Ibiphume ngobuningi bayo intsha ukuyokwethamela iYouth in Business Exhibition ebihlelwe yiKhomishini yokuNcintisana eTshwane, eGauteng

Izithombe: Zithunyelwe

Ibonga iyanconcoza intsha ecijwe embukisweni wosomabhizinisi. Enye yayo ixoxe noNQOBILE NDLOVU

INTSHA engosomabhizinisi nefisa ukuba namabhizinisi ayiwuvali umlomo ngosizo eluthole embukisweni wosomabhizinisi obuhlelwe yiKhomishana yokuNcintisana iYouth in Business Exhibition eTshwane, eGauteng.

Le ntsha ithe okuyisize kakhulu wukuba khona ndawonye kwezinhlaka zikahulumeni ezihlukene, ethi kwenze kwaba lula ukuthola ulwazi.

Kulo mbukiso intsha icijwe ngolwazi olungayisiza ukubhalisa izinkampani, ukufaka izicelo zokuxhaswa nokuqeqeshwa ngezinhlelo ezithuthukisa amakhono. 

Umbele uxoxe nabanye balabo somabhizinisi. UNksz uHlulani Chauke usungule iNsuku Organics, ekhiqiza imikhiqizo yekhanda ngo-2020, eGoli, eGauteng. Uqale ukusebenza ngokugcwele kuleli bhizinisi ngemva kokudilizwa emsebenzini ngonyaka odlule. 

Uthe kuyamkhuthaza ukuhambela imicimbi enje ngoba uthola ulwazi futhi afunde nakwabanye osomabhizinisi. 

“Ukuba wusomabhizinisi kuyakwenza uzizwe uwedwa, yingakho uma ngithola ithuba lokuhlangana nabanye osomabhizinisi ngiyazama ukuxhumana nabo sixoxe ngamabhizinisi,” kusho yena.

Umnikazi weNsuku Organics uNksz uChauke kwiYouth in Business Exhibition

UMnu uThubelihle Thibela, umsunguli weLulama Fwood yaseVosloorus, eGauteng, uthi ufunde ukuthi kuneminyango eminingi kahulumeni ezimisele ngokulekelela osomabhizinisi ukukhulisa amabhizinisi. Le nkampani, esungulwe ngo-2020, idayisa ukudla okunempilo kanti iqashe abantu ababili.

“Yebo, sesiqalile ukusebenzisa ulwazi esilutholile khona olunjengokusebenzisa izinkundla zokuxhumana ukuthola izinhlaka zikahulumeni, okusadida kodwa kungcono kunokusebenzisa imali uye ezakhiweni zabo. Ngikwazile nokuxhumana nabanye osomabhizinisi abasembonini engikuyo, sincokolile futhi sancomana ngomsebenzi esiwenzayo,” kusho yena. 

ILulama Fwood, eyenza ukudla okunempilo, ithekele ulwazi kwiYouth in Business Exhibition

UNkk uRixongile Shabangu, umsunguli weVisiocon Academy, efundisa abafundi basezindaweni zasemakhaya ngokubaluleka kokuziqalela ibhizinisi, ukulwa nokhwantalala nokulungiselela ukuya esikhungweni semfundo ephakeme. 

Uthi ukuza kwiYouth in Business kumhlomise ngolwazi oluzomsiza ukufaka izicelo zokuxhaswa njengoba okwamanje zonke izindleko zebhizinisi uzithwala yena. 

Uthe useqalile ukuxhumana nezinye zezinhlaka ebezikhona. 

UNkk uShabangu weVisiocon Academy akasalanga kwiYouth in Business Exhibition

UKhomishana omusha weKhomishini yokuNcintisana uDkt uDoris Tshepe uthe izibalo zeStatistics South Africa ngoJuni zitshengisa ukuthi wu-59.9% wentsha engasebenzi eNingizimu Afrika. Uthe loku sekwenze intsha eningi yakhetha ukusungula amabhizinisi. 

“Siyazi ukuthi amabhizinisi asafufusa aneqhaza elibalulekile ekuthuthukeni nasekukhuleni komnotho waseNingizimu Afrika, ikakhulukazi njengoba sizama ukuvuselela umnotho okhuthaza ukuthi kuvulelwe wonke umuntu. Yingakho kumqoka ukuthi iKhomishini nezinye izinhlaka zikahulumeni zeseke intsha nabantu besifazane abangafaka isandla ukukhulisa umnotho wezwe ngamabhizinisi abo asafufusa,” kusho yena. 

UDkt uTshepe, uKhomishana omusha weKhomishini yokuNcintisana

Ezinye izinhlaka zikahulumeni ebezikhona wumNyango wezokuHweba, iziMboni nokuNcintisana, umNyango wokuThuthukisa amaBhizinisi amaNcane, iSmall Enterprise Development Agency, i-Industrial Development Corporation, iNational Youth Development Agency, iSmall Enterprise Finance Agency, iCompanies and Intellectual Property Commission, iSouth Africa Revenue Service, iJohannesburg Chamber of Commerce Industry, iGauteng Enterprise Propeller, iSouth African Bureau of Standards, iBBBEE Commission neSouth African Youth Chamber of Commerce.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page