Usihlalo weKomiti lokuPhatha nezakwaNdabazabantu kuMasipala waseThekwini uMnu uNkosenhle Madlala exoxa nezisebenzi zakwandabazabantu ngokuphucula ubuchwepheshe bokuqasha abantu. Iziithombe: Zithunyelwe

UMasipala waseThekwini uphucula ezakwandabazabantu  

YINTATHELI KAMASIPALA 

IZINSIZA zikaMasipala waseThekwini sezizoshesha njengoba uphucula ubuchwepheshe bokuqasha izisebenzi, obokuqapha ama-shift asetshenziwe nokuletha izinsiza kwizakhamuzi. 

Kuleli sonto iKomiti lokuPhatha nezakwaNdabazabantu, liholwa wusihlalo walo uMnu uNkosenhle Madlala, livakashele umnyango wakwandabazabantu ukuyohlola umsebenzi osuwenziwe ukuphucula ubuchwepheshe. 

Lobu buchwepheze buzobanenkundla entsha yokufaka izicelo zomsebenzi, ezosheshisa ukuphenduleka kwabantu, inciphise ukusebenza kwamaphepha, inciphise amaphutha yenze nokuthi kwazeke ukuthi ubani wenzani, ngasiphi isikhathi. Loku kuzoqinisekisa ukuthi izisebenzi ziyaziphendulela ngezinqumo ezizenzayo. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/12/05/umasipala-wasethekwini-uthuthela-enkundleni-entsha-yokukhangisa-imisebenzi/

Ukuncipha kokufaka izicelo kusetshenziswa amafomu kulindeleke ukuthi kunciphise nokuphindaphindeka kwezicelo zomsebenzi, amaphutha nokulahleka kwamafomu. 

Izisebenzi zikamasipala zakwandabazabantu zimatasa nomsebenzi

UMadlala uthe ukuphucula ubuchwepheshe bakwandabazabantu kuzoxazulula izinselelo ezimbalwa zokusebenza ngokuhlanganisa izinqubo ebezihlukene phambilini zibewuhlelo olulodwa, oluthembekile nolwenzeka ngaphandle kwezihibe. 

Uthe: “Njengoba imisebenzi ishintsha emhlabeni, ukuphucula ubuchwepheshe akuyona nje into ongakhetha ukuyenza kodwa sekuyinto okufanele uyenze. Lezi zinguquko ezenzekayo zizosisiza ukuthi sinciphise isikhathi ebesichitheka uma kuhlungwa izicelo zemisebenzi ebezibhalwa ephepheni. Kuzoqinisekisa ukuthi sisebenzisa isikhathi ukunakekela izakhamuzi zaseThekwini.”

Uthe ukuphucula ubuchwepheshe kuzosusa izihibe, kunciphise inkohlakalo, izisebenzi eziyizipoki futhi kuqinisekise ukuthi zonke zifeza izinhloso zikamasipala. 

“Uma ubuchwepheshe sebuphucukile kuzobalula ukuthi abafuna abantu umsebenzi babusebenzise, bakwazi nokubona ukuthi isicelo somsebenzi sesikusiphi isigaba. Kuzokwenza ukuthi noma sebeqashiwe kubelula ukuthi baqale ukusebenza. Buhambisana ne-Municipal Standard Chart of Accounts ngokuhlanganisa izinsiza ezihambisana nemali nezingayithinti. Buyasiza uma kwenziwa imibiko ngokusebenza kukamasipala,” kusho uMadlala. 

Uthe ukuqeqesha izisebenzi kuzoqinisekisa ukuthi ngoFebhuwari uma lobu buchwepheshe sebuqala ubusebenza abukho ubuhixihixi. 

UMadlala uphethe ngokuthi umasipala uthathe lesi sinyathelo esizophucula umsebenzi nezinsiza ngoba ufuna ukuqinisekisa ukuthi wonke umphakathi uthola izinsiza kahle.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page