Amabhizinisi amancane anxuswa ukuthi afake izicelo zokuxhaswa. INTATHELI YOMBELE iyabika

UNgqongqoshe wezokuThuthukisa amaBhizinisi amaNcane usekhuthaze amabhizinisi amancane asemalokishini nasemakhaya ukuthi afake izicelo ukuze axhaswe ohlelweni iTownship and Rural Entrepreneurship Programme (iTREP).
“Sizimisele ukubhekana nokuntuleka kwemisebenzi nendlala kodwa sinomsebenzi wokukhulisa umnotho,” kusho uNkk Stella Ndabeni-Abrahams.
Ekhuluma engqungqutheleni yentsha iSheTradesZA Youth Seminar ePitoli, ungqongqoshe uthe isikhwama seTREP sinoR1 million, ingxenye iyisibonelelo besekuthi enye yimali ebolekisayo.
I-TREP wuhlelo oluzibophezele ukuguqula futhi luhlanganise amathuba emalokishini nasemakhaya ukuze lezi zindawo zibe namabhizinisi aqhuba kahle. Okugxilwe kukona wukwenza izizinda ezizolekelela amabhizinisi axhaswe ngengqalasizinda nendawo eyenza osomabhizinisi baphumelele,” kusho ungqongqoshe.
Osomabhizinisi basemakhaya nabasemalokishini bangafaka izicelo zokuthi balekelelwe ngemali. Bangasebenzisa izinhlaka ezijwayelekile njengeSmall Enterprise Development Agency, iSmall Enterprise Finance Agency, iNational Empowerment Fund neNational Youth Development Agency.
Abanikazi bamabhizinisi kumele babe yizakhamizi zaseNingizimu Afrika.
Izinhlelo ezilandelayo yizona ezikhona ezingatholwa osomabhizinisi abafanele:
- Uhlelo lokweseka amaBhikawozi amaNcane nezindawo ezikhiqiza noma ezidayisa uswidi;
- Uhlelo lokuseka abakhanda izimoto (nezitolo ezincane ezizimele ezidayisa izinsimbi zezimoto nosomabhizinisi bezinto zezimoto abasafufusayo;
- Uhlelo lokweseka amabhusha;
- Uhlelo lokweseka abasebenza ngezimpahla zokugqoka, izikhumba nendwangu;
- Uhlelo lokuseka abasebenza ngokunakekela abantu;
- Uhlelo lokuseka amaspaza;
- Uhlelo lokuseka oshisanyama nabadayisa ukudla okuphekiwe.
Kubhaliswa ku https://smmesa.gov.za/.
Ukuqinisekisa ukuthi osomabhizinisi abancane baxhaswa ngemali kalula uhulumeni uphezu kokuhlanganisa izinhlangano zamabhizinisi amancane ukuze kube nesizinda esisodwa. “Okwamanje sisahlanganisa iSEFA neSEDA kanye neCo-operative Banks Development Agency,” kuphetha uNkk uNdabeni-Abrahams.

