Nakuba kunzima kodwa iyavuleka kancane iminyango kubalimi bamakhowa abasafufusa. INTATHELI YOMBELE iyabika
ABALIMI abasafufusa bangenisile emkhakheni wokutshala amakhowa, umkhakha odinga imishini ebheka ukuthi izinga lokushisa lingakanani ukugwema izifo ezingabulala umkhiqizo.
Awu-18 amapulazi akhiqiza amakhowa eNingizimu Afrika. Wehlile umkhiqizo kula mapulazi ngenxa yokucishwa kukagesi okubhokile ezweni. Inkampani enkulu ekhiqiza amakhowa KwaZulu-Natali iDenny Mushrooms ishelwe ingxenye yenkampani yayo ngonyaka odlule.
Izinkinga ezikhona zivulele abalimi abasathuthuka ukuthi bangene kodwa bathi kunzima ukukhula ngoba izinsizakusebenza ezidingekayo abanazo futhi babuye bahlushwe nawukushoda kwamanzi.
UNksz uThandazile Khumalo weNdabuko Oyster Mushrooms esoPhongolo, KwaZulu-Natali, esungulwe ngonyaka odlule, uthi yize esasebenzisa indlu ebivele ikhona ekhaya ube nenhlanhla yokuthola ikhasimende uPick n Pay wendawo.
“Ukushoda kwamanzi endaweni kwenza izinto zibe nzima ngoba kuyenzeka sitshelwe ukuthi amanzi azobe ephuma kompompi kulelo sonto, aphume usuku lube lunye noma angaphumi nhlobo; kanti amanzi abaluleke kakhulu ekukhiqizeni amakhowa ngoba kumele kuhlale kunomswakama.

Uthi: “Amanzi alawula izinga lokushisa ngoba uma kuke kwashisa kakhulu kuba lula ukuthi amagciwane azaleke bese konakala umkhiqizo.”
Uthe ePick n Pay bayayiqonda inkinga yamanzi anayo. Sebethe kungcono alethe noma ikesi elilodwa uma kuyilona elikhona, kunokulinda umkhiqizo uze ube mningi, ngoba maningi amathuba okuthi kungenzeki ngenxa yokushoda kwamanzi.
Uthi uma kwenzekile umkhiqizo wakhula waze wadlulelwa yisikhathi uyawulahla kodwa manje useqale ukuwushintsha ukuze angalahlakelwa.
“Ama-oyster (amakhowa) awajwayelekile kubantu basemakhaya, kumele uqale ubafundise ukuthi anamiphi imisoco. Amakhasimende ami engiwadayisela bukhoma ngabantu abadala ngoba ayasiza ukwehlisa amathuba okuhlaselwa yisifo sokukhohlwa nesifo senhliziyo,” kusho yena.
Uthi okunye okumsizayo wukuthi uwumpheki, uyakwazi ukushintsha amakhowe aphuma engadini awapheke adayiswe esewashintshile aba yi-creamy mushroom noma i-sauce.
“Angikayenzi inzuzo enkulu ngaleli bhizinisi ngoba amasuphamakethe azisholo wona ukuthi i-kilogram azolithenga ngamalini. Ngiye ngibone kungcono kona kunokuthi ngithembele ekutheni ngizozidayisela emphakathini,” kusho uNksz uKhumalo.
Uthi isifiso sakhe wukuthi babebaningi abalimi bamakhowe ukuze bezokwazi ukuya ezitolo ezinkulu bahlanganise umkhiqizo kuphume ama-oda amakhulu.
Uthi: “Kusenzima loko ngoba abanye abeluleki bezolimo abawaqondi kahle amakhowe, abakwazi ukweluleka abalimi kahle ngawo. Impumelelo kulo mkhakha ngibona isekude kodwa ngizoqhubeka ngaloko enginakho.”
Omunye umlimi wamakhowa umvumele uNksz uKhumalo ngesimo abalimi bamakhowa abancane abanaso.
UMnuz Muzuvukile Sithole weFu Lenala Oyster Mushrooms, yaseMgungundlovu, KwaZulu-Natali, uthi bona abakakwazi ukudayisela amasuphamakethe amakhulu, basadayisa emphakathini.
“Sivuna kabili ngesonto. Uma sivune kahle, sivuna amakesi ayishumi ngesikhathi sokuvuna. Umkhiqizo siwufaka emaphaketheni awu-200g bese siwadayisa emphakathini, ngemali ephakathi kukaR25 noR35.
“Ngaphansi kwenhlangano yethu kunezinhlangano ezinhlanu, uma zonke sezisebenza kahle sizokwazi ukwenza kahle umsebenzi wethu sibe wuphiko olubheke ukushintsha umkhiqizo ungabe usaba yiloku ovunwe uyikona,” kusho uSithole.

