Uhulumeni uzoxegisa ijoka ngokwehlisa intengo kaphethroli
YINTATHELI YOMBELE
INTELA ebanjwa kuphethroli izokwehliswa ngoR3 kusukela kusasa. UmNyango weziMali uthe loku kwenzelwa ukuphungulela umphakathi umthwalo njengoba kulindeleke ukuthi intengo kaphethroli inyuke mawala ngenxa yempi eseMiddle East.
Esitatimendeni lo myango osithumelele abezindaba ngokubambisana nomNyango wokuMbiwa Phansi, uthe lena ngenye yezindlela ezimbili zokusiza umphakathi.
“Ungqongqoshe womNyango weziMali (uMnu u-Enoch Godongwana) uphakamisa ukuthi intela ebanjwa kuphethroli incishiswe ngoR3 ilitha kusukela ngoLwesithathu wangomhlaka-1 wango-Ephreli kuya ngomhlaka-5 wangoMeyi wango-2026. Lokhu kuzonciphisa intela kaphethroli isuke kuR4.10 iye kuR1.10 ilitha, kuthi ekadizili isuke kuR3.93 iye kuR0.93 ilitha inyanga eyodwa. Le mali ayiyifaki enye intela efana nalena yesikhwama sezingozi ne-carbon fuel levy.
“Kulinganiswa ukuthi loku kusho ukuthi uhulumeni uzophunyukwa wuR6 billion
wemali ebizongeniswa yile ntela ngenyanga eyodwa. Sizobuyekezwa lesi sinqumo njalo ngenyanga izinyanga ezimbili zilandelana,” kusho isitatimende.
Uhulumeni uthe uzobuye uyithole indlela yokungenisa le ntela ezowuphunyuka ngokuqhubeka kwesikhathi.
- Mayelana nendlela yesibili, le minyango ithe kukhona uhulumeni osakuhlanganisa ukubhekelela wonke umuntu futhi nomsebenzi wokubuyekeza indlela amanani kaphethroli anqunywa ngayo uyaqhubeka.
Uhulumeni unxuse abantu ukuthi bayeke ukuthenga uphethroli abazowubeka nokutatazela ngoba kunovalo lokuthi uphethroli uzoshoda. Uthe kunophethroli owanele izidingo zezwe.

