UNksz uNoluthando Zungu, umsunguli we-Amandlenkosi Farms yaseNyandezulu, ePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yaKwaZulu-Natali, etshala amaveji ifuye izinkukhu zamaqanda nezenyama. Izithombe: Zithunyelwe

Ukubayintombikayise kwatshala uthando lwezolimo nemfuyo

WUTHOBILE ZWANE

UKUKHULA ebona uyise etshala futhi efuya kwenza intokazi yaKwaZulu-Natali yajwayela ukudla okutshalwe ekhaya. Yafunda kuyena ukuthi ukuzitshalela ukudla kungabawusizo olukhulu ngezikhathi ezinzima, ikakhulu uma kubhoke indlala.

UNksz uNoluthando Zungu waseNyandezulu, ePort Shepstone, ogwini oluseningizimu, uthando lwezolimo aluthola kuyise lwamfaka umqondo wokuqala ibhizinisi, wasungula i-Amandlenkosi Farms, elixube ukulima nokufuya izinkukhu zamaqanda nezenyama.

Waqala ibhizinisi ngo-2020. “Ngaleso sikhathi imindeni eminingi yabhekana nobunzima bokuthola ukudla, okwenza ngabona ukuthi ukulima nokufuya kungabayindlela yokuziphilisa kodwa ziphinde zibenegalelo ekusizeni umphakathi,” kusho yena.

“Ngikhule ekhaya ubaba ekhonze ukulima, nami ngafunda okuningi kuyena ngakho. Kwenze ukuthi kubelula ukuziqalela ibhizinisi lami ngoba sengibona ukuthi kwase kushube kangakanani ezweni ngaleso sikhathi, abantu bedinga ukudla okunempilo,” kukhumbula uNksz uZungu.

Waqamba leli bhizinisi ngegama lendodakazi yakhe eneminyaka emihlanu u-Amandlenkosi, ngenhloso yokwakha into ezobawusizo emndenini wakhe nasemphakathini.

Ugabe ngeziqu i-Diploma in Agriculture yaseCedara College of Agriculture nasohlelweni lokucija osomabhizinisi olwenziwa yi-Esayidi Business Incubator.

Uthi ulwazi aluthole kulezi zinhlelo lumsizile ekuthuthukiseni indlela aphatha ngayo ibhizinisi, kusukela ukuphatha izimali kuya ekuqondeni izidingo zamakhasimende nokubheka amathuba okukhula.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/09/08/ulima-ngobuhlakani-bobuchwepheshe-obungadingi-nhlabathi/

Uthi usuku lwakhe luqala ngokulungiselela izingane zakhe ukuya esikoleni, uthi akasavuki ekuseni kakhulu njengakuqala. Wayevuka ngabo-4 ekuseni kodwa manje uvuka ngabo-5 njengoba izingane ziphuma ziya esikoleni ngabo-6:30. Ngo-7 ekuseni usuke eseqala ukuyobheka ukuthi imisebenzi yebhizinisi ihamba kanjani.

“Njengoba imisebenzi yami isezindaweni ezihlukene ngiyahamba ngiyobheka ukuthi kuhamba kanjani. Uma kumele ngibesehhovisi, ngiyakhona kanti uma kukhona ama-oda angidingayo, ngiyahamba ngiyosebenza ukuze kuqiniseke ukuthi umsebenzi uyaqhubeka,” kusho yena.

Ukusebenza kanzima sekwenze i-Amandlenkosi Farms yakhula njengoba izinkukhu zenyama nezamaqanda namaveji, okubalwa kuwona iklabishi, isipinashi notamatisi ne-butternut, sekuthengwa abantu abasuka ezindaweni ezihlukene. I-Amandlenkosi Farms inezisebenzi ezinhlanu eziqashwe ngokugcwele neziyisikhombisa zetoho.

Amanye amachwane e-Amandlenkosi Farms

UNksz uZungu uthe ibhizinisi selinamakhasimende eThekwini naseMbizana, eMpumalanga Kapa, adayisele nezindawo zokudlela ezisePort Shepstone namaphethelo.

Uthi iminyaka yokuqala yebhizinisi idinga ukuthi uzidele, ukusebenza amahora amaningi nokukwazi ukubhekana nezinkinga ezivela ngendlela. Ukuntuleka kwemali eningi noma ukungakatholi usizo akumele kube yisizathu sokuthi umuntu ayeke ukuzama.

Ispinashi esinempilo se-Amandlenkosi Farms

Uthi ukuqala ibhizinisi akufanele kukucabangise ukuthi uzothola isikhathi sokuphumula. “Akukholula konke njengoba abanye abantu becabanga. Kufanele usebenze ngokuzikhandla, futhi uhlale uqikelele ukuthi zonke izindlela zokuphatha ibhizinisi zihamba ngendlela efanele.

“Okunye okubalulekile wukuhlonipha ibhizinisi namakhasimende akho, ahlale ehamba phambili kuwena ukuze konke kuzohamba ngendlela efanele,” kucebisa yena.

UNksz uZungu ufisa ukukhulisa izinkukhu namaveji afinyelele kwamanye amakhasimende futhi aqhubeke nokusebenzisa ezolimo nokufuya njengendlela yokwakha amathuba nokwenza umehluko emphakathini.

Facebook:  Noluthando Buthelezi Zungu

Instagram: @thando_amandlenkosifarms

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page