‘Luyatotoba usizo olunikwa abakhahlanyezwa yizikhukhula kanti uhulumeni awufundanga lutho enhlekeleleni yeCOVID-19.’ USLINDILE KHANYILE uyabika

UHULUMENI kuzodingeka uphucule indlela olekelela ngayo izakhamuzi uma kunezinhlekelele futhi kufanele izinhlaka zikahulumeni zisebenzisane kangcono kunendlela ezenza ngayo okwamanje.
Lesi yiseluleko soMcwaningimabhuku-jikelele uNksz uTsakani Maluleke ngenkathi ethula umbiko abawuhlanganisile emva kokucwaninga indlela okusetshenziswe imali ngayo emva kokuhlasela kwezikhukhula KwaZulu-Natali naseMpumalanga Kapa.
UNksz uMaluleke ukhale ngokuthi usizo beluhamba ngonyawo lonwabu njengoba umbiko uveze ukuthi kusasetshenziswe uR125 million noma u-6% kuphela wemali ebekelwe ukubhekana nalo monakalo. Umsebenzi wokucwaninga wenziwe phakathi komhla ka-22 Meyi nomhla ka-31 Julayi kulo nyaka.
“Kufanele kube seqhulwini kuhulumeni ukuqinisa indlela nokuba nabantu abanele ukubhekana nezinhlekelele ngoba izinhlekelele ezifana nalezi sezizokwanda ngenxa yokuguquguquka kwesimo sezulu.

Izikhukhula zahlasela eKZN naseMpumalanga Kapa ngo-Ephreli kanti eKZN zaphinde zahlasela ngoMeyi. Ezadala umonakalo omkhulu ezango-Ephreli, ikakhulukazi eThekwini, njengoba zadlula nemiphefumulo yabantu abawu-435 kanti kumanje bawu-60 abangakatholakali.
Ongoti bathi imvula eyana ngo-Ephreli eThekwini yayingenela izinsuku ezingu-110. Enye yezinselelo ezinkulu eThekwini wukuthi awu-1 152 amabhizinisi akhe endaweni esengozini yokuba nezikhukhula.
UNksz uMaluleke uthi nakuba uhulumeni washeshe wazibophezela ukulekelela izakhamuzi kodwa akuphuthunywanga ukuhlola umonakalo ukuze kwaziwe ukuthi abantu badinga luphi usizo, ikakhulukazi eMpumalanga Kapa.
Uthi awuhlolwanga umonakalo ngenxa yokuthi kusenomsebenzi ofanayo ongakaphothulwa wezinhlekelele ezine ezidlule kusukela ngo-2013 ngenxa yokushoda kwemali nokungabambisani phakathi komasipala neminyango yezifundazwe.
Uthi loku kungahlelwa kwezinto kahle eKZN kubambezele izinto njengoba ngisho nohulumeni uthe ziwu-736 kuphela izindlu zesikhashana eseziphothuliwe kweziwu-1 810 ezidingakalayo kanti eMpumalanga Kapa khona ziwu-45 eziphothuliwe kweziwu-4 799 ezidingakayo.
UNksz uMaluleke uthi kunezinto ezingacatshangwanga uma kwakhiwa amagumbi okufundela angomahambanendlwane eKZN ezingabeka impilo yezingane engozini. Amanye amagumbi okuthiwe asephothuliwe abengakaqali ukusetshenziswa ngoMeyi ngesikhathi ihhovisi lakhe liyohlola.
Ezindlini eziwu-4 983 ezilimele, ziwu-1 197 kuphela ebezisahloliwe kanti kuzona ziwu-894 kuphela ebeseziphasisiwe phakathi noJuni ukuze abanikazi bazo bakwazi ukuhlomula ngezindlu zesikhashana.
Lo mbiko ukhale nangendlela okuphethwe ngayo ukushoda kwamanzi eThekwini.
“Akusikhona okokuqala sibika ngokuthi akuhlolwanga kahle izidingo zabantu. Ngesikhathi sethula umbiko weCOVID-19 sabika ngezinto ezifanayo mayelana nokuhlinzeka imiphakathi ethile nezikole ngamanzi kodwa sisaqhubeka sibona ukungasebenzi kahle kwendlela izinto okufanele zenziwe ngayo ngaphakathi,” kusho yena.
Umcwaningimabhuku-jikelele uthi wu-67% kuphela wamathangi kamasipala ayesebenza kahle, nokungemulekile njengoba kukhombisa ukungahleli izinto ngendlela.
Uthi kukhona okunuka santungwana endleleleni okuqokwe ngayo ezinye izinkampani ezinikwe umsebenzi wokulungisa umonakalo owenzeke ezakhiweni, nokuthiwe uzodla uR10.8m eKZN kanti eMpumalanga Kapa khona kuthiwa uzobiza uR19m. Sebephakamise ukuthi lezi zinkontileka ziphenywe.
Kunabantu abawu-117 708 eKZN nabawu-6 118 eMpumalanga Kapa abebedinga usizo lwezehlalakahle oluhlinzekwe iSouth African Social Security Agency (iSassa).
UNksz uMaluleke uthi iSassa ibike ukuthi ihlinzeke ngezimpahla zosizo olwehlukene eziwu-2 637, ukudla okuphekiwe okungu-99 500, ama-voucher okudla awu-10 894, imali ewukheshi nemifaniswano yesikole ewu-816 kuzona zombili izifundazwe.
“Kuyakhuthaza ukubona ukuthi abaphathi bazilandelile iziphakamiso esazenza ngesikhathi sethula umbiko weCOVID-19 ngokuphucula imigomo nenqubo ukuze kulawuleke indlela izinto ezenziwa ngayo ngaphakathi. Baphucule nendlela abasiza ngayo ngokwethula ama-voucher okudla esikhundleni samaphasela okudla ukuze kuphele ukuthi abantu bathole ukudla okungekho sesimweni.
“Siphakamise ukuthi kuphuculwe indlela okusatshalaliswa ngayo ukulungiselela izinhlekelele ngomuso kanti iSassa izibophezele ekwenzeni lokhu,” kusho uNksz uMaluleke.
Umbiko olandelayo uzokwethulwa ngoNovemba.

