UMnu uTshililo Ramurenbiwa, umsunguli weSgelar Shoes, ibhizinisi lezicathulo zesikole eziqinile laseVenda, eLimpopo. Izithombe: Zithunyelwe

Ukubona opomu kwamkhuthaza ukwenza izicathulo zeSgelar eziyinguganaboya 

WUTHOBILE ZWANE

UKUBONA izingane zaselokishini nezasemakhaya zihamba amabanga amade ukuya ezikoleni kwanika insizwa yaseLimpopo umqondo wokusungula iSgelar Shoes.

UMnu uTshililo Ramurenbiwa, waseVenda, ukhule ewumuntu ophantayo njengoba ethi waqala ukubanebhizinisi eneminyaka ewu-13 ubudala emva kokuthi abazali bakhe beyeke ukumupha imali ayiphatha esikoleni. 

“Nganginebhizinisi lokugunda abantu okuyilona elalingisiza ukuthi ngibenemali ngesikhathi ngineminyaka ewu-13. Kuthe sengisebenzela inhlangano engenzi nzuzo eyayisiza abantu ngezicathulo zesikole, ngathola ukuthi ezazikhiqizwa ngaleso sikhathi zazisuke sezigugile ngoMashi. 

“Wafika kanjalo umqondo webhizinisi ngoba ngangifuna ukwenza izicathulo zethu bantu abamnyama (abahlala ezindaweni ezisemakhaya nasemalokishini), thina esihamba ngezinyawo uma siya esikoleni,” kusho le nsizwa eneminyaka ewu-46.

ISgelar, okuyigama lezicathulo ngesiTsotsi, isungulwe ngonyaka odlule. Leli gama walikhetha ngoba licacise ukuthi izimpahla zalo zenzelwe bani. Yenza izicathulo nezikhwama zesikole. Amanani ezicathulo aqala kuR350 ezezingane, kuthi ezabantu abadala zibewuR450.

ISgelar ayigcini ngokwenza izicathulo kodwa yenza nobhaka

URamurenbiwa uthi elokishini nasemakhaya izicathulo zifana nendlela yokuthutha ngoba yizona abafundi abahamba ngazo. “Izicathulo zethu zakhiwe ngesikhumba esiqinile kodwa zimnandi onyaweni. Abafundi bakwazi ukuzigqoka iminyaka emibili futhi azigugi emzimbeni.”

URamurenbiwa akawufundelanga umsebenzi wokwenza izicathulo kodwa uthi wafundiswa wumngani wakhe waseMozambique owunjiniyela wezicathulo. Yena une-Diploma in Bookkeeping yase-University of South Africa

“Okwamanje asinaso isitolo kodwa abantu bathenga online bese sibenenkundla lapho abazali abathenge izicathulo zethu bekwazi ukuthi bazibuyise sizivuselele kabusha ngokuzifaka ingaphansi uma zingadabukile emzimbeni. Loku sikwenza ngoR60,” yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/11/11/baphendule-usizi-lwayibhizinisi-lezicathulo-eziyinguganaboya/ 

ISgelar Shoes yenza nezicathulo zamantombazane

Njengoba bebaningi abancintisanayo emakethe yezicathulo zesikole uRamurenbiwa uthi abantu abaningi abanayo imali futhi abaqondi ukuthi sibaluleke kangakanani isicathulo sesikole.

“Ukube abazali abaningi bayaqonda ukuthi isicathulo sesikole sibaluleke kangakanani, ngicabanga ukuthi le nkinga ingaxazululeka. Khumbula ukuthi uma ingane igqoke isicathulo esifanele, ibanokuzithemba. 

“Enye into abantu abangayiqondi wukuthi e-commerce isebenza kanjani kodwa baqonda izinkundla zokuxhumana kuphela. Basaba ukuqolwa online uma befuna ukuthenga kuba uyabaxosha uma udayisa kodwa bafuna ukuza esitolo,” kusho uRamurenbiwa.

Yize esembonini eyenza umkhiqizo ojwayelekile kodwa into ehlukile ngebhizinisi lakhe wukuthi lingelokuqala elikhiqiza izicathulo zesikole okwazi ukuthatha i-subscription kulona eNingizimu Afrika. Uma usuyikhasimende labo elijwayele ukuthenga bakushintshela ingaphansi lesicathulo futhi sinegaranti yonyaka.

ISgelar Shoes isiqashe izisebenzi eziyisikhombisa. Ezintathu eziqashwe ngokuphelele, kuthi ezinye zibeyitoho.

Ezinyangeni ezimbalwa uRamurenbiwa manje ufisa ukuba ne-franchise yezitolo, lapho abantu abakholelwa ekuthengeni esitolo bezokwazi ukuthenga izimpahla mathupha.

“Sifisa ukubanama-container emalokishini ahlukene, sidayise izicathulo sengathi sidayisa ufishi nama-chips ngoba ngesinye isikhathi abazali babuya emsebenzini ntambama bathole ukuthi isicathulo sakhe sidabukile, lapho abanaso isikhathi sokuyothenga,” kusho uRamurenbiwa.

Facebook: Sgelar

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page