USolwazi uZweli Jolobe wase-UCT uthi akukho okutheni uMengameli uCyril Ramaphosa azokwenza ukufukula umnotho ngoba usazogxila ekuvuseleleni i-ANC

Izithombe: uSlindile noLanga Khanyile

Osomabhizinisi abasafufusa abazihluphe ngezinto ezenzeka kwipolitiki: izingqapheli. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUFANELE osomabhizinisi abancane bazihluphe ngokuqonda ipoliltiki nesimo somnotho ukuze babone amathuba akhona futhi baqhamuke nezisombululo zokuxazulula izingqinamba ezingahle zibakhinyabeze. 

Lesi yiseluleko sezikhulumi emcimbini obuhlanganise osomabhizinisi abancane obuhlelwe yi-Inspiration Institute kaMnu uNick Nzama, usomabhizinisi nomsamariya olungile waseThekwini, KwaZulu-Natali ngoMgqibelo. 

Izikhulumi zisho ngazwi linye ukuthi kusazoba nzima kakhulu eNingizimu Afrika ngenxa yokuxokozela kwipolitiki ikakhulukazi eqenjini eliphethe i-ANC, ukushoda kukagesi nangenxa yokungasebenzi kahle kwengqalasizinda. Zithe yisimo lesi esizozwela kakhulu emabhizinisini asafufusa. 

UNzama

USolwazi uZweli Jolobe, ofundisa e-University of Cape Town, uthe nakuba ukubuyiselwa kukaMengameli uCyril Ramaphosa njengomengameli we-ANC kusho ukuthi kuqhubeka umuntu obekhona futhi emancane amathuba okuthi abangamfuni kule nhlangano bamkhiphe ngaphambi kokhetho lukazwelonke ngonyaka ozayo kodwa akukho okutheni azokwenza okuzophucula isimo somnotho.

“Uzozama ukuletha izinguquko okufanele zivuselele umnotho kodwa into azogxila kuyona kakhulu wukubumba i-ANC ukwandisa abamesekayo,” kusho yena.

Ephawula ngenkinga kagesi, uJolobe uthe iyadlanga njengoba ethe ugesi usucinywa okungenani izinsuku eziwu-14.8 ngenyanga, okwenza kube nzima ukusebenza ikakhulukazi ezimbonini zezolimo, ezokukhiqiza, ezokuxhumana nezokuthutha. 

“Isikhulu esiphezulu esisha e-Eskom ngeke sisize ngoba izinkinga zakhona zingaphezu kwale nkampani njengoba zithinta umgomo kagesi.  KuIe miNyango wokuMbiwa Phansi namaNdla nowamaBhizinisi kaHulumeni kunongqongqoshe, okusho ukuthi indaba isingabo.

“Kukhona umbango ngokunyuswa kwemiholo yezisebenzi zikahulumeni kanti akusizi nokuthi aloku encipha amandla eCosatu neSACP kumfelandawonye wabo ne-ANC,” kwengeza uJolobe.

Nsuku zonke i-Eskom isikhipha isimemezelo sokuthi ugesi uzoshoda kanjani. Namhlanje ugesi ucinywa ngokwesigaba sesine. Ukungakhuli kahle komnotho ngezinye zezinselelo ezikhona njengoba ngesonto elidlule iBhange loMbuso lithe selilindele ukuthi umnotho ukhule ngo-1.6% esikhundleni sango-1.9% kanti imalimboleko inyuke ngo-25 basis points yafinyelela ku-7.25%.

Esinye isikhulumi uMnu uCalvin Ntenga, owusomabhizinisi, ukhale nge-Eskom njengoba ethe kukhona elinye lamabhizinisi abo eselize lavala kanti kwelinye sebeshintshe indlela abahlela ngayo izikhathi zokusebenza.

Yinselelo athe yengeza osizini kosomabhizinisi abaseKZN njengoba kuthe emva kokuhlasela kweCOVID-19 bashaywa wudlame ngoJulayi wango-2021 kwalandela izikhukhula ngo-Ephreli ngo-2022.

UNtenga ukhuthaze osomabhizinisi ukuthi baxoxisane namakhasimende abo, bawachazele futhi kukho konke abakwenzayo amakhasimende kube yiwo aseqhulwini. 

Uthe: “Ngenani kwipolitiki niwosomabhizinisi. Sithathe amandla sawanika osopolitiki, nokungakho namhlanje ezinye zezinselelo esibhekene nazo ngezidalwe ngabantu.

“Indaba yepolitiki iqala egatsheni, sidinga abantu abaqotho, sidinga abantu abazosungula imigomo eyenza amabhizinisi asebenze kahle futhi avelele. Kuyishwa nje ukuthi njengamanje sibhunga ngokuthi singenze njani ukuze amabhizinisi angawi esikhundleni sokuthi yini ezowenza achume.

UTabane

Usomabhizinisi, ungoti wezokuxhumana, umethuli wezinhlelo kuthelevishini noyisifundiswa sase-Unisa Graduate School of Business Leadership, uSolwazi uJJ Tabane, ukhuthaze osomabhizinisi ukuthi babe neqhinga lokusimamisa amabhizinisi abo.

Uthe kumqoka ukuthi osomabhizinisi bakhulise amakhono nolwazi abanalo ngoba loko kuyalikhulisa ibhizinisi nomnotho.

Wengeze ngokuthi kuhle futhi bafake isandla ekufukuleni abanye abantu ikakhulukazi emiphakathini abasebenzela kuyo. “Lungisa nendlela ibhizinisi lakho oliphatha ngayo. Yenza izinto ngononina, amabhuku, intela; akucace kahle ukuthi isebenza kanjani imali yenkampani,” kweluleka yena.

UNzama uthe nakuba sezibaluliwe zonke lezi zinselelo kodwa umsebenzi wosomabhizinisi wukuqhamuka nezixazululo ngoba yiyona ndlela amabhizinisi asungulwa ngayo.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page