Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele umlingisi wemidlalo yethelevishini, okubalwa kuyona iSibaya, Isithembiso, Indandatho, Indumbe noBalungile, uPuleng Nomvula Ndlovu

Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo.
Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuphi?
Ngayivula eStandard Bank emva kokuphothula uMatikuletsheni. Ngicabanga ukuthi kwakuwu-2005.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ngisemncane umkhulu wangifundisa ukuthi imali iyabekwa mhlazane engipha isikoqokoqo sokubeka uhlweza lwemali.
Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngaqeda isikole ngaya kotohoza. Yayincane kakhulu ngoba yayiwuR600.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngawusebenzisa kakhulu ekugibeleni.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukubheka ikhaya.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Alikho. Angikhumbuli nakancane ngenza iphutha ngemali.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?
Cha, lutho! Angizwani nje nama-“bhanoyi”.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Ukusebenza emabhange kwangifundisa izinto eziningi nezehlukene ngemali.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto, ungawusebenzisa kanjani?
Ngingahlukanisa kakhulu uR900 000 ukuze ngiwonge isikhathi eside ngokuwutshala ebhange futhi ngiwugcine khona; ngibe ngenzela ikusasa. WuR100 000 kuphela engingawusebenzisela ezinye izinto engidinga ukuzenza. Kimina uR100 000 wenele ukuphila (ngenkathi) ngisaqongelela enye imali.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Imali iwumgogodla wempilo yomuntu. Kubalulekile ukwazi ukuyonga uma unayo. Ayidliwa yonke imali. Abantu abafunde ukungaxhaphazi imali ezintweni ezingathi shu.
