UNksz uLihle Mabaso weL&M Woodworks yaseHammarsdale, KwaZulu-Natali Izithombe: Zithunyelwe

Uzakhela igama ofeza iphupho lasebuncaneni onebhizinisi lokubaza elingandile. Uxoxe noZUSIPHE DIDI

WAZIBONA eneminyaka ewu-25 ukuthi unekhono lokwenza umsebenzi wezandla nokwamgqugquzela kakhulu ngoba vele wayesazi ukuthi ufisa ukuzibambela umsebenzi ukuze azimele.

UNksz uLihle Mabaso uwumsunguli we-L&M Woodworks yaseHammarsdale, KwaZulu-Natali, kanti umsebenzi agabe nadume ngawo owama-tray okudla abaziwe aqoshwe izithakazelo zezibongo zabantu.  

Uthi: “Ngathi uma ngibona ukuthi nginekhono lokwenza umsebenzi wezandla, ngagqugquzeleka ngoba ngibona ukuthi ngizokwazi ukuzibambela umsebenzi futhi ngizimele ngingasebenzeli omunye umuntu. 

“Kwasekukhuleni kwami ngangikuthanda ukuba nezinto zami futhi ngangizibona nginamabhizinisi, leli liyisiqalo saloko.”

Umsebenzi webhizinisi lakhe akuyona into ayifundele njengoba enze izifundo eziphathelene nemboni yezokuthutha.

UNksz uMabaso oqashe umuntu oyedwa ubalule ukucima kukagesi njengenye yezingqinamba abhekene nazo kodwa uthi uyazama ukuthola iqhinga lokumelana nakho. 

Uthi ukusebenza kuze kube sebusuku nokungathembeki kwamanye amakhasimende enye yezinselelo zakhe. 

Ngogqozi lokuzisebenza ulithola kuphi, uNksz uMabaso uthi usika iphethini kunina. “Ngibukela kumama ngokusebenza kanzima. Loya muntu uyimbokodo uqobo lwayo, uMama uyazibambela yonke into ayenzayo.” 

Eluleka abanye abafisa ukungena ebhizinisini, uNksz uMabaso uthi: “Zethembe, themba indlela nesinqumo osithathile, usebenze kanzima, akukho okuza kalula.”

Facebook: Lihle Mabaso Tenza

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page