Uqale ibhizinisi lomthetho elihlukile ngoba enelukuluku lokusabalalisa ubulungisa. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

WENZE izifundo zomthetho ngoba ebona ukuthi ubulungisa abukho eNingizimu Afrika. Njengabaningi abangena kulo mkhakha, naye waqala ecabanga ukuthi yimpi azoyilwa enkantolo.
Kepha kwathi eqeda izifundo zakhe uNksz uThembalethu Shange, umsunguli we-Integrate Legal Group, wayesazi ukuthi yena uzolethela umphakathi ubulungisa ngendlela ehlukile.
Le nkampani ezinze eThekwini igxile ekufundiseni abafundi basezikoleni zamabanga aphezulu ngezihloko ezihlukene ezithinta umthetho. Ifundisa ngomlando ngenhloso yokuchaza ukuthi imithetho ekhona kufinyelelwe kanjani kuyona, amalungelo, uMthethosisekelo nokuthi uthini umthetho uma kukhona umuntu ofuna ukuya ocansini nabo ukuze bezokwazi ukubona uma bephoqiwe futhi bathathe nezinyathelo ezifanele.
UNksz uShange uneLLB, ayiphothule eNyuvesi yaKwaZulu-Natali ngo-2020. Uthi ngale kokuzifela ngokufundisa nokukhuluma njengoba wayeyingxenye yamathimba enkulumompikiswano, enye into emkhethise le ndlela wukuntuleka kwemisebenzi eNingizimu Afrika.
I-Integrate Legal Group ihlukaniswe kabili. Kukhona i-Integrate Legal Education ne-Integrate Business Solutions. I-Integrate Business Solutions, engakaqali ukusebenza, izogxila ekusizeni izinkampani zigcine yonke imithetho yokuqikelela ukuphepha emsebenzini. Uqashe abantu abahlanu.
Selokhu luqalile lolu phiko lokufundisa ezinyangeni eziyisikhombisa ezidlule selufinyelele kubafundi abangaphezu kuka-200. Mlalele echaza.
UNksz uShange uthi bahambela izikole befundisa kanti kokunye basebenzisa ubuchwepheshe besimanje njengoba ezinye izifundo zitholakala online.
Uthi bayazi bakhona abanye abantu abangayizwi kahle indaba yokuthi bafundisa ngokuya ocansini ezikoleni kodwa uthi ngeke kwabalekelwa ukuthi izingane ezifunda amabanga aphezulu ziyaya ocansini, nokungakho kungcono zihlonyiswe ngolwazi.

“Uma umuntu esenolwazi akusizakali yena kuphela kodwa angakwazi ukusiza nomunye umuntu amaziyo uma kwenzeka ezithola edlwenguliwe. Njengokuthi uphuthume uyothola i-rape kit okuqoqwa ngayo ubufakazi nobusizayo enkantolo.”
Exoxa ngokuzisebenza uthi wuhambo olungelula lolu noludinga ukuthi ukhuthale futhi ube qotho. “Akulula kodwa kumnandi ngoba yinto engiyithandayo. Kwesinye isikhathi ngike ngibone ukuthi ngisebenzela izikweletu kuphela kodwa ngiyabekezela futhi ngiyaphokophela. Uma ungavuki ekuseni, uwena osenkingeni.
“Ufunda nangokuphatha imali. Kufanele wazi ukuthi imali uyenza kanjani futhi yini okufanele uyenze ukuze ihlale ingena,” kusho yena.
Uthi izifundo ngomthetho nangoMthethosisekelo zimqoka ngoba nakuba sekuhlangana iminyaka ewu-30 izwe libuswa ngentando yabantu kodwa iNingizimu Afrika yilona zwe elihamba phambili ngokungalingani phakathi kwabacebile nabampofu. “SinoMthethosisekelo okuthiwa uhamba phambili emhlabeni kodwa asilingani. ‘Yimpilo yabantu lena’,” kuphetha uNksz uShange.
Facebook: Integratelegalgroup

