Umbiko omusha womGcinimafa ukhombisa ukuthi omasipala abazokhethwa ngemva kwangoNovemba bazoqhubeka nokuswela izimali. Izithombe: Zithunyelwe

Omasipala abazokhethwa bazoqhubeka nokuhluleka ukuqoqa izikweletu kwizakhamuzi, kuloba uJabulani Sikhakhane

UMBIKO omusha ngesimo sezimali zomasipala baseNingizimu Afrika uneka obala inkinga yezimali ababhekane nayo. Lo mbiko, okhishwe wumGcinimafa wezwe, owonyaka womasipala ophele ngoJuni walo nyaka.

Uveza ukuthi ekupheleni konyaka omasipala baqoqe imali ecishe ifinyelele ku-64% kaR677.8 billion omasipala abasisusela kwizitatimende abazithumela kwizakhamuzi namabhizinisi njalo ngenyanga. Kusho ukuthi ekupheleni konyaka omasipala bebenesamba semali ewuR244.7bn (u-36%) abebengakayitholi kwizakhamuzi namabhizinisi.

Likhulu leli gebe. Lisho ukuthi omasipala bayahluleka ukungenisa yonke imali yabo njengokwezitatimende abazikhiphayo. Ngakolunye uhlangothi leli gebe lingabayinkomba yezinkinga ngezitatimende ezikhishwa omasipala nyanga zonke kodwa imininingwane yazo ephikiswa yizakhamuzi nosomabhizinisi. Miningi imibiko ngaloku, ikakhulu kuMasipala waseGoli, lapho kubikwa ukuthi izakhamuzi nosomabhizinisi bakhononda ngemininingwane kasimapala ngokusebenzisa kwabo ugesi namanzi.

Enye inkomba yezinkinga zomasipala yingxenye yemali okuphele unyaka ingakasetshenziswa. Lena imali yengxenye yesabelozimali ebhekene nengqalasizinda. Kuphele unyaka omasipala besebenzise kuphele u-77.8% wesabelo esiwuR84bn. UmGcinimafa uthi loku kuyinkomba yokuthi omasipala banezinkinga zokuhlela kahle ukuze kuthi zonke izinhlelo ezithinta ingqalasizinda zibesezilungile kusukela ekuqaleni konyaka wezimali. Unyaka wezimali womasipala uqala ngoJulayi, uphele ngoJuni.

Kuyinkinga enkulu loku ngoba iningi lomasipala libhekene nezinkinga ngengqalasizinda kagesi namanzi nemigwaqo. Ngemva kokutholakala kwezidumbu zabantu besifazane eKempton Park engaphansi kukaMasipala waseKurhuleni izakhamuzi zakhononda ngokuthi amalambu amaningi asemgwaqeni eKempton Park sekunesikhathi engasebenzi, okwenza izindawo eziningi zihaqwe wubumnyama ebusuku, okwandisa ukungaphephi kwezakhamuzi.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/09/17/isabelomali-samaphoyisa-asikhombisi-ukuthi-izwe-lizimisele-ukulwa-nobugebengu-kuloba-ujabulani-sikhakhane/

Kunenkinga enkulu njengoba omasipala abaningi belahlekelwa yimali eningi ngamanzi abawathengayo kodwa achitheke ngaphambi kokuthi afinyelele kumakhasimende ngenxa yamapayipi agugile. Nokuhambisa ugesi kwizakhamuzi kuphazamiseka mihla namalanga ngenxa yokuguga kweziteshi nezintambo kukagesi.

Kukhombe ukuthi omasipala bazophoqeka ukuthi babuyisele emuva izimali abazithola kuhulumeni omkhulu. Ngonyaka wezimali u-2025/26 omasipala bathola uR171.7bn kuhulumeni omkhulu. Ingxenye enkulu (uR101.1bn) yimali okufanele bayithole ngokusho komThethosisikelo wezwe nengxenye yemali yentela etholakala kuphethroli nodizili enikwa amadolobha amakhulu kuphela. Le mali abayithola ngale ndlela ayinamibandela.

Isamba esiwuR52.5bn yimali yengqalasizinda ehambisana nemigomo ethile omasipala okufanele bayilandele ngokusebenzisa le mali. Omunye wale migomo uthi uma kuphele unyaka wezimali umasipala ungakayisebenzisi le mali kufanele uyibuyisele emuva, ngaphandle uma umasipala ukwazi ukubeka izizathu ezemukelwa wumGcinimafa.

Ekupheleni kwangoJuni omasipala bebesele noR12.5bn (u-27%) wale mali enemibandela, phecelezi ama-conditional grant, abebengakayisebenzisi. UmGcinimafa uthi esinye sezizathu esenza kuphele unyaka omasipala benemali abangakayisebenzisi ukuphuza kwabo ukuthula izinhlelo zabo ngezinhlelo zokusebenzisa le mali ngesikhathi. Ingxenye enkulu (uR12.1bn) yale mali okuphele unyaka ingakasetshenziswa yileyo ebhekene ngqo nokwakha nokuvuselela ingqalasizinda kagesi, amanzi nemigwaqo.

Umbiko womGcinimafa uveza ukuthi iyanda imali omasipala abayikweletwa yizakhamuzi, osomabhizinisi neminyango yohulumeni. Ifinyelele kuR484.5bn (wuR427.7bn) ekupheleni kwangoJuni. Ingxenye enkulu yale mali yileyo ekweletwa izakhamuzi enyuke yafinyelela kuR341.3bn (uR307.5bn), kulandele amabhizinisi noR107.7bn nezinye neminyango kahulumeni (uR26.2bn).

Umbiko womGcinimafa, oholwa wuMnu u-Enoch Godongwana, ukhombisa akuzona izakhamuzi kuphela ezikweleta omasipala kodwa neminyango kahulumeni

Ingxenye ekweletwa yizakhamuzi kulindeleke ukuthi iqhubeke inyuke minyaka yonke ngenxa yesimo somnotho, ukwanda kwabantu abaswele umsebenzi nokunyuka kwezindleko zempilo. Okunye wukuthi osopolitiki abekho magange ukuthathela izakhamuzi namabhizinisi angakhokhi izikweletu izinyathelo ezinqala. Loku kubonakala ngokuthi ingxenye enkulu (uR427.2bn) yalesi sikweletu yimali esekunezinyanga ezingaphezu kwezintathu ingakhokhiwe.

Enye inkomba yezinkinga zomasipala wukwanda kwemali abayikweletayo. Inyuke yafinyelela kuR185.2bn (uR156.1bn). Ingxenye enkulu imali abayikweleta i-Eskom (uR99.9bn), kulandele eyamanzi ewuR30.5bn.

Kunegebe nokho phakathi kwesamba esibikwa wumGcinimafa nesibikwe yi-Eskom. Ngesikhathi le nkampani ithula umbiko wayo wezimali wango-2025/26 ekupheleni kwango-Agasti yabika ukuthi omasipala bebeyikweleta uR111.6bn ekupheleni kwangoJuni. Yathi uma kungathathwa izinyathelo ezinqala lesi samba singanyuka sifinyelele kuR358b ngonyaka wayo wezimali u-2031. Yonke le mininingwane ikhomba izinkinga imikhandlu emisha ezokhethwa ngoNovemba ezobhekana nayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page