Ucathulisa abafisa ukuphatha izinkampani ezinkulu ukuze banga‘bhayizi’ njengaye. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UBHALE incwadi afisa sengathi ngabe wayifunda esemncane neyayizomhlomisa njengoba ethi wake waphuphutheka ngoba engazi ukuthi ibhokile ipolitiki futhi kudliwana izithende ezinkampanini ezinkulu.
Yincwadi athemba ukuthi izosiza abanye abantu ukuthi bagweme amaphutha awenza ngesikhathi esanda kuqala ukusebenza.
UMnu uNyimpini Mabunda, isikhulu esiphezulu seGeneral Electric Southern Africa, uwumbhali wencwadi esihloko sithi Take Charge: Life lessons on the road to CEO.
UMabunda odabuka eRolle, eMpumalanga, kunenye inhloso ayibhalele incwadi.
“Bengifuna nokuqeda le nto yokubuka isikhundla sesikhulu esiphezulu njengento yabantu abathile, ubone ukuthi umuntu oba yisikhulu esiphezulu akahlukile kunawe.
“Yisikhundla okufinyelelekayo kusona noma ngabe uqhamuka ekhaya elintulayo noma ngabe awukhulumi isiNgisi ucinanise amakhala, noma ngabe awuyifundanga i-Accounting, noma ngabe uqhamuka emakhaya futhi noma ngabe awuphasanga ngamalengiso,” kusho yena.
UMabunda waqala ukusebenza eneminyaka ewu-19 emva kokuphothula iziqu ze-Social Sciences e-University of Cape Town, waqala ukuba yimenenja eneminyaka ewu-23. Une-Postgraduate Diploma in Marketing Management ne-MBA nako kwase-UCT.
Ziningi nezinye asezenzile ezikhungweni ezihlukene emhlabeni njengoba ecijelwe nokuba wumqeqeshi ezinkampanini akufundela eGibs kanti une-Advanced Management Programme yase-INSEAD.

Inkampani yokuqala ayisebenzela yiProcter & Gamble, angene kuyo ngohlelo lokuqeqesha amathwasa. Emva kwaloko usebenzele iDiageo, ahlale kuyona isikhathi eside njengoba waya kosebenza nasemahhovisi ayo e-United Kingdom nase-Uganda ngaphambi kokusebenzela iVodacom.
Washeshe wazi ukuthi ufisa ukuba yisikhulu esiphezulu futhi yiphupho ayengalifihli. “Kuthiwa uma ungazi ukuthi ufuna ukuya kuphi uzolandela noma iyiphi indlela. Ngangazi ukuthi yini engicabanga ukuthi ngizoyithakasela. Enye into wukuthi njengoba ngaqala ukusebenza eProcter & Gamble, lena yinkampani eyayiveza zonke izinto obala futhi yayigqugquzelana ukuthi ungesabi ukufisa izinto ezinkulu.
“Kwakungasho loko ukuthi bazokweseka kukona konke okushoyo kodwa babesebenzisa ulwazi abanalo ukukwenza ufinyelele lapho bebona khona ukuthi uzophumelela. Kunengcindezi kona ukuphumela obala ngokufisayo kodwa okuhle wukuthi bayaqhamuka nabantu abazokweseka,” kusho uMabunda.
UMabunda uwungoti wezokukhangisa kanti akujwayelekile ukuthi bagcine sebeyizikhulu eziphezulu ezinkampanini ezinkulu njengoba imvamisa kuqokwa abawongoti be-Accounting nezimali. Nakuba evuma ukuthi kumqoka ukuthi abantu abaphatha amabhizinisi bakwazi ukuphatha imali kodwa uthi ukubheka uhlobo olulodwa lwabantu kuphela akuyona into ephusile.
Loku akukona kuphela akuhlabayo ngezinkampani ezinkulu njengoba ekhala nangokuthi izinto zihamba ngonyawo lonwabu uma kufanele kuthathwe izinqumo.
Uyakhala nangokufuna kakhulu abantu abanesipiliyoni nangokuthi izinkampani ezinkulu ziyamosha njengoba ethi zisebenzisa izinsiza eziningi kunalezo ezidingekayo.
“Mhlawumbe bakhona abebefisa ukuthi ngingazisho lezi zinto kodwa nabo abantu bezinkampani ezinkulu bayazi ukuthi ziyiqiniso, yingakho uthola ukuthi kuthi noma zidilizile abantu kodwa umsebenzi uqhubeke. Okunye-ke wukuthi ngikhuluma ngento engiyaziyo ngoba ngisebenzele ezinye zezinkampani ezinkulu nezihamba phambili emhlabeni.
“Ubukhulu bento abuhambisani nokushesha ngoba ngisho ubheka izimoto ukuthi imoto encane njenge‘Galofu’ isivinini ekwazi ukuhamba ngaso uma uqhathanisa neloli asifani.”
Nakuba ebunjwe futhi ewumuntu osebenzela izinkampani ezinkulu kodwa uyawazisa amabhizinisi amancane futhi uyabahlonipha abantu abaqala amabhizinisi, kwazise ukhulele kuwona amabhizinisi kubo.
Uthi ucijwe ngamabhizinisi abazali bakhe ngokubaluleka kokunakekela amakhasimende nokuzibambela mathupha umsebenzi. Uthi namanje yiyona ndlela ahola ngayo njengoba engakholelwa ekuhlaleni emihlanganweni nasehhovisi, uyakuthanda ukuphuma ayozibonela mathupha, axoxe nabo bonke abantu asebenza nabo.
Nokho uyavuma ukuthi loku kubuye kuhluphe ngoba ubuye ahambe phambili kakhulu kunethimba asebenza nalo.
Ngale kwamabhizinisi akubo, uke wazisebenza naye ngesikhathi engomunye wabanikazi beNando’s lapho ayenezitolo eziyisithupha, umsebenzi awenza iminyaka emibili ngaphambi kokuphindela emuva ayoqashwa ngoba wabona kuyiko okuzozuzisa umndeni wakhe.
UMabunda uhlala emabhodini ezinkampani ezihlukene futhi ungomunye wabantu abavamile ukuba yizikhulumi ngezihloko ezihlukene ezithinta amabhizinisi.
Uthi enye yezinto afisa ukubona iphucuka wukwanda kwabantu besifazane emabhizinisini.
Okunye ngaye:
- Uganiwe futhi unabantwana abathathu;
- Ukhonze ukushova ibhayisikili;
- Uthanda ukuyobuka abaculi becula bukhoma nosomahlaya. Osomahlaya abakhonzile wuMpho Popps, uSkhu noChris Rock. Abanye babaculi abakhonzile wuJudith Sephuma, uRingo neFreshlyground;
- Ukhonze i-oxtail;
- Ezinye zezincwadi azikhonzile yi-Mindset: The New Psychology of Success kaCarol Dweck, i-Betting on A Darkie: Lifting the Corporate Game kaMteto Nyati ne-The Founder’s Mentality: How to Overcome the Predictable Crises of Growth kaChris Zook noJames Allen.

