Umphathi weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago uthi umnotho usazodonsa kanzima. Izithombe: Zithunyelwe

Lilonke ubunzima lo nyaka emnothweni womhlaba nowaseNingizimu Afrika – uKganyago

WUSLINDIILE KHANYILE

KUSAZOBANZIMA kubathengi baseNingizimu Afrika njengoba ukwehla kwamandla emali kuqhubekile ngenyanga edlule kanti neBhange lomBuso lixwayise ngokuthi umnotho uzodonsa kanzima kulo nyaka ngesikhathi linyusa imalimboleko ngo-25 basis points njengoba kusukela namhlanje isiwu-7,25%.

Umphathi waleli bhange uMnu uLesetja Kganyago umemezele lesi sinqumo ngoLwesithathu ngemva kwamahora ambalwa iStatistics South Africa idalule ukuthi ukukhuphuka kokwehla emali kubewu-4,4% ngo-Agasti, kusuka ku-4,3% ngoJulayi.

Sichaza lesi sikhungo esibheka izibalo ezweni, luthe loku kudalwe kakhulu wukuthi amanani okudla neziphuzo ezingenatshwala anyukile, obekungokokuqala kusukela ngoNovemba wango-2025 njengoba enyukele ku-1,1% ngo-Agasti, esuka ku-0,9% ngoJulayi.

I-Stats SA ithe: “Amanani enyama ayashiyana njengoba awengulube eqhubeka nokunyuka, kuthi awenkomo ayehla. I-ham nobhekeni kunyuke ngo-8,6%, kwathi inyama yengulube yakhuphuka ngo-6,6% ezinyangeni eziwu-12 kuze kufike ku-Agasti.

“Uma kuqhathaniswa namanani enyama yenkomo ngesikhathi esifanayo, ehlile njengoba awenyama yokupheka enciphe ngo-5,3%, kwathi isiteki sona sehla ngo-3,9% kanti-mince ishibhe ngo-3,8% kunangonyaka odlule.”

Kuqapheleke ngenyanga edlule ukuthi amanani kafishi anyukile kanti nango-Agasti kuqhubekile loku njengoba ekhuphuke ngo-7,5% esuka ku-6,6% ngoJulayi. I-Stats SA ithe amanani otshwala nogwayi ehle ngo-0,1% uma kuqhathaniswa nangoJulayi. Imvamisa lamanani ehla ngoDisemba,” kusho lesi sikhungo.

Amanye amanani ehlile awezinto zokuthutha abawu-8,8%, esuka ku-8,9% ngoJulayi. Loku kubangwe wukwehla kwamanani kaphethroli abewu-20,0% ngo-Agasti, esuka ku-20,6% ngoJulayi. Anciphe ngo-2,0% phakathi kwangoJulayi nango-Agasti, nokho akadizili anyuke ngo-3,1%.

Loku kwehla kwamandla emali, okulindelwe ukuthi kuqhubeke njengoba uKganyago ethe sebebheke ukuthi ekupheleni konyaka nangasekuqaleni konyaka ozayo, kuzobekungaphezu kwango-5%, impi eqhubekayo eMiddle East eyenza ungatholakali kalula uwoyela ongahluziwe nokuqala kokunyuka kwamanani kaphethroli yizona zizathu ezenze ikomiti elingamele umgomo wemali iMonetary Policy Committee livumelane ngo-elethu ukunyusa imalimboleko.

Ukuqala kokunyuka kukaphethroli ngoSepthemba kubenesandla ekunyukeni kwemalimboleko

UKganyago uthe: “Kusukela sigcina ukuhlangana, izinto sezibhebhethekile eMiddle East. Akukho woyela otheni odlula emhubheni iStrait of Hormuz. Khonamanjalo, uwoyela oqhamuka eSaudi Arabia uphazanyiswa yimpi eseYemen kanti impi yeRussia ne-Ukraine iyaqhubeka nokuphazamisa ukuhluza uwoyela nokuphazamisa ukudayisa ukudla. Zonke lezi zinto, uma uzihlanganisa zidala inkinga enkulu emhlabeni, nokufaka ingcindezi emananini ezimpahla.

“Lezi zinto ezenzeka emhlabeni ziyawulimaza umnotho wethu. Sisakulindele ukuthi umnotho ukhule ngo-2% eminyakeni emithathu. Loku kungenxa yokusimama kwezinto emhlabeni nangenxa yokuphucuka kwezinto ngenxa yezinguquko ezenziwa lapha ekhaya,” kusho yena.

Uthe kumqoka ukuthi amandla emali abuyele ku-3% futhi basazibophezele ekutheni loko kwenzeke uma kudlula lezi zivunguvungu ezikhona. Uthe njengoba usho umgomo wabo, bazoqhubeka nokwenza izinqumo ngemalimboleko njalo uma behlangene bebheka ukuthi kwenzekani ngaleso sikhathi.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/09/10/umnotho-wehle-ngo-02-ngekota-yesibili-istats-sa/

“Lilonke, lonyaka unzima emnothweni womhlaba nokoweNingizimu Afrika. Izimpi zenza kubenzima ukuthenga izimpahla nokunyusa amanani. Ukukhula komnotho kwehlile kanti ukwehla kwamandla emali kungaphezulu kakhulu kwebesikulindele,” kukhala uKganyago.

Inhloko yeSouth Africa Macroeconomic Research eStandard Bank Group uDkt u-Elna Moolman ithe bebekulindele ukunyuka kwemalimboleko ngenxa yokunyuka kwamanani kaphethroli kule nyanga ababheke ukuthi kusazoqhubeka.

Uthe imvamisa amanani kaphethroli anyusa namanye amanani emnothweni, nathe yize kungakenzeki kodwa iBhange lomBuso lizama ukunqanda leyo ngozi. 

“Cishe loku sekuwukuqala kokunyuka kwemalimboleko. Kungenzeka mhlawumbe ngonyaka ozayo iBhange lomBuso liyehlise futhi kodwa lokho kuzoya nokuthi amanye amanani ezimpahla enze njani njengoba kukhuphuka akaphethroli,” kusho yena.

Umhlangano olandelayo weBhange lomBuso nokuzoba owokugcina kulo nyaka uzobamhlaka-19 wangoNovemba.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page