‘Imbokodo’ ewumakadebona iqokelwe kwibhodi yeMr Price
YINTATHELI YOMBELE
I-Mr Price Group isanda kuqoka uNks uThatele Mashilwane ukuthi abeyilungu lebhodi nelungu lekomiti lokucwaninga amabhuku nokulandela imithetho.
UNks uMashilwane, oqale kulesi sikhundla mhlaka-2 wangoSepthemba, uwumcwaningimabhuku onamava nongoti obheka ubungozi emabhizinisini asemikhakheni ehlukene, okubalwa kuyo owezimali, umshwalense, ukuthenga izimpahla, ezokuthutha nezokuphatha izindlu. Ungomunye wabasunguli beMASA Auditors, ayisikhulu esiphezulu sayo.
Uke wayilungu lamabhodi ezinkampanini ezinkulu ezinjengeClientèle neTiger Brands, lapho asebenze khona futhi njengomqondisi ozimele ohola ibhodi kwaze kwaba wu-2023. Wake wayilungu lebhodi yeCapitec Bank, iFamous Brands, iMurray & Roberts kwaze kwangoMashi wango 2020. Manje uyilungu noma usihlalo wamakomiti ahluene ebhodi yeTiger Brands, iClientèle neVector Logistics.
Uke waklonyeliswa yi-Association for the Advancement of Black Accountants of Southern Africa ngokubawumuntu wesifazane ovelele wonyaka engqungqutheleni iLeading Woman Conference ngo-2021, wahlabana ngomklomelo wokubawusomabhizinisi wonyaka ngo-2022.
Ibhodi yeMr Price imamukele uNks uMashilwane, yathi amava akhe obuholi, amabhizinisi, ukucwaninga amabhuku nokuqapha ubungozi azolekelela umsebenzi webhodi.
Phakathi kweziqu anazo kubalwa i-Master of Business Administration, iB-Compt in Accounting Science, i-BCom (Hons)/CTA ne-Global Executive Development Programme yaseGordon Institute of Business Science.

