UMnu uBheki Madide, umsunguli nomqondisi we-Ukhozi Tracker, enekomkhulu KwaZulu-Natali

Izithombe: Zithunyelwe

Onohlanga lokukhanda nowaqala ukusebenza emkhakheni wezinhlangano ezingenzi nzuzo ezithuthukisa umphakathi uyivulandlela emkhakheni wokulandela izimoto ngobuchwepheshe. Uxoxe noLANGA KHANYILE

“LOKU okubona ungaphandle ngale mboni kuyiko. Kukhonya izinkampani ezimbalwa; zingezezinye izinhlanga, zingamadlandawonye, zisebenzisana nemishwalense eyodwa. Kunzima uma ungeyena omunye wazo.”

Usho kanje uMnu uBheki Madide, umsunguli nomqondisi wo-Ukhozi Tracker, inkampani yabantu abamnyama eqapha futhi ilandele umkhondo wezimoto ezilahlekile ngobuchwepheshe besimanje.

UMadide le nkampani, okomkhulu layo liseMgungundlovu, KwaZulu-Natali, uyisungule noMnu uSibongiseni Sibiya, usomabhizinisi ogxile kwezokuqapha.

Kukabili ngoMadide ngomkhakha asengene shi kuwona. Kuphakathi kokuthi uwusibindigidi oyivulandlela noma zakhala azehla zonke emthini kuyena.

“Nomkami uke angibuze ukuthi kodwa ngangingenwe yini ngize ngingena kule mboni,” kusho lo makadebona kwezokuhola nokuphatha emikhakheni ehlukene, esho ehleka kancane.

“Ngangiqondile ukungena kulo mkhakha wokuqapha izimoto ngobuchwepheshe. Kwenzeka ukuthi uSibiya, ongomunye wabasunguli nabaqondisi bo-Ukhozi Tracker, wayeyikhasimende lami. USibiya wayenoxhaxha lwezimoto emkhakheni wokuqapha. Wahlukumezeka kakhulu ehlukunyezwa yizinkampani ezazimqaphela izimoto zakhe, izinkampani ezinkulu.

“Ngemva kokumbuka entuntiswa nendishi, kudlalwa ngaye exhashazwa, ngathi kuyena ngingakwenzela ubuchwepheshe bokuqapha uxhaxha lwezimoto zakho. Wahleka waqephuka wathi ‘kanjani?”. Ngaphendula ngathi ‘angazi kepha ngingazama’. Ngithi ngingazama nje kanti kade ngaqala ngizama ukuhlanganisa ubuchwepheshe obungamsiza ngoba ngake ngasebenza ngobuchwepheshe bokuqoqa inqolobane yemininingwane yamakhasimende. Kulo msebenzi ngangisebenza nabacwaningi,” kukhumbula uMadide, owazalelwa eSweetwaters kepha wakhulela eMbali, eMgungundlovu, eKZN.

UMadide une-Bachelor of Business Administration: yaseNyuvesi yaKwaZulu-Natali, i-Management Information Systems ne-Business Computing Diploma yase-Office Plus Business Academy.

Ekhula wayengahlukani noninalume owayewumakhenikha, ayengaconsi phansi kuyena. “Ngikhule ngisondelene nomalume owayewumakhenikha, uMr Fix-it. Sengisesikoleni samabanga aphezulu e-Edendale Comtech High, eyayibuye ibizwe ngeVocational, ngase ngikwazi ukuhlakaza injini yemoto, ngiphinde ngiyihlanganise kalula. Empeleni ngingathi ngaya khona ukuyofunda i-theory ngoba ngase ngikwazi ukukwenza ngezandla,” kukhumbula yena.

Ngaphambi kokungena emabhizinisini ngokusungula Ukhozi Tracker, uMadide usebenze kakhulu emkhakheni wezinhlangano ezingenzi nzuzo ezithuthukisa umphakathi. Kulo mkhakha wokuvolintiya, lapho ebe yivolontiya khona kwiYouth for Christ, iThandanani Children’s Foundation no-Ubuntu Volunteer Management Agency, ayikho into angakaze ayenze. Kusukela emsebenzini wasensimini, ukuba yi-project and database administrator, umdidiyeli wezokuxhumana nezokukhangisa kuye kufinyelele ekubeni wumphathi konke ukwenzile.

Uthi: “Into engiyithandayo ngomkhakha wezinhlangano ezingenzi nzuzo wukuthi ufundisana yonke into. Uyindawo enhle yokufunda ukuba nesimilo nokukwazi ukuphendula ngomsebenzi owenzayo; kodwa-ke loko kwenzeka uma uthole inhlangano elungile.”

UMadide nethimba le-Ukhozi Tracker bekhangisa ngomsebenzi wabo

UMadide uwuhlobo lomholi okholelwa ekudedeleni abantu benze umsebenzi wabo. Uthi umholi kufanele achazele ithimba lakhe okufanele likwenze bese eqhela. Uthi nokho kubuye kuhluphe loku uma izinto zonakala. “Kwenye inkathi uthola emva kosuku noma ezimbili ukuthi into umuntu ayethembise ukuthi ihamba ngononina akusahambi kahle, mhlawumbe lapho uthola ngoba usuzwa ngekhasimende likhononda.

Ubunzima bebhizinisi ubazi njengoba ezazi. Ngale kokuthi mkhakha akuwona udinga ukhakhayi oluqinile njengoba beqhudelana nezikhondlakhondla, Ukhozi lwake lwalahlekelwa amakhasimende ngesikhathi seCOVID-19 nangenkathi kucekelwa phansi amabhizinisi.

Phakathi kwezinto ezenza inhliziyo kaMadide ithi kla wukuthi kule minyaka eyisikhombisa uma ehlangana namakhasimende useqala ngokwethula impahla abayenzayo. Kudala ubeqala ngokuzethula yena, kulandele ukwethula Ukhozi Tracker bese ethula impahla yabo. “Noma ngabe ngiya eMpumalanga noma eNorth West noma kuphi, manje sengifika ngikhulume ngempahla yethu,” kusho uMadide.

Kukude lapho esuka khona lo magangane owakhula ehlakaza amathoyizi ayethengelwa wona ngoba efuna ukubona okuphakathi. Lokho ku“ganga” sekumenze ivulandlela emkhakheni wobuchwepheshe bokuqapha izimoto okukhonya ezinye izizwe kuwona.

Okunye ngaye:

  • Uganwe wuMaMsomi. Banamadodakazi amathathu nendodana;
  • Uthanda impilo ya-outdoors, ukuhlala nabangani bakhe abambalwa. Uthanda ukushayela amabanga amade ehamba yedwa futhi uyathanda ukwazi izinto ezintsha ngezigazu;
  • Uthanda ukufunda ama-autobiography nama-biography, izincwadi ngamabhizinisi nezikhuthazayo nokulalela ama-podcast ngebhizinisi njengakaVusi Thembekwayo. Uthanda ukufunda ngabaholi abashintsha umhlaba njengoMartin Luther King Jr, uMalcolm X noChe Guevara;
  • Ekhaya udume ngokuxebula i-oxtail nedombolo;
  • Uwumuntu ophupha izinto ezinkulu, azicwaninge, azihlanganise bese ethatha isikhashana ukuziqala.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page