Imboni yokuvakasha eThekwini yenza kahle
YINTATHELI KAMASIPALA
IMBONI yokuvakasha eThekwini iyaqhubeka nokusebenza njengoba zanda izivakashi ezivela kwezinye izindawo zaseNingizimu Afrika ezivakashela kuleli dolobha. Izivakashi zakwamanye amazwe nazo ziyanda, nakuba kunezinselelo emnothweni emhlabeni.
Loku kuvele emhlanganweni wePresidential Working Group (iPEWG) obubheka izindlela zokuvuselela imboni yokuvakasha, osanda kubaseMhlanga. Izinhlaka zemboni yokuvakasha bezibuyekeza obekwenzeka kule mboni ekuqaleni konyaka futhi ziza nezindlela zokukhulisa umnotho wezokuvakasha.
Inhloko yokucungula imininingwane eSouth African Tourism uMnu uMelusi Mngomezulu ibike ukuthi izivakashi zakwezinye izifundazwe yizona ezandisa isibalo sezivakashi eThekwini.
UMngomezulu uthe phakathi kwangoJanuwari nangoMeyi, izivakashi zivakashe izikhawu eziwu-1,8 million zisuka kwezinye izifundazwe ziza eThekwini, zasebenzisa uR14,5 billion.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/18/kuhlangene-imboni-yokuvakasha-ukufukula-umnotho-wasethekwini/
“Yize le mali ingeningi kakhulu kodwa inyukile uma siyiqhathanisa neyangonyaka odlule futhi inyuke ngo-38% uma siyiqhathanisa neyango-2024. Izindawo zokuhlala izivakashi nezokudlela yizona ezikhombisa ukukhuphuka kwezibalo zezivakashi. Izivakashi ezivela kwamanye amazwe zibewu-134 900, zasebenzisa uR416,2m ngaleso sikhathi,” kusho yena.
UMngomezulu uthe nakuba le mali iphansi kuneyayisingenile ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule kodwa iphezulu kuneyango-2024. Izivakashi ezivela e-United Kingdom, eMelika, eMozambique, e-Australia nase-United Arab Emirates ziyanda. Uthe ziyakhula nezivakashi zakwamanye amazwe ase-Afrika, okukhona kuwona iZambia, iKenya neTanzania.
Umqondisi woPhiko lokuThuthukisa umNotho nokuHlela nongomunye wosihlalo bekomiti lezokuvakasha kwiPEWG Worksteam 4 uMnu uLihle Phewa uthe izibalo zikhombisa ukuthi idolobha laseThekwini liyaqhubeka nokuheha izivakashi.
Uthe: “Asisagxilile ekunyuseni isibalo sezivakashi kuphela kodwa sifuna ziphatheke kahle, zibone izinto ezihlukene, zihlale isikhathi eside, zisebenzise imali eningi futhi zibenomphumela omuhle emabhizinisini, umphakathi nasekukhuliseni umnotho waseThekwini.
“Asingabazi ukuthi imboni yokuvakasha izokhula ngenxa yokusebenzisana okuhle okuqhubekayo phakathi kukahulumeni nemboni ezimele.”

