Uyisibonelo sokuthi imfundo iwukhiye kwabafisa ukukhula embonini yokudayisa izakhiwo. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA
USOMABHIZINISI osembonini yezokwakha uMnu uChelsea Mnisi wukholwa ukuthi noma ngabe wubani ofisa ukusebenza kule mboni kufanele andise ulwazi analo futhi agxile kuyona kuphela ukuze avelele.
Uthi loku kubaluleke kakhulu ngenxa yobunzima abantu abamnyama ababhekana nakho kule mboni.
UMnisi uthi kudingeka bazi nezindaba ezisematheni ngomnotho, ezokwakha nezinhlelo zentuthuko zomasipala ngoba konke kunesandla emananini ezakhiwo.
UMnisi uqale esebenza njengommeli obhalisa izakhiwo enenkampani yakhe ngaphambi kokuvula iMnisley Properties.
Uthi kwakunzima ukuthi inkampani yakhe yezomthetho ithole umsebenzi njengoba athola ngokuhamba kwesikhathi ukuthi iningi labanikazi bezakhiwo linabameli babo abalibhalisela izakhiwo. Loku kwamkhuthaza ukuthi afunde wagcina esethole iziqu ze-Master’s in Real Estate kanti ubhaliswe ngokusemthethweni, okwenza aziqonde kangcono izinselelo zale mboni.
Usebenze eyithwasa elidayisa ngaphambi kokuvula inkampani yakhe ngo-2017.
UMnisi uthi kumqoka ukuthi abadayisi bezakhiwo bathuthukise ulwazi lwabo ngemboni. Uthe inkoleloze evamile kwabasafufusa embonini ithi kulula ukungena. “Uma ubukela kude, abantu babona izikhangiso ezibekwa abadayisa izakhiwo bakholwa wukuthi kulula futhi wumsebenzi owubukhazikhazi. Nokho, kudinga uzikhandle futhi kufanele ube nemali ozoqala ngayo uma umusha.”
Uthi kudingeka basebenzise imali eningi ekukhangiseni kanti kufanele babe nento ezobenza bahluke kwabancintisana nabo. UMnisi uthi loku ukwenze ngokuthi angalenzi ibhizinisi lakhe libe yi-franchise emva kokuthola ukuthi lolo hlobo lwamabhizinisi luyanqindwa lapho lingasebenzela khona.
Uthe ukuhluleka kweProperty Practitioners Regulatory Authority (iPPRA) ukuvuselela amalayisensi enye inselelo ababhekana nayo ngoba kuyabambezeleka ukukhishwa kwezitifiketi namalayisensi, okugcina kuhlupha bona.
Nokho, uwushayela ihlombe umthetho i-Property Practitioners’ Act, oshaywe ngoFebhuwari ngo-2021 olule isikhathi sokusebenza kwamalayisensi saba yiminyaka emithathu.
UMnisi onebhizinisi eliseCenturion, eGauteng, eliqashe abantu abayisithupha, uzimisele ukuthuthukisa abanye abantu abamnyama ukuze bangene embonini yezakhiwo.
“Kunemizamo yokuphucula nokugqugquzela ukwanda kwabantu abamnyama abadayisa izakhiwo. Kufanele ibhodi yePPRA ixoxisane nezinhlaka ezimqoka njengamabhange, abanikazi bezikhwama zezakhiwo nezinkampani zabakhi abakhulu ukusebenzisana nabo ukuqinisekisa ukuthi ingxenye yenzuzo yabo bayibeka eceleni ukuthuthukisa abadayisi bezakhiwo abamnyama,” kusho yena.
UMnisi usesayine isivumelwano esenza kube yinkampani yakhe kuphela ezodayisa esinye isakhiwo esisha esifundazweni.
Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za


