Owayezenzela okuzosiza yena useyingcweti yezinto zepulangwe
WUTHOBILE ZWANE
NGENKATHI abantu abaningi bevaleleke emakhaya ngesikhathi se-COVID-19, insizwa yaseBloemfontein eneminyaka ewu-27 yathi ifundela ekhaya yazifundisa ukwenza ifenisha ngokubuka ama-video kuYouTube.
Namuhla uMnu uThabang Shinners, yaseRocklands, eHamilton, usenebhizinisi elenza izinto zepulangwe ezingavamile ezinjengamatafula ama-laptop agoqekayo nezinye iThaPlanka. Yenza amatafula ama-laptop anezindawo zokubeka inkomishi, ama-coffee table, ama-wine rack, izihlalo ze-yoni steam, ama-braiding hair rack, ama-tray, o-wardrobe, ama-headboard namakhabethe.
Le nsizwa ene-Bachelor of Computer Information Systems yase-University of the Free State, ithi ngesikhathi kuvalwe izwe, amanyuvesi ayefundisa online, okwakuyihlalisa embhedeni isikhathi eside ifunda.
“Ngabona ukuthi kwakungabalula kakhulu ukubanetafula eligoqekayo le-laptop. Yilapho kwafika khona umqondo weThaPlanka,” kusho yena. Uthi ngemva kokuqeda ukubhala izivivinyo wazakhela itafula.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/04/13/umshayeli-wetekisi-usenza-ifenisha-enobuciko-besintu/
“Ngangena online ngabheka umshini i-circular saw ongabizi kakhulu, ngathola owawubiza uR700 ngisebenzisa imali engangiyibekile,” kusho yena.

U-Shinners ematasa nomsebenzi wezandla azifundise wona
Uthi enye yezinto eyamkhuthaza ukuthi angene kulo mkhakha wukuthi uyise wenza amakhabethe.
Wazifundisa ngokubuka ama-video kuYouTube. Ngo-Agasti ka-2020 waqala ukuthatha ama-oda okwakhela abantu amadeski. U-Shinners uthi: “Ngabona ithuba ngoba abantu abaningi babesebenzela emakhaya kanti nabafundi babefunda online.”
Uthi manje usefundisa futhi acije abantu abafuna ukufunda ukwenza ifenisha. Ukubacija kuthatha izinsuku ezinhlanu kanti kubiza uR1 500. Izimpahla zakhe ziqala kuR380 kuya kuR3 500.

Itafula le-laptop eligoqekayo leThaPlanka
Uthi ngesikhathi eqala ibhizinisi wayedayisa imikhiqizo yakhe ngamanani aphansi ukuze ahehe amakhasimende. Ngemva kokuzakhela igama lebhizinisi nokuthola amakhasimende amaningi, wanyusa amanani ukuze ahambisane nenani lemikhiqizo yakhe.
Uthi ukuqala ibhizinisi kwakungelula kodwa wayezimisele ukuthi liphumelele. Useqashe izisebenzi ezingaphezu kweziyishumi, ezihlanganisa eziyitoho neziqashwe ngokugcwele.
“Ngisaqala ngangingakwazi ngisho ukusebenzisa imishini i-circular saw, i-angle grinder, i-jigsaw namanye amathuluzi,” kusho yena. “Ngafunda ukuwasebenzisa ngokubuka online. Ngaze ngazakhela ne-table saw ngisebenzisa isicabha esidala,” kusho yena.

Ikhabethe elenziwe yiThaPlanka
Iseluleko sakhe kubantu abafisa ukuqala ibhizinisi sithi abaqale ngezinsiza abanazo, basebenzise ulwazi olutholakala mahhala online ukuze baqhubeke bephucula ikhono labo.
U-Shinners uzimisele ngokukhulisa iThaPlanka ingagcini ngokusebenza eBloemfontein kuphela, ibeyinkampani enama-franchise ezweni lonke.
Facebook: ThaPlanka
Instagram: ThaPlanka


