Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele umsakazi wesiteshi esenza inzuzo esizinze eNewcastle iMvula FM uMinenhle ‘Minimizer’ Masondo. Useke waqokwa emiqhudelwaneni yoKhozi FM kanti kumanje uqhudelana noLerato Kganyago no-Anele Mdoda kuBasadi in Music Awards

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo, ngangiphiwa.

Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuphi?

Ngayivula eCapitec ngo-2017.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngangithanda ukuthenga izinto ezimnandi. Ngifunde ukuthi ungaba ne-million namuhla, kusasa uvuke ungasenalutho uma ungenawo umqondo wokonga imali.

Uqale nini ukusebenza, kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngiqale ukusebenza ngo-2015 (kanti) umholo wami kwakuwuR1 000.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngazithengela izimpahla zokugqoka.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukuqinisekisa ukuthi ekhaya ngipha umama nokuthenga izinto zokwenza ekhaya kube kuhle endlini.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukuboleka umuntu.

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena ebhanoyini?

Hahaha, yebo!

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Imali yihlelele bese uyayonga

Uma ungawina uR1 million kwiLotto, ungawusebenzisa kanjani?

Ngingawutshala.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Uhlakaniphe uma unemali. Faka imali yakho entweni ezokwenzela inzuzo.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page