‘Tshala imali wenzele ikusasa’
WUTHOBILE ZWANE
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa nomlingisi uMondli Nkomo. Useke walingisa emidlalweni yethelevishini embalwa okubalwa i-Skeem Saam, i-Scandal, i-The River, i-My Father’s Shadow, i-A Queen’s Lobola, i-Blood Legacy, kanti okwamanje udlala indawo kaMnu uDongwe kuZalo
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Cha ngangizisebenzela ngoba ngangingahlali nabazali.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?
Ngayivula eStandard Bank noma ngingasakhumbuli kahle kodwa sengathi yingabo-1998.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Wukuthi kufuneka uzibambele amatoho ukuze ukwazi ukuzenzela izinto.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Kwakungewona umholo, ngangisafunda isikole ngiwumthwebuli. Ngathenga izimpahla zokugqoka.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukwakha umuzi.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukubheja.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Yebo ngadliwa uR25 000.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi imali ifuna uyonge futhi imali uma uzoyisebenzisa kufanele uqale ucabange uma isikhona, ungasheshi uyidle.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingazama ukuthi ngiyitshale, ngithole inzuzo.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ngingathi ngenxa yokuthi imali iyaba khona, iphinde ingabi khona, uma uyithola ngaleso sikhathi zama ukuthi kubekhona ukutshala okwenzayo uzokwazi ukubekela (ikusasa).
