UMasipala waseThekwini usebenzisana nemboni ezimele ngohlelo lukamengameli
YINTATHELI YOMBELE
UHLELO lukamengameli i-Presidential eThekwini Working Group iPEWG, oluhlose ukuphucula ukusebenza kukaMasipala waseThekwini, luthela izithelo ezinhle.
Kuleli sonto izisebenzi zeHhovisi likaMengameli, ezikamasipala nemboni ezimele bahlangene e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini ukubheka umsebenzi osuwenziwe.
Umengameli waseNingizimu Afrika uMnu uCyril Ramaphosa wasungula iPEWG ukuqinisekisA ukuthi umasipala uphethwe ngendlela efanele, uhambisa izidingo kubantu futhi uqinisekisa ukuthi ingqalasizinda isebenza kahle ukuze kungaphazamiseki abantu nokusebenza kwamabhizinisi.
Umhlangano uvulwe wusihlalo wePEWG uMnu uMichael Mabuyakhulu. Uthe abazange bagcine ngokubhala phansi okufanele kwenziwe kodwa baqinisekise ukuthi kuyenzeka, kulandelwa umthetho futhi kuphuthunywe.
Uthe: “Kubalulekile ukuthi sisebenzisane nemboni ezimele futhi kunesidingo sokuthi sisungule ihhovisi elizimele elizophatha izindaba zokusebenzisana phakathi kukahulumeni nemboni ezimele.
“Kuzobaluleka ukuthi ihhovisi libenohlelo olucacile lokusebenza ngemithetho elizoyilandela. Sibonile ukuthi imboni ezimele izibophezele ukusebenzisana nohulumeni ukuhambisa izidingo.”
FUNDA NALAPHA: Banethemba elisha osomabhizinisi baseKZN
Imenenja kamasipala ebambile uMnu uSipho Cele ithe umasipala udinga uhlelo olucacile noluthembekile lokubambisana nemboni ezimele.
UCele uthe umgomo abawakhayo kwiPEWG luzozilungisa izinselelo ezindala ebezinqinda ukusebenzisana kwemboni ezimele nohulumeni, okukhona kuzona imithetho nokungasetshenziswa kahle kwayo.
“Lo mgomo uzoqinisekisa ukuthi kunendlela eyaziwayo eveza konke obala esizoyisebenzisana uma sakha ubudlelwano nemboni ezimele. Buqinisekisa ukuthi silandela umthetho buvikele izimali futhi buqinisekise ukuthi sihambisa izidingo kubantu ngendlela engamosi imali,” kuyo yena.
Isikhulu esiphezulu seDurban Chamber of Commerce and Industry uNkk uPalesa Phili sikuthakasele ukubayingxenye yokwakha uhlaka lokusebenzisana phakathi kwemboni ezimele nohulumeni.
Sithe imboni ezimele izimisele ukusebenzisana nomasipala ukulungisa izinselelo ezihlukene, abale kuzona eyengqalasizinda, amanzi nokuwakhuculula nezamandla.
“Ukusebenzisana kwethu kuzoqinisekisa ukuthi kutshaleka imali kumasipala, kuphuthumise ukuthumela izidingo kulesi sifunda futhi imboni ezimele isilindele ukuthi lo mgomo ufinyelele emaphethelweni ukuze ubudlelwano buzobalula,” kusho uNkk uPhili.

