UNksz uThandiwe Mchunu, umsunguli weMchunu Farm neNtuba yoMnotho Co-op zaseMahlongwa, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natali

Izithombe: Zithunyelwe

Usheba ubunjiniyela, imfucuza nokulima ukuphucula ezolimo oqhamuka nezindlela ezintsha zokulima. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KUBANTU abaningi ukudla okonakele nomunye udoti yizinto okufanele zilahlwe ngoba zisuke zingasenamsebenzi walutho. Kepha kunomlimi imfucuza eyigugu kuye njengoba ingenye yezinto azisebenzisayo ukuqhamuka nezindlela ezintsha zokulima, ezinempilo futhi ezivikela imvelo. 

UNksz uThandiwe Mchunu, ongumlimi waseMahlongwa, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natali, wala ukhasha ngokudla okonakele njengoba esebenzisa kona ukukhiqiza umanyolo, okumnciphisela izindleko eMchunu Farm nasepulazini elilawulwa yiNtuba yoMnotho Co-op. 

UNksz uMchunu ugxile ekutshaleni iklabishi alidayisela umphakathi wendawo, amakhasimende athengisa ezimakethe ezinkulu zamaveji nezitolo ezinkulu zokudla. Uhlanganisa nezithombo azidayisela abanye abalimi. Eminye imikhiqizo enjengespinashi, u-pepper, no-anyanisi, uyitshalela kakhulu ukuthi kudle umndeni wakhe.

UNksz uMchunu waqala ukudayisa iklabishi ngebhala ngakubo

“Ngiyakuthanda ukudlala ngenhlabathi futhi kuyangijabulisa nokubona into entsha iqhamuka enhlabathini. Uma ngibona u-green pepper usukhulile, ngesikhathi ngisahlala emqashweni ngangivele ngiwuthathe ngiwulume ngaso leso sikhathi.

“Engadini yilapho mina ngipholisa khona ikhanda, angiyi kobhucabhucwa noma ukuyojima. Uma ngihlakula ngikhipha ukhula, ungibona sengimoyizela ngedwa,” kusho yena.

Nakuba ekhule ebona unina elima umbila, amakinati, amadumbe nobhatata kodwa akuwona umsebenzi aqale wawunaka. Uyi-chemical engineer eqeqeshwe eMangosuthu University of Technology nase-Unisa, nokuyiwona msebenzi aqale wagxila kuwona.

U-pepper weMchunu Farm

Uqale ukulima ngo-2020 emva kokubuyela ekhaya uma kuvalwe izwe ngoba enzela ukuthi bangakusweli ukudla kubo.  Isivuno sakhe savela saba siningi wagcina esedayisela umphakathi wangakubo nabaphekela izikole.

Umsebenzi uphinde wakhuliswa nawukukhangisa kwakhe ezinkundleni zokuxhumana. Uxhaswe yiMazisi Kunene Foundation ngenjini namapayipi adonsa amanzi, okwenza kube lula ukuchelela.

Ubunjiniyela akabuyekile njengoba kuwulwazi lwakhona alusebenzisayo ukuthuthukisa indlela alima ngayo.

UNksz uMchunu umatasa nocwaningo lwezifundo ze-MSc in Chemical Engineering alwenza e-University of KwaZulu-Natal lapho exhaswe khona yiCouncil for Scientific Research (iCSIR) ngomfundaze.

Indawo uNksz uMchunu akhulisa izithombo kuyona

Ngemva kokubona umsebenzi wakhe, iCSIR yamkhuthaza ukuthi ucwaningo lwakhe alugxile ekubhekeni ukuthi kungaguqulwa kanjani ukudla okonakele ukukuphendula umkhiqizo owusizo. Uqhathanisa umanyolo owenziwe ngokudla okonakele nowenziwe ngezinsalela uma kugaywa utshwala nangotshani nezitshalo ezingadingeki ezinjengomsilinga.

Abanye abantu abamxhasile wuphiko lweNhlangano yeZizwe i-United Nations Development Programme (i-UNDP). Mlalele echaza.

EMchunu Farm abagcini nje ngokukhiqiza umanyolo ngokudla okudala kodwa baphinde bakhiqize negesi abapheka ngayo, i-bio gas, nathi ingcono kakhulu kunegesi ejwayelekile yeLPG ngendlela evutha ngayo, iphunga layo futhi ayiyicekeli phansi imvelo. 

Nokho uthe akukafiki ezingeni lokuthi bangayidayisela umphakathi ngoba basaqhubeka nokucwaninga.

Uthi umsebenzi wakhe wokuba yi-chemical engineer awusho ukuthi kufanele asebenze ngamakhemikhali kuphela. Yizwa echaza.

Epulazini elikhulu usebenza nabantu abayisithupha. Nakhona banenselelo yamanzi njengoba bengakwazi ukuyisebenzisa khona le njini abaxhaswa ngayo. Nezikhukhula zibamoshile zagugula ibhuloho, nokusho ukuthi abasakwazi ukungena ngemoto njengoba kudingeka ukuthi bayishiye kude kanti uthi sebehluleke bancama ukuthola ugandaganda.

Uthi uzoqhubeka abekezele futhi aphokophele, isifundo athi wasincela kunina.

Facebook: Thandiwe Mchunu/Mchunu Farm

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page