UMnu uZamokuhle Mbatha, umsunguli weZami Gas yaseThekwini, KwaZulu-Natali, ungomunye wosomabhizinisi abaqeqeshwe wuMasipala waseThekwini ukufaka izitofu zegesI. Isithombe: Sithunyelwe

Ukuqeqesha osomabhizinisi abancane embonini yegesi kudala imisebenzi 

YINTATHELI KAMASIPALA 

UMASIPALA waseThekwini ubambisene neSasol uqeqeshe osomabhizinisi abancane abawu-30 ukuze bakwazi ukufaka i-liquified petroleum gas emakhaya. 

Kulolu hlelo osomabhizinisi abasafufusa abawu-14 bathole izitifiketi ezibagunyaza ukuthi bakwazi ukuzisebenza. 

Bebefunda amasonto amabili ekilasini nasezimbonini ukufaka igesi, beya nasesikhungweni sezimboni sikamasipala Umkhumbane Entrepreunerial Support Centre. Ngemva kwaloko baye embonini yeLiquified Gas South Africa eseGoli, eGauteng, lapho osomabhizinisi behlolwe khona ngezokuphepha uma befaka igesi, kubhekwa ukuthi bayayilandela yini imithetho yokuphepha uma benza umsebenzi wabo. Kuhlolwe umsebenzi wabo ukuthi usezingeni elifanele. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/11/07/izindawo-zokuhweba-ziletha-ithemba-entsheni-ebingasebenzi/ 

Omunye wabaqeqeshiwe, umsunguli weZami Gas uMnu uZamokuhle Mbatha uthe ukuqeqeshwa kushintshie impilo yakhe kwamenza usomabhizinisi onamakhono anqabile. 

“Indlela esiqeqeshwe ngayo ibijule kakhulu. Bekubhekwa ukuthi siyayilandela imithetho yokuphepha uma sifaka igesi nokuthi akukho lapho ivuza khona. Ngemva kokuthola isitifiketi esingigunyaza ukusebenza sengikwazile ukufaka igesi ezindaweni ezinhlanu. 

“Umsebenzi wami uyazikhulumela ngoba ngiqeqeshwe ezinkampanini ezivelele ezimbonini zikawoyela negesi. Isitifiketi singugunyaza ukufaka igesi emakhaya kodwa inhloso yami wukufunda ngize ngithole isitifiketi esingugunyaza ukuyifaka ezimbonini ezinkulu eminyakeni emibili ezayo,” kusho yena. 

UMbatha esebenzisa ikhono elinqabile lokufaka igesi

Omunye usomabhizinisi othole isitifiketi esimgunyaza ukuzisebenza wumsunguli weNkanyiso Gas Solutions yaseLamontville, eThekwini, uMbongeni Nduli. 

“Ngaphambi kokuqeqeshwa besidayisa izigubhu zegesi noma szigcwalise. Manje sesizokwazi ukuyifaka emakhaya abantu abafuna ukupheka ngayo ezitofini ezinkulu, loku sikwenza ngokuphepha nangendlela esemthethweni. Sesiqalile ukwakha indawo yokugcina igesi esizoyidayisa ezinkulisa, ezikoleni nasemphakathini wangakithi. Leli thuba lisivule umqondo nangezifiso zethu zangomuso,” kusho yena. 

Umphathi wezinhlelo zokuxhumana kweSasol nezinhlaka ezihlukene uMnu uNtokozo Chiliza uthe bayaziqhenya ngomphumela omuhle walolu hlelo. 

“I-Sasol izibophezele ekufukuleni osomabhizinisi abancane nokubahlomisa ngamakhono adingekayo. Lolu hlelo luzobasiza ukuthi badale imisebenzi futhi babenamabhizinisi akhulayo isikhathi eside,” kusho yena.

Iphini lomqondisi womNyango oThuthukisa amaBhizinisi amaNcane kumasipala uNkk uNonku Mthembu lithe: “Inhloso yethu wukubona laba osomabhizinisi bephumelea ngokubahlomisa ngamakhono afanele. Sebenezitifiketi zokufaka igesi abazidingayo emabhizinisi abo. Loku kuzoletha umehluko emabhizinisini nasemphakathini.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page