Kuleli sonto kuSAZIWAYO neMALI sikuphathele uSimphiwe Shembe, usomahlaya oshiya abantu bephethwe yizisu ngamahlaya akhe

Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo, kwakuba wu-5c kanti ngangigoloza ukuya esikoleni ngingenawo.
Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuphi?
Ngiqale sengifunda eDUT (eDurban University of Technology) ukuzivulela eyami kepha ngisafunda uMamkhulu wangivulela eStandard Bank.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Besingewona umndeni ocaphuna kusale kodwa uBaba uShandu wayekwazi ukuyisebenzisa ngendlela. Kepha mina namanje angikakwazi.
Uqale nini ukusebenza, kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngasebenza izinyanga ezintathu kuphela empilweni yami, ngihola uR50 ngosuku, ngayeka ngoba iNdiya langibiza ngekhwela.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngawudla ezintweni ezingathi shu.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukuthenga izindawo nokuthenga indawo yokuhlala enamakamelo amathathu okulala khona ngizohlala nezingane zami.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukusebenzisa imali budlabha ngoba ngithembe ukuthi kukhona enye ezayo bese ivele ilibaziseke.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?
Lutho. Angikaze ngakholelwa emalini engasetshenzelwanga.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Ungabokwenza izinhlelo ngemali engekho ezandleni zakho.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto, ungawusebenzisa kanjani?
Ngaphambi kokuvalwa kwezwe bengingathi ngingaqedela imoto nendlu yami kodwa manje ngingathenga imfuyo, izinkukhu nezinkomo, engizokudayisa.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ngingathi abafunde ukudla ushintshi, bangadli imali yokwakha imisebenzi yabo. Abantu abaningi kulo mkhakha baphuza nsuku zonke, uma sebedakiwe bese uyathola ukuthi isizathu sokuphuza wukuthi abanayo imali bese (uvele) uyadideka. Udansa kanjani ungenayo imali?
