Usuku loKhetho loHulumeni beNdawo umhlaka-4 wangoNovemba luzobayiholidi lomphakathi eNingizimu Afrika. Isithombe: Sithunyelwe

Usuku loKhetho loHulumeni beNdawo luzobayiholidi ezweni lonke

YINTATHELI YOMBELE

UMENGAMELI uMnu uCyril Ramaphosa usememezele ukuthi umhlaka-4 wangoNovemba uzobayiholidi ezweni njengoba kuzobe kunoKhetho loHulumeni beNdawo. Lesi sinqumo senziwe ngaphansi kweSigaba 2A somThetho wamaHolidi omPhakathi wango-1994.

Khonamanjalo, ngoMsombuluko, mhlaka-21, i-Independent Electoral Commission (i-IEC) imemezele ukuthi sekuvuliwe ukufaka ivoti eliyisipesheli kubavoti abangeke bakwazi ukuvotela ezikhungweni ababhalise kuzona ngenxa yezizathu ezinqala.

URamaphosa unxuse bonke abantu ababhalisele ukuvota ukuthi basebenzise leli holidi ukuvota. Uthe ukuvota kunika izakhamuzi ithuba lokukhetha abantu abazobamela kuhulumeni wendawo futhi babambe iqhaza ekuthatheni izinqumo ezithinta izindawo abahlala kuzona.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/09/16/kuxwayiswe-omasipala-ngokushoda-kwamanzi-ngaphambi-kokhetho/

Abavoti bakhunjuzwa ukuthi bayokwazi ukuvota esiteshini sokuvota esisewadini ababhalise kuyona kuphela kanti abangeke bakwazi ngenxa yesizathu esizwakalayo bayokwazi ukuvota isipesheli.

Loku kusho ukuthi noma ngubani ohlela ukuhamba ngosuku lokhetho ngeke akwazi ukuvotela kwenye indawo ngaphandle kwewadi abhalise kuyo.

URamaphosa uphinde wanxusa abaqashi ukuthi banike izisebenzi ithuba lokuyovota ngomhlaka-4 wangoNovemba njengoba ukuvota kuyilungelo elisemthethweni lawo wonke umuntu.

Mayelana nevoti eliyisipesheli, kufanele ufake isicelo ukuze ukwazi ukuvota ngesikhathi esikhona kwi-timetable, inqobo nje uma ubhalisele ukuvota kodwa ungeke ukwazi ukuvotela lapho ubhalisele ukuvota khona ngosuku lokhetho.

Ngokwemithetho ye-IEC, ungakwazi ukuvota ngale ndlela uma ubuthaka empilweni, unokukhubazeka, ukhulelwe noma ungeke ukwazi ukuvota esikhungweni sokuvota obhalise kusona ngosuku lokhetho.

Ukufaka isicelo ungangena ku: www.elections.org.za noma ungene ngqo ku: https://registertovote.elections.org.za/voter/specialvotes/application/submit bese ulandela imiyalelo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page