Umphathi webhange lombuso e-Angola iBanco Nacional de Angola uMnu uManuel Tiago Dias nomphathi weBhange lomBuso futhi owusihlalo wekomiti labaphathi bamabhange eSouthern African Development Community (iSADC) uMnu uLesetja Kganyago bethakasela ukuthula ikwanza ezinhlelweni zeSADC izolo. Isithombe: Sithunyelwe

Amazwe eSADC asezohweba ngekwanza yase-Angola

YINTATHELI YOMBELE

EMVA kweminyaka kusebenza irandi ukukhokhela izimpahla uma kuhwebelana amazwe ase-Afrika eseningizimu sekuzosebenza nekwanza lase-Angola.

Izolo umphathi weBhange lomBuso iSouth African Reserve Bank uMnu uLesetja Kganyago nowusihlalo weSouthern African Development Community Committee of Central Bank Governors (iCCBG) nomphathi webhange lombuso lase-Angola iBanco de Nacional de Angola uMnu uManuel Tiago Dias basayine isivumelwano sokuthi sekusebenza nekwanza yase-Angola ukuhwebelana.

Loku kusho ukuthi amazwe eSouthern African Development Community (iSADC) awasadingi ukuthi ashintshe ikwanza uma kunezwe elikhokha ngayo ibe yirandi.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/08/23/maningi-amathuba-okuhweba-okungenzeka-aqhamuke-ezimbabwe-kuloba-untokozo-biyela/

UKganyago uthe ukuthula ikwanza kwiSADC kuhambisana nezinhlelo zabo zokuqinisekisa ukuthi uhwebo lwaleli qoqo lamazwe luhambisana nezikhathi zamanje futhi kuyingxenye yokufeza izinhlelo zabo ababezenze emhlanganweni weG20 mayelana nokukhokhelana kwamazwe uma ehweba.

Loku uthi kuzosiza ukunciphisa izindleko, kusheshise isikhathi sokuhwebelana kwamazwe. “Ikwanza yimali yesibili esiyithulayo ukuthi sihwebelane ngayo kwiSADC. Lo msebenzi besiwenza ngerandi kuphela kusukela ngo-2013 ngesikhathi siqinisekisa ukuthi amazwe ase-Afrika eseningizimu asebenzisa imali eyodwa uma ehwebelana. Awu-15 amazwe asebenza ngaphansi kwemithetho esiyishayile kwezohwebo e-Afrika eseNingizimu,” kusho yena.

UKganyago uthe amazwe ngeke esakhokha imali eyengeziwe ukushintsha imali yawo ibeyirandi, nokuzokwehlisa umthwalo kumakhasimende awo. Maduze bahlela  ukufaka imali yaseBotswana, ipula nokuzoqinisekisa ukuthi iSADC isebenzisa izimali ezihlukene ukuhweba nokuzokwenza ukuthi umnotho uhlale kwiSADC, kwazise izobe ingasekho imali yangaphandle amazwe eSADC okufanele ashintshele kuyona ngaphambi kokuhwebelana.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page