Shintsha indlela ocabanga ngayo ngemali, kuloba uNokwazi Chonco
UNAWO yini umcabango omuhle ngemali?
Ukuvuselela indlela ocabanga ngayo ngemali nempilo yakho yonkana kuyinsika yempumelelo yakho kwezezimali. Imali iyadingeka kodwa ayiyona yonke into empilweni. Shintsha indlela ocabanga ngayo ngemali ukuze ube nobudlelwano obuhle nemali yakho.
Susa imicabango yakho ezintweni ezingezinhle. Zama ukugxila kakhulu ezintweni ezinhle, ezintweni ezihamba kahle noma ezintweni ezinhle ozifisela wena nomndeni wakho.
Iminyaka edlule ibinzima kithina sonke, yingakho kunzima ukuba nomcabango omuhle ngezinto. Kepha kumele ukhumbule ukuthi indlela ocabanga ngayo ngemali yakho inquma ikusasa lakho lezezimali – asizame ukuba nobudlelwano obuhle nemali.
Ungakhohlwa ukubonga loko onakho manje noma ngabe ucabanga ukuthi kuncane kangakanani. Ukubonga kuyandisa.
Yini umcabango omuhle ngemali?
Kushiwo ukuthi injani imicabango yakho uma kuziwa ezimalini, futhi uziphatha kanjani uma kuza ngasezimalini?
Indlela ocabanga ngayo inomphumela ekutheni uyonga kanjani imali, uyisebenzisa kanjani imali, uziphatha kanjani izikweletu zakho. Lapha sikhuluma ngezinkolelo onazo ngemali, imizwa evukayo ngaphakathi kuwe uma usebenzisa imali.
- Ucabanga ukuthi ungenzani noma awukwazi ukwenzani ngemali?
- Ucabanga ukuthi empilweni yakho ufanelwe yimalini?
- Uyakholelwa kwikhono lakho lokukhulisa ingcebo yakho, ukuzethemba kwakho ngemali yakho?
- Umcabango wakho wezezimali ungaba muhle noma ube mubi, kudingeka silwele ukufinyelela kokuhle.
Imibuzo mayelana nomqondo wemali
Imibuzo embalwa ezosiza uqonde ukuthi indlela obuka ngayo imali yinhle noma yimbi. Phendula le mibuzo ngokuthi yiqiniso noma amanga.
- Ngiyayesaba imali futhi ngiyakhathazeka uma ngicabanga ngemali.
- Angizizwa nginamandla okulawula imali yami.
- Ngizizwa ngingenathemba ngekusasa lami lezimali.
- Ngizizwa ngiyesaba imali yami nendlela abanye abaphatha ngayo eyabo.
- Ngesaba ukuthi ngeke ngiziqonde izimali zami noma ngifunde ukuyiphatha.
- Ngivame ukuhlehlisa ukwenza izinqumo zezimali.
- Angazi ukuthi ngingawukhulisa kanjani umcebo wami futhi angicabangi ngiyoke ngikwazi.
- Ngifanelwe kuphela yiloku enginakho okwamanje futhi akukho okunye.
- Angisoze ngaphuma ezikweletini.
- Imali ayisoze yaba wumngani wami.
Uma uphendule kaningi wathi akulona iqiniso, indlela obuka ngayo imali yinhle. Uma uphendule wathi kuyiqiniso, kunomsebenzi omningi okumele uwenze wokushintsha indlela obuka ngayo.
Ubudlelwano bakho nemali
Kukwenza uzizwe kanjani ukuthola imali, noma ukusebenzisa imali? Kukwenza uzizwe kanjani ukuxoxa ngemali nabangani bakho noma nomndeni wakho? Imizwa ineqhaza elikhulu nelibalulekile uma kuziwa ebudlelwaneni nemali.
Njengabo bonke ubudlelwano, ubudlelwano obuhle abumane kwenzeke nje, kuthatha isikhathi nomsebenzi, buphinde bunakekelwe kahle. Kufanele uzinikele, kunjalo nasemalini. Kodwa qaphela – awukwazi ukuba nobudlelwano obuhle nemali uma wena ungazithandi noma ungazazi.
Zinjani izingxoxo obanazo ekhanda lakho ngawe? Amazwi akho owabhekise kuwena awahlale enothando nomusa, enethemba ngekusasa elinempumelelo.
Esikukhulumayo njalo ngathi, ngesimo sethu sezimali sigcina sesikukholwa.
Yeka ukucabanga ukuthi awukwazi ukuphatha imali. Ungavumi ukuqhubeka nemikhuba emibi yemali.
Gxila kozifisela kona manje nangekusasa lakho. Funda ukuzihlolisisa njalo, ukuze usheshe ubone uma usuphumile endleleni yezifiso zakho.
Konke lokhu ngeke kwenzeke ngokuphazima kweso.
- UNkk uChonco uwungoti wezimali nomsunguli we-Ibanokwazi, inkampani efundisa ngokuphatha imali
