Intokazi yaselokishini enebhizinisi likaphaya eliwundabuzekwayo inamaphupho amakhulu ngekusasa. Ixoxe noTEBOGO MOKWENA
INTOKAZI yaseMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali inqume ukuxosha ikati eziko ngokusungula ibhizinisi elingavamile elokishini, ibhizinisi elenza uphaya.
UNksz uMbali Sikhosana weNuz Tasty Pie udayisa uphaya awususa phansi kanti inhloso yakhe wukugcina enesitolo esiwudayisayo.
Leli bhizinisi aliqale ngoJanuwari lingenise kakhulu. UNksz uSikhosana uthi usungule ibhizinisi ngoba eswele umsebenzi kanti wabona ukuthi uphaya awujwayelekile elokishini.
Akafuni nje ukuzenzela igama embonini yamabhikawozi kodwa ubefuna ukuba ngomunye wabesifazane bokuqala abanamabhikawozi endaweni.
Uphaya wakhe uyizinhlobo eziyisithupha, i-chicken and mushroom, i-steak and kidney, i-spinach and feta, i-chicken peri-peri, i-pepper steak ne-mutton curry.
Uwenza esitofini esincane kanti izithako ahlanganisa ngazo uzithenga kosomabhizinisi abancane eMlaza. Kunenkampani asebenzisana nayo emhambiselayo ama-oda.
Akulona ibhizinisi lokuqala alivulayo leli. UNksz uSikhosana omatasa neziqu zezomnotho nokuphatha uthe wayedayisa ama-chips esafunda esikoleni samabanga aphezulu.
“Emva kokuphothula isikole, ngadayisa ama-chips nekota unyaka wonke. Kunesitolo engangisiqashile eMlaza kodwa imali yerenti yayingixaka. Nesibalo samakhasimende sasiphezulu kakhulu. Ngangingakwazi nokuphatha imali ngoba ngangisanda kubanomntwana, ngangisebenzisa imali ukuthengela ingane izinto zokugcoba nokudla.”
Uthi inselelo enkulu kwakuwukukhulisa ibhizinisi.
Yize esebenzisana nenkampani ediliva elokishini kodwa kubuye kungeneli kahle ngoba uthola ama-oda emakhasimendeni asebenza ezikoleni nasezibhedlela.
“Ngithole ukuthi kuthatha isikhathi ukuthola imvume yokudayisa njengoba ngafaka isicelo sokudayisa ezikoleni zendawo ezimbalwa kodwa ngisalindile namanje,” kusho yena.

Nokho uNksz uSikhosana ukholwa wukuthi ngelinye ilanga uzoba nesitolo sikaphaya elokishini. Uthi uwumuntu okhonze ukuqala amabhizinisi njengoba enanebhizinisi elenza imicimbi nelihlobisayo kodwa elingabhalisiwe. Waliqala ngo-2018 kanti wenzela amakhasimende ashadayo, amasonto neminye imicimbi elokishini.
“Iphupho lami wukuvula amabhizinisi amaningi njengelesitolo esidayisa ngobuchwepheshe, indawo yokuzivocavoca nelokubhala ngezinto ezithinta ukuzivocavoca nezempilo,” kuphetha yena.
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za
Facebook: NUZ Tasty Pie
Instagram: nuz_tastypie

