Umjikelezo wesabelomali esihlongozwa wumasipala uqale entshonalanga
YINTATHELI KAMASIPALA
BEZIPHUME ngobuningi bazo izakhamuzi zaseMpumalanga namaphethelo ukuyolalela izinhlelo zikaMasipala waseThekwini ngesabelomali osihlongozayo esiwuR74.7 billion.
Abantu baseMpumalanga yibona ababonwe kuqala njengoba umasipala uzoya ezindaweni ezihlukene ukuchaza ngesabelomali.
Intshonalanga yaseThekwini inikwe uR522 million kwisabelomali, le mali izosebenza kuWadi 1, u-2, u-4, u-5, u-6, u-7, u-8, u-9, u-10, u-91 no-103.
Le mali kulindeleke ukuthi yakhe ingqalasizinda okubalwa kuyona imigwaqo, izindlu, eyokukhuculula amanzi, ukwakha imitapo yolwazi nezinkundla zemidlalo.
Imeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba ichazele abantu ngezinhlelo zokukhulisa umnotho kulesiya sifunda.
Ikhulume ngentuthuko kaR15bn yaseNtshongweni nekaR10bn yeCato Ridge Logistics Park.
FUNDA NALAPHA: Isabelomali esihlongozwayo sika R74.7 billion ne-IDP ka 2026/27
UXaba ubonge abantu ngokuzobeka imibono yabo ngesabelomali. “Asizile lapha ngoba sigcina icala kodwa ngoba sifuna ukukhombisa ukuthi siyasebenza siwumasipala. Kubalulekile ukuzobonisana nani. Imibono eniyibekayo sizoyibheka uma sesenza isinqumo sesabelomali.”
Izakhamuzi zichazelwe ngamaphuzu abalulekile esabelomali anjengokuthi imali ifakwa kanjani ezinhlelweni ezithile nokubaluleka kokuhlinzeka umphakathi ngezidingo.
Izikhulu zikamasipala zibuye zachaza nangezinhlelo zokusimamisa izindawo ezihlukene ezenza intshonalanga yaseThekwini ihambe phambili ekutshaleni imali.
Umphakathi ukhulume ngenkinga yamanzi, ukuphela kukagesi, ukungabibikho kwezindlu ezanele, isidingo sokuhlomisa intsha ngamakhono, isimo esingesihle semigwaqo, ingqalasizinda yamanzi engekho sesimweni esifanele nangokungabibikho kwamathuba omsebenzi.
Isabelomali esihlongozwayo siyatholakala kwi-website kamasipala ku: durban.gov
Umphakathi uyanxuswa ukuthi uthumele imibono ku: comments2021@durban.gov.za
Imininingwane ngokuthi umasipala uzoya kuziphi izindawo ukuyochaza ngesabelomali osihlongozayo zizotholakala emakhasini kamasipala ezinkundleni zokuxhumana nasemithonjeni yezindaba yezindawo.

