UmXazululi weziNdaba zeMpesheni uMnu uLebogang Mogashoa uhlawulise isikhwama sempesheni esiphula umthetho. Isithombe: Sithunyelwe

Isikhwama sempesheni esesilindise owesifazane iminyakanyaka sizokhokha imali isinenzalo

YINTATHELI YOMBELE

SEZIQALILE ukukhokha izikhwama zempesheni ezingasheshisi ukuphendula abantu njengoba umXazululi weziNdaba zeMpesheni uMnu uLebogang Mogashoa eyalele isikhwama ukuthi sikhokhe imali isihamba nenzalo.

UMogashoa uthole udaba lukamame owafaka isicelo semali yomhlalaphansi yomyeni wakhe osashona ngo-2017 kodwa walinda cishe iminyaka eyisishiyagalolunye engayitholi. Izinto ziqale ukunyakaza ngemva kokuthi esefake udaba lwaso eHhovisi lomXazululi weziNdaba zeMpesheni ngoJuni wangonyaka odlule.

Kuthiwa lo mame ubondliwa yindodana yakhe, imsiza ngezindleko zokuya kudokotela, ikhokhela nomasingcwabisane. Ngemva kokushona kwayo ngo-2017 yashintsha kakhulu impilo yalesi salukazi.

Izimali zikamufi zazikwiChemical Industries National Provident Fund kusukela ngoJulayi wango-2013 kuze kubewu-Ephreli wango-2017. WayenoR40 588,34 kusona kanti uMogashoa uyalele ukuthi isalukazi kufanele sithole leyo mali isinenzalo ewu-10.25% unyaka nonyaka kusukela ngomhlaka-2 wango-Agasti wango-2018 kuzekubewusuku esizokhokha ngalo.

Isikhwama sithe emva kokuthola isikhalo ngonyaka odlule saphenya, sathola ukuthi umufi akaveli emabhukwini aso. Sithi sadlulisela udaba kwababephethe isikhwama kudala ngoNovemba wonyaka odlule, okuyi-Akani Retirement Fund Administrators neNBC. I-Akani yathi ayimtholanga kodwa iNBC Holdings yathi uphenyo lwayo luthole i-email yangomhlaka-22 wango-Agasti ngo-2017, lapho iLiberty yayiqinisekisa ukuthi ikhokhe imali kamufi ewuR394 205.28 iyifaka kwiCINPF Raubex Group ngomhlaka-11 wango-Agasti wango-2017.

FUNDA NALAPHA: Kuphelile ukuziba umXazululi weziNdaba zeMpesheni

I-NBC ithe isazophenya ukuthi imali yakhokhwa kanjani ngo-2017 kanti uma kuwukuthi ayizange ihlukaniseke kahle, abaphethe isikhwama bazoxoxa ukuthi bazolusombulula kanjani lolu daba ukuze imali ikhokhwe ngendlela efanele.

UMogashoa ugxeke ibhodi yesikhwama sempesheni, wathi iqale ukuphendula ngoDisemba wonyaka odlule yize udaba seluneminyaka ecela kweyisishigalolunye. Uthe namanje ayikwazi ukuphuma nemininingwane eqinisekisiwe ngokukhokha imali. Uthe ayizimisele ngomsebenzi nangokusheshisa ukuxazulula izindaba zabantu.

Uthe kubalulekile ukuthi ibhodi yenze umsebenzi wayo ingaviki ngokuthi isikhwama sashintsha ukuphathwa kwaso ngoba kufanele kucace ukuthi imali yakhokhwa noma ayikhokhwanga. Uthe kufanele ilandele umthetho, igcine amabhuku namaminithi emihlangano.

“Okukhathaza kakhulu wukuthi amabhuku aphethe konke ngezimali zabantu nokwenzeka ngazo kubonakala sengathi ebengagciniwe kahle ukulandela umthetho wezimpesheni. Ukuba bekunomuntu wangaphandle oqinisekisa konke okwenzekayo ngabe kuyacaca ukuthi imali yakhokhwa noma cha. Ukungabinale miningwane akuhambisani nemithetho yokuphatha kahle izimali,” kusho yena.

Uyalele lesi sikhwama ukuthi siphothule uphenyo ngaphansi kwesigaba 37C sezimpesheni bese sikhokhela bonke abafanele imali ezobe isihambisana nenzalo ewu-10.25% kusukela ngo-Agasti wango-2017 kuze kube wusuku esizokhokha ngalo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page