UNksz uZintle James, umnikazi weSmeja’s Fresh Harvest Piggery yaseSterkspruit, eMpumalanga Kapa. Izithombe: Zithunyelwe

Ongene kwezolimo ngenxa yokuswela umsebenzi usenepulazi elithi yena. Uxoxe noSIZAKELE NDULI

UMNIKAZI weSmeja’s Fresh Harvest Piggery wayengalindele ukuthi uyogcina enepulazi lezingulube ngesikhathi ethenga ingulube yakhe yokuqala. 

UNksz uZintle James onepulazi elincane kubo eSterkspruit, eMpumalanga Kapa, wenza inzuzo ngokudayisa izingulube nenyama yengulube esiyenziwe ezinye izinto. 

Udayisela kakhulu umphakathi wangakubo nezindawo abakhelene nazo. 

Uthi: “Ngo-2020, sathenga izingulube ezimbili nomama. Ngesikhathi siqala ukuthenga izingulube sasingazithengeli ukusebenza, sasifuna nje ukuba nezingulube ekhaya.

“Kuthe uma kuqhubeka isikhathi, ngathanda ukufuya izingulube, ngase nginquma ukuqala ukusebenza ngazo. Ngo-2021 ngathenga ezinye izingulube ezimbili ezazizale ezinye eziwu-20.”

UNksz uJames, oneminyaka ewu-24, uxhaswe yiNational Youth Development Agency (iNYDA), emsize ukuthi akhulise ibhizinisi. “Ngafaka isicelo sokuxhaswa yiNYDA, eyangixhasa ngoR45 000 ngase ngikwazi ukuthenga izingulube engizozidayisa. Ngathenga izingulube eziyisikhombisa nezikhwama zokudla eziwu-35 nomuthi wezingulube.”

UNks uJames esemsebenzini

Uthe nakuba ipulazi labo lingakayenzi inzuzo eyanele ukuthi liqashe izisebenzi, ubenazo izisebenzi eziyitoho ebezimsiza ukuhlinza izingulube. “Umsebenzi usemncane, ngakho anginazo izisebenzi, ngisebenza nomama nobhuti wami.”

UNksz uJames akagqugquzelwa kuphela wuthando lo msebenzi kodwa ufuna nokuthi ipulazi likhule ngoba uhlose ukulwa nokuntuleka kwemisebenzi emphakathini wangakubo, ikakhulukazi entsheni. 

Ulwazi kahle usizi lokungawutholi umsebenzi emva kokuphothula iziqu ze-Human Resources Management, nokungakho ethi ukuvula amathuba emisebenzi ngelinye lamaphupho akhe amakhulu. 

Uthi yize izindleko zomsebenzi zinyuka ngenxa yokubiza kokudla kwezingulube nokungabi nalo kahle ihhoko lezingulube ezincane kodwa umsebenzi uyaqhubeka. Utshale namaveji futhi ufuye nezinkukhu, nakho okumsizayo ukungenisa enye imali. 

“Iseluleko sami entsheni wukuthi ezolimo akuwona umsebenzi wabantu abadala kuphela. Uma unomqondo wokuqala ibhizinisi lezolimo, kwenze. Kuzokwehla kwenyukela kodwa khumbula ukuthi kungani uqalile. 

“Bakhona nabantu abaxhasanayo kodwa kufanele uqale ngaloko onako, abantu abaxhasanayo bakubambe ngendlela,” kweluleka uNksz uJames. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page