UNkk uBusisiwe Mgangxela, umsunguli weHillview Farm eCambridge, eMpumalanga Kapa

Izithombe: Zithunyelwe

Kuntwela ezansi kubalimi obekumnyama kubona kubhoke izinselelo. Omunye wabo uxoxe noTEBOGO MOKWENA

NAKUBA uNkk uBusisiwe Mgangxela eqale ukusebenza eqeqesha onesi kodwa ugcine ebonile ukuthi ufisa ukuziphilisa ngokuzisebenza nokuzimela. Ugqugquzelwe nawuthando lwakhe lokudla okunomsoco nokusebenza embonini yezempilo ukusebenzisa ikhono lakhe kwezolimo.

Namhlanje uphethe iHillview Farm eCambridge, eMpumalanga Kapa. Ekhuluma neVutivi News, uNkk Mgangxela indaba yakhe iqale ngezingqinamba kodwa ugcine enqobile. Uqale ukulima nomyeni wakhe eMiddledrift ngo-2011 beyingxenye yomfelandawonye.

Nokho wabona ukuthi umhlaba mncane uma ebheka amaphupho nezifiso anazo. Akathanga esuka nje wayezisebenza njengomlimi. “Ngisebenze emNyangweni wezeMpilo iminyaka ewu-14 emva kokuphothula iziqu zami kwi-Nursing Education and Administration. 

“Ngahamba ngayosebenza eSaudi Arabia iminyaka emibili. Emva kokubuya khona nganquma ukuzisebenza, ngakho ngabhalisa umfelandawonye ngo-2005,” kulanda yena.

UNkk uMgangxela ezibambele mathupha epulazini

I-Hillview Farm yayihlinzeka izikole ngokudla okunempilo. Nokho akubanga yisikhathi eside ngoba isifundazwe saqasha enye inhloko yomnyango eyayiqeda inkontileka ngoba ifuna izikole zizithengele ukudla.

Yingaleso sikhathi lapho ahlangana khona nomyeni wakhe owamtshela ngomhlaba ababengawusebenzisa emakhaya. “Saqala ngamahekthare awu-2.5, nokwakungemhlaba otheni, ngakho izihlobo zomyeni wami zamboleka wona ukuze siwulime. Ngalowo nyaka satshala ummbila kodwa izihlobo zabuye zasiphuca wona.

“Sabe sesiqala ukufuya izingulube kodwa usolwazi wezolimo eFort Hare University waseluleka ukuthi singaqhubeki nezingulube emakhaya ngoba athi zizongcolisa amanzi,” kusho uNkk uMgangxela, othi kunaloko balulekwa ukuthi abafake isicelo sokuthola umhlaba emNyangweni wezoLimo, uhlelo abaluqala ngo-2014. 

Ngaleso sikhathi baqala ukulima bengasebenzisi amakhemikhali, batshala isipinashi neklabishi abaqala bakudayisela abantu bendawo nabanye abalimi. Isicelo sabo somhlaba saphumelela ngo-2018. Nokho baze bakwazi ukuqala ukuwusebenzisa ngo-2020 ngoba bekukhona umuntu obehlala kuwo ngokungemthetho obekufanele baqale bamkhiphe. 

UNkk uMgangxela uthe batshale nobhatata kanti ngo-2020 batshale i-cancer bush tea exutshwe ne-thyme ne-rosemary, okuqinisa amasosha omzimba, besizwa wuphiko lukahulumeni lokucwaninga iCouncil for Scientific and Industrial Research.

I-cancer bush tea yaseHillview Farm isilungele amakhasimende

“Siqeqeshiwe nangokudayisa ezitolo yiFort Cox College, esebenzisana nabaseBoxer kanti kungekudala imikhiqizo yethu izotholakala ezitolo zaseBoxer.”

UNkk uMgangxela uthi iphupho labo wukudayisa i-cancer bush tea ezitolo ezifana neClicks neDischem ngenxa yezinto ezinhle enazo ezisiza impilo. 

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page