Nakuba isimeme imboni yenkukhu yaseNingizimu Afrika kodwa kunezinto okudingeka izilungise

Isithombe: wuGoogle

Kunezingqinamba zokudayisa inkukhu phesheya embonini yaseNingizimu Afrika

IMBONI yenkukhu yaseNingizimu Afrika imi ngomumo futhi inamandla okusabalalisa inkukhu emhlabeni, nokho kunezingqinamba ezimbalwa eziyinqinda ukuthi idlondlobale ukusabalalisa inkukhu phesheya.

Phakathi kwalezi zingqinamba kubalwe isimo sempilo yezinkukhu, ingqalasizinda yokuhlola yezwe nesikhathi esithathwa yizikhungo zokuhlola izinkukhu ukuthi ziyahambisana yini nezinga lamanye amazwe.

Loku kushiwo yiFairPlay, inhlangano engenzi nzuzo elwela ukuvikela imisebenzi embonini.

UMnu uFrancois Baird weFairPlay uthe imboni yenkukhu kulindeleke ukuthi isabalalise phakathi kuka-3% no-5% wezinkukhu eziluhlaza neziphekiwe kuze kube wu-2024 no-7% kuya ku-10% kuze kube wu-2028 ezindaweni ezise-Afrika eseningizimu, namazwe akwi-African Continental Free Trade Area (i-AfCFTA), i-European Union, e-United Arab Emirates naseMiddle East.

Abakhiqizi baseNingizimu Afrika bayakwazi ukuqhudelana nabanye emhlabeni. Imboni yenkukhu yasekhaya ingakwazi ukukhiqiza ikhilogremu lenyama yenkukhu ngemali encane kunabakhiqizi baseYurophu, kusho uBaird exoxa neVutivi Business News.

U-Baird uthe imboni yenkukhu yaseNingizimu Afrika iyasebenzisana nohulumeni ukususa lezi zingqinamba kodwa kuthatha isikhathi. Uthe: “I-SA Poultry Association ibeke ezithebeni uhlaka lokubambisana neFood Safety Agency (iQSFA) ukuthi isebenzisane nodokotela bezilwane beQFSA ukubhekana nezinselelo zezisebenzi kodwa inkinga wukuthi ukukhipha izitifiketi kuthatha isikhathi.”

Wengeze ngokuthi ingqalasizinda yokuhlola yezwe ayikhuli ekuhambisaneni nemboni etshale ngaphezu kuka-R1.5 billion eminyakeni emithathu edlule ukulekelela abafuyi abasha ukuthi bathole izimakethe zokudayisa imikhiqizo yabo. “Loku kubambisana (ne-AfCFTA) sekuvele kuyabonakala emathubeni okusabalalisa umkhiqizo phesheya.

“Kulele ekubeni nabalingani abafanele basekhaya ukuqinisekisa ukuthi izidingo zemakethe oyifunayo ziyagcineka kodwa imboni yokuhlola umkhiqizo ayikhulile ukuhambisana nemboni (yenkukhu) kanti izinto zimile ezindaweni zethu zokuhlola,” kusho yena. Nakuba imboni ikulungele ukuhambisa izimpahla phesheya kodwa ezinye izimakethe azikaleki futhi akubikwa ngazo kusenesikhathi ngoba izinto zimile ezikhungweni zokuhlola zethu,” kusho yena.

U-Baird ugcizelele umonakalo wokulaxazwa kwezinkukhu kubakhiqizi abancane. UNgqongqoshe wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu u-Ebrahim Patel usanda kumemezela ukumiswa kwentela yokulwa nokulahlwa komkhiqizo, into uBaird ayigxeka kakhulu.

Uthe: “Uma kungenantela eziqondile ezintweni zaphesheya ezilahlwa ezweni, abakhiqizi abancane yibona abashayeka kakhulu; njengoba kushabalala amandla okungena ezimakethe.

“Ziningi izinto  ezingenzeka ukukhuthaza, ukusungula nokucija abafuyi abancane kodwa ngaphandle kwentela ebavikelayo, ngeke inqotshwe le mpi, impi engeke inqotshwe ngisho abafuyi abakhulu,” kusho uBaird.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page