UMCWANINGIMABHUKU-jikelele waseNingizimu Afrika uNksz uTsakani Maluleke uthi ukhathazekile ngokuboshwa komunye wezisebenzi zaleli hhovisi eGauteng esolwa ngenkohlakalo. UNksz Maluleke uthe izinsolo ezibekwe lesi sisebenzi ngeke bazithathe kancane. Uthe bakhathazekile futhi baphoxekile kakhulu ngokwenzekile. Uthe akuhambisani nendlela yokuziphatha abayilindele kwizisebenzi zabo. Uthe balindele ukuthi zonke izisebenzi zabo ziziphathe ngendlela efanele futhi zihloniphe umsebenzi, ngakho-ke ubugebengu abamukelekile kanti kumele badedele umthetho wenze umsebenzi wawo. Ngokwemibiko, enye yezimenenja ehhovisi lomcwaningimabhuku eGauteng izame ukugwazela isikhulu sehhovisi lomNyango wezaseKhaya kade iyofaka isicelo se-passport.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page