UNksz uBongiwe Mthiyane weBongiwe Sokhulu Projects yaseRichards Bay, KwaZulu-Natali

Izithombe: Zithunyelwe

Usaloku eyibambile owaphuma esikoleni esewusomabhizinisi njengoba esenezikhondlakhondla zamakhasimende. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ISIFISO sokuba nebhizinisi yimbewu eyatshaleka esaqeqeshelwa umsebenzi. Kwadingeka ukuthi benze ucwaningo ngokudingekayo uma umuntu ezoqala ibhizinisi olwaluyingxenye yezifundo ze-Business Management Diploma eDurban Institute of Technology, esibizwa ngeDurban University of Technology. 

Wakhela phezu kwalolo cwaningo uNksz uBongiwe Mthiyane, yasunguleka kanjalo iBongiwe Sokhulu Projects ngo-2009 ayibhalisa esafunda. Wakhetha ukuqala ibhizinisi elalizokwenza kube lula entsheni ukuqasheka ukuze kungabi wukuthi kudingeka abantu abanamakhono abucayi.

Le nkampani ezinze eRichards Bay, enyakatho yeKwaZulu-Natali, ikhipha, ukhula kojantshi,  ihlanza amabhilidi, yenza izingadi, ifutha ukubulala izinambuzane ngaphambi kokuthi kufakwe ukhonkolo uma kwakhiwa noma sekuqediwe ukwakhiwa ngaphambi kokuthi liqale ukusetshenziswa ibhilidi. Isiyakha futhi ilungise imigwaqo njengoba isino-Grade 3 ngokokukleliswa kwezinkampani ezakhayo. 

Izisebenzi zaseBongiwe Sokhulu Projects zimatasa zakha unqenqema lomgwaqo

UNksz uMthiyane, oneminyaka ewu-38, uthi amakhasimende abo ngabanikazi bemizi, omasipala, izinkulisa, amabhizinisi kahulumeni afana neTransnet, iRichards Bay IDZ, neminye iminyango kahulumeni.

Uthi ukuzisebenza akulula, ikakhulukazi ngoba akusiko nje ukuthi usuke uzibheke wena mnikazi webhizinisi kodwa kukhona nengcindezi yokuthi kunabanye abantu abathembele kuwena. Mlalele echaza.

IBongiwe Sokhulu Projects iqashe abantu abahlanu abasebenza ngokugcwele kodwa lesi sibalo sike sinyuke kuye nomsebenzi okhona ngaleso sikhathi. Uthi okunye okumsizayo wukungalahli ithemba uma kusuke kubheda ukuthi kukhona okungcono okusazoqhamuka.

Uma ebheka emuva, uthi zimbalwa izinto ezimjabulisayo ngomsebenzi wakhe. “Asikaze singawuqedi umsebenzi esisuke siwutholile futhi abantu bayawuncoma umsebenzi wethu. Ngake ngaba yisikhulu engqungqutheleni yosomabhizinisi abancane eMpangeni eyayihlelwe yi-IDZ, ngake ngaba yingxenye yohlelo uVuka Uphile olwaluhlelwe wuMhlathuze nokukwazi ukubekezela ngesikhathi seCOVID-19.

EBongiwe Sokhulu Projects kufuthwa ukubulala izinambuzane

“Sengafunda ukuthi ebhizinisini awukwazi ukuthatha izinto uzibeke enhliziyweni. Kufanele uzihloniphe, ufeze izithembiso zakho ngoba izwi lakho liyikho konke. Kufanele ugade nabantu okhetha ukuzihlanganisa nabo ubheke ukuthi ninemibono efanayo yini ngoba ziningi izinto ezingakudicilela phansi nezingawisa ibhizinisi ngaphandle nje kokuthi isimo somnotho sisuke sibheda. Ibhizinisi liba yingxenye yempilo yakho,” kucebisa yena.

UNksz uMthiyane uthi bafisa ukuba nekhaya labo ngelinye ilanga lapho besebenzela khona futhi begcina izimpahla namathuluzi abo khona. 

Facebook: bongiwesokhuluprojects

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page