Umsunguli we-The Wheelchair Doctor uMongezi Majenge, yase-Ekurhuleni, eGauteng Izithombe: Zithunyelwe

Unebhizinisi elinakakela abaphila nokukhubazeka. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UMSEBENZI kaMnu uMongezi Majenge wokusiza abantu abaphila nokukhubazeka wenze wagcina esethola izindondo eziningi, okubalwa kuzona eyesihlalo esinamasondo asakha ukuze sikwazi ukunyuka izitebhisi, esenza kubelula bahambe ngokushesha futhi banakekele izihlalo zabo ezinamasondo. 

UMajenge uthi iRuby wheelchair design ngenye yezinto eziningi ezenziwa yinkampani yakhe i-The Wheelchair Doctor ukwenza  kube lula ukuhamba kubantu abaphila nokukhubazeka. Umsebenzi abawenzayo ukuvuselela, ukwakha nokwenza ngaleyo ndlela umuntu afisa ngayo izihlalo zamasondo, izinduku ezihamba abaphila nokukhubazeka nezinduku zokudondolozela izaguga.

UMajenge wafikelwa wumqondo wokwenza izihlalo ezinamasondo ngenkathi ebambe iqhaza ohlelweni losomabhizinisi eWits University. Wayenikwe umsebenzi wokubheka inkinga esemphakathini noma ebhizinisini bese ethola nesixazululo saleyo nkinga. 

Wabe eseqhamuka nezinkinga ezinhlanu, enye yezinkinga ahlangabezana nazo wukuthi abantu abaphila nokukhubazeka bathwele kanzima uma behamba ezitebhisini emabhilidini omphakathi. Kwamkhathaza kakhulu ngoba aziziningi izindawo zomphakathi ezinama-elevator.

Isihlalo esikwazi ukuhamba ezitebhisini sase-The Wheelchair Doctor

I-Ruby wheelchair idume eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe emva kokumenyezelwa ngo-2021, lapho yaqoqa khona imiklomelo obekukhona kuyo noR1.3 million kwiSouth African Breweries Foundation Social Innovation and Disability Empowerment Awards. Le mali uyitshale ebhizinisini. 

UMajenge uthe ngale nkampani yakhe, eyavulwa ngo-2018 e-Isando, Ekurhuleni, wayefuna ukuxazulula izinkinga eziningi. 

Lezi yizinkinga ezithinta ukulungiswa kwezihlalo zamasondo, isikhathi okusithathayo uma zisuke ziyolungiswa nendlela ezibiza ngayo. Wayefuna nokwethula izihlalo nezinye izinsiza zokuhamba ezenzelwa umuntu nomuntu ngendlela afisa ngayo.

“Silungisa izihlalo ezinamasondo lapho umuntu ehlala khona futhi sinezindlela ezenza abantu bakwazi ukuthenga nokukhokhela izihlalo ezinamasondo,” kusho yena. “Izaguga eziphila nokukhubazeka nezingane ezincane zisizakala ngamanani aphansi kunabasebenzayo.” 

“Siyaqashisa futhi ngezihlalo ezinamasondo kubantu abazidinga okwesikhashana,” kwengeza yena. 

UMajenge uthi ube funa ukwenza impilo  ibe lula kwabaphila nokukhubazeka futhi babe nesithunzi. 

Eminye imisebenzi ye-The Wheelchair Doctor

“Ngivamile ukunikela ngezihlalo zamasondo kubantu abazidingayo. Ezinsukwini ezedlule nje sinikele ngezihlalo ezinamasondo kubantu abahlaselwa izikhukhula KwaZulu-Natali.

“Inhloso yami wukukwazi ukwakha nokulungisa izihlalo ezinamasondo eziwu-1 000 njalo ngonyaka. Ngizizwa ngathi angikafinyeleli lapha engifisa ukuya khona nephupho lami lokuthuthukisa abantu abaningi abaphila nokukhubazeka,” kuphetha uMajenge. 

Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page