele, hhayi ukuthatha ngenhliziyo,” kusho yena.

Le ngqungquthela evulwe wundunankulu waseKZN uNkk uNomusa Dube-Ncube kanti ibinezethameli ezingaphezu kuka-300. Ngonyaka ozayo izoba seTanzania.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page