UNKS u-Annah Ngxeketo umsunguli weConcentrate Carriers neMamoja Trading and Projects, izinkampani zezokuthutha eGauteng naseNorth West Izithombe: Zithunyelwe

Ukhulise ibhizinisi ngokufunda emaphutheni kayise. Uxoxe no TEBOGO MOKWENA

UNKSZ u-Annah Ngxeketo unqume ukwenza izinto ngendlela ehlukile enkampanini yakhe yezokuthutha ngoba ngoba wabona ukuthi ibhizinisi lezokuthutha likayise alifinyelelanga lapho kwakufanele ngabe lafinyelela khona.

Ukwenze lokhu ngokwethula indlela ehlelekile yokunakekela umsebenzi, uqeqeshe abashayeli futhi waxhumana nabantu ukuze abe nobudlelwano nabo kwezinye izimboni. 

UNks uNgxeketo unezinkampani ezimbili zezokuthutha, iConcentrate Carriers neMamoja Trading and Projects. Zombili zisebenza embonini yezimayini zithutha i-platinum, i-concentrate namakhemikhali asezimayini. I-Concentrate Carriers wayisungula nabanye abalingani bakhe ngo-2008 kwathi iMamoja Trading and Projects wayisungula ngo-2015 eMarikana, eNorth West.

Uqale ukuthanda ezokuthutha esayingane njengoba uyise noyisemkhulu babenamabhizinisi ezokuthutha. Wabona ukuthi uyise wayedonsa kanzima kanjani ebhizinisini lakhe elagcina liwile. Iloli lakhe lalifa njalo ngoba lalinganakekelwa. Wayesebenzisa nezigadla ezingekho ezingeni, okungenye into eyaphazamisa ibhizinisi. Yingakho uNks uNgxeketo eqinisekisa ukuthi izimoto namaloli kuyanakekelwa kahle futhi uthenga izimoto ezisezingeni elifanele. 

Okunye akuqikelele wukuqeqesha abashayeli ukuze babe namalayisensi awo-code 10 no- code 14. Uthi lokhu kwenze inkampani yakhe yaba negama elihle futhi iyathenjwa embonini abakuyo. Uthi lokhu kubavulele iminyango bathola amakhasimende afana neSibanye Stillwater, iGlencore neCrocodile River Mine. 

“Ngiqinisekisile nokuthi ngakha ubudlelwano nezinye izinkampani ukuze sisebenzisane kahle uma kuqhamuka ithuba lokuthi sibambisane. Ngifundile ukuthi amabhizinisi amaningi ayabhuntsha ngoba abantu bayasaba ukubambisana namanye amabhizinisi.”

Ezinye zezisebenzi zaseMamoja Trading and Projects

UNks uNgxeketo uthe wavula iMamoja Trading and Projects ngoba efisa ukusabalalisa umsebenzi. Uthi bagcine bengasaboni ngaso linye nabalingani bakhe okwenze kwaba lukhuni ukuqhubeka basebenzisane kahle njengasekuqaleni. Uthi bebephuma iqhubu naye ngoba engumuntu wesifazane nakuba kunguyena kuphela obenolwazi lwemboni yezokuthutha.

Zombili izinkampani ziqashe izisebenzi eziwu-30. UNks Ngxeketo uthe inhloso yakhe wukuqhubeka nokuvulela abesifazane amathuba. 

“Sinohlelo olubizwa ngokuthi ‘A re Direng Mmogo’ esiqeqesha kulo intsha ukuthi ithole amalayisensi okushayela ka-code 10 no-code 14 futhi siphinde sibaqeqeshe ngaphakathi. Uma sebenawo amalayisensi, siyabaqasha babe yitoho.”

IMamoja isike yanikela ngomfaniswano wezikole eNorth West futhi ibambisne ne-Imbumba Foundation Trust ohlelweni lwayo lokunakekela amantombazane.

Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page