Kuleli sonto izimakethe zemali zizoqaphela amanani kawoyela ongahluziwe. Isithombe: yiMagnific

Amanani kawoyela aseqalile ukuzwela emnothweni

YINTATHELI YOMBELE

EMVA kokuthi iBhange lomBuso linyuse imalimboleko ngo-25 basis points ngesonto elidlule, kuleli sonto izimakethe zizobheka umphumela wokunyuka kwamanani kawoyela ongahluziwe emnothweni wezwe.

Kuleli sonto kuzophuma izibalo ze-Absa Manufacturing Purchasing Managers Index (iPMI), inkomba yesimo somnotho sokudingeka nokudayisa izinto, nezeS&P Global PMI ezizocacisa ukuthi amabhizinisi abhekana kanjani nezindleko ezikhuphukayo zikawoyela, ukungahlaliseki kwabantu nabathengi ngesimo sokukhuphuka kwezindleko nomphumela wako kubathengi.

Kusasa kuzophuma izibalo zeRMB/BER Business Confidence Index (iBCI), isikali sethemba losomabhizinisi ngesimo somnotho ezweni. Kusasa belu iS&P Global izokhipha umbono wayo ngesimo seNingizimu Afrika, lapho kuzobe kubhekwe ngabomvu ukuthi iliklelisa kanjani izwe.

Abatshalimali bazobe befuna isiqiniseko sokuthi izinguquko ezinhle ezenziwe ezweni ngokulawula imali kuhulumeni nezikweletu zithela izithelo ezinhle futhi zakhela iNingizimu Afrika igama elihle lokukweleta.

FUNDA NALAPHA: Amehlo azobe ethe njo eBhange lomBuso

Phesheya kuzobhekwa izibalo zamandla emali nezabantu abaswele umsebenzi njengoba kulindeleke ukuthi amabhange omhlaba aqinise isandla.

EYurophu kuzobhekwa ukuthi ukuphazamiseka kokuphakela ugesi namanani awo kunamuphi umphumela kanti eMelika ngoLwesihlanu kuzobhekwa izibalo zabantu abangasebenzi nokuntenga kwamandla emali.

Izibalo ze-producer price inflation (iPPI) zezimpahla ezikhiqiziwe eminyakeni emibili edlule zimi ku-4,8% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka ngo-Ephreli, zisuka ku-2,3% ngoMashi. Ukunyuka kwe-PPI kwenziwa wukukhuphuka kwamanani emikhiqizo kaphethroli, awamakhemikhali, awenjoloba naweplastiki (ngo-11,8% noma u-2,5 percentage points), nawokudla, iziphuzo nemikhiqizo kagwayi (ngo-1,9% noma u-0.6 percentage points).

Uma kubhekwa izibalo zenyanga nenyanga iPPI inyuke ngo-3% ngo-Ephreli, okuyisibalo esiphezulu kusukela ngo-2012, esilandelwa wu-2.5% sangoMashi wango-2022 ngenxa yempi yeRussia ne-Ukraine.

Imikhiqizo eholele kulesi sibalo ngokwenza kahle yi-coke, uphethroli, amakhemikhali, injoloba nemikhiqizo yeplastiki enyuke ngo-12,8%. Amanani kadizili osetshenziswa abakhiqizi abaningi akhuphuke ngo-39,4% uma kuqhathaniswa inyanga nenyanga, okukhombisa izibalo zokukhuphuka kwawo emhlabeni nomphumela omubi owenzeka kubakhiqizi.

Izibalo zokudayisa izimoto zikhombisa ukuthi kunyuke ngo-14,7% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka ngoMashi ngemva kokunyuka ngo-5,6% ngoFebhuwari. Ukudayisa kwezimoto ezintsha kubewu-23,4%, kwathi ezindala kwanyuka ngo-19,1% kwathi uphethroli wanyuka ngo-9,5%.

Yize kubukeka sengathi ukudayisa izimoto kunyukile kodwa ukudayisa kwezintsha kwehle ngaphezu kwango-1%. – Le mininingwane ithathwe kwiBureau for Economic Research

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page