Izibalo zomnotho ezimqoka kuleli sonto ezomkhiqizo wezimayini
INTATHELI YOMBELE
IZIBALO zomnotho wezwe ezibalulekile ezizophuma kuleli sonto ezomkhiqizo wezimayini. Ngemva kokuntenga ngo-Agasti, kuzobhekwa ukuthi ezangoSepthemba zizobangcono yini.
Njengezomkhiqizo, izibalo zemboni yezimayini zehla kumthamo womkhiqizo womnotho ngekota yesibili kanti kuzodingeka ukuthi izinto ziphucuke ukugwema ukuntenga kwangekota edlule.
Uma kubhekwa izimakethe zaphesheya, iChina izikhipha izibalo zokwehla kokuthenga nokukhiqiza ngenyanga edlule. Nakuba enyuka mawala amanani kaphethroli, ukwanda kokuthembela kugesi ovuselelwayo nokwehla kwamanani ezweni kusize iChina ukulawula ukwehla kwamandla emali.
Nokho akunjalo ngeMelika, lapho ukwehla kwamandla yemali yabathengi kuqhubeka ukubangaphezu komgomo owabekwa yibhange lombuso iFederal Reserve eminyakeni emihlanu. Ucwaningo olusha lweNew York Fed lukhombisa ukuthi ukwehla kwamandla emali yabathengi kukhuphukile ngenyanga edlule, kwakhombisa amanani kaphethroli abiza kakhulu.
Kuzolandela izibalo zokwehla kwamanani omkhiqizo nawokuthenga ngoLwesine, kuthi ngoLwesihlanu kuphume awezimboni nomkhiqizo. Izibalo zokuthenga ezitolo kuqhubekile nokubaphezulu nakuba abekhuphuka amanani ezimpahla kanti izibalo zakuleli sonto sizokhombisa izimpawu zokuthi ngabe abathengi bayazwela yini.
Khona phesheya belu, i-United Kingdom izokhipha izibalo zomthamo womkhiqizo wezwe, owomkhiqizo nowomkhiqizo wezimboni. Zontathu zikhombise ukunyuka uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka ngoJulayi, kanti izibalo zango-Agasti zizokhombisa ukuthi ngabe kuqhubekile yini loku kukhuphuka.
Okokugcina, amazwe aseYurophu azokhipha izibalo zomkhiqizo wezimboni zango-Agasti ngoLwesine. Okungafani naseMelika, izibalo zomkhiqizo wezimboni zamazwe aseYurophu ziqhubekile nokwehla, njengoba izibalo zangoJulayi zikhombisa ukungakhuli uma kuqhathaniswa nangonyaka ongaphambi kwalowo. – Le mininingwane ithathwe kwiBureau for Economic Research




