Impi eseMiddle East isiqala ukuzwela emakhaya abantu abampofu
YINTATHELI YOMBELE
IMPI eseMiddle East izonyusa amandla emali bese kunyuka izindleko zokuthutha kubantu abanezimoto zabo nakwabahola kakhulu kodwa abazoshayeka kakhulu abahola kancane.
Ukunyuka kukaphethroli kusikhombise ukuthi abasebenzisa izimoto zabo bazoshayeka ngenxa yokunyuka kwamanani kawoyela kanti abagibela izinto ezithutha umphakathi ngeke zande izindleko zabo zokugibela.
Njengoba izinsuku zihamba namanani kawoyela eloku enyuka ngenxa yempi eseMiddle East ephakathi kweMelika ne-Israel abalwa ne-Iran kunokukhathazeka kubantu baseNingizimu Afrika ngokuthi amanani kaphethroli azoloku enyuka.
Izingxoxo zabantu bakuleli zwe zikhuluma ngokuthi ngabe azonyuka ngamalini amanani kaphethroli nokuthi kuzokwenzekani emva kwaloko, azonyuka kangakanani amandla emali nokuthi ngabe loku kuzonyusa imalimboleko.
Uma kubhekwa ezokuthutha ezihamba emgwaqweni, sibona ukuthi ukunyuka kwamanani kawoyela kuzonyusa kakhulu izindleko zabasebenzisa izimoto zabo noma ezizimele kunabasebenzisa ezomphakathi.
Uma kubhekwa amandla emali ngezokuthutha nokuthi kwenzekanjani ngesikhathi uphethroli unyuka kakhulu ngo-2022, kuyacaca ukuthi anyuka kakhulu. Ngo-2022 amanani kaphethroli anyuka emva kwempi yeRussia ne-Ukraine. Unswinyo olwenziwa kuwoyela negesi yaseRussia kwaba nomphumela omubi emananini amandla omhlaba njengoba konke okuhambisana namandla kwanyuka.
Amandla emali anyuka aze afinyelela kangango-45.64% uma kubhekwa unyaka nonyaka ngaleyo nyanga. Kolunye uhlangothi imali yokugibela amatekisi yayiwu-19.6% kanti eyamabhasi uma kubukwa ngokwamandla emali yayiwu-9.42%. Amandla emali yokugibela izitimela ayewu-3.4%. Loku kukhombia ukuthi ukunyuka kwamanani kaphethroli kunomphumela omubi emiholweni yemindeni. Njengoba abantu abaningi besebenzisa izimoto ezihamba ngophethroli kusho ukuthi bazoshayeka, kwazise ingxenye enkulu yemiholo iya ezintweni zokuthutha. – Lolu lwazi lucashunwe kwiJohn Loos Economics

