Umashayandawonye nothando lokuba yivulandlela kumenze waqala ibhizinisi endimeni okungelula ukungena kuyona. Uxoxe noSANDILE GWALA

UTHANDO lwesikhumba nokunakekela abantu lumenza washiya phakathi izifundo zesayensi ayezenza e-University of KwaZulu-Natali wakhetha ukuyokwenza ezokunakekela isikhumba nempilo i-somatology ngoba ekholwa wukuthi udalelwe ukusiza abantu ngazo.
Emva kokuqeda izifundo ze-somatology eDurban University of Technology, uNksz Ayanda Gumede waseMandeni, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natali, uqale wasebenza kodwa kuhambe kwahamba wagcina efisa ukuziqalela into yakhe ngoba ezizwa emi ndawonye.
Umsunguli weZuzu Wellness Centre eGlenwood, eThekwini, KwaZulu-Natali ugcine eziqalele inkampani. Uqale ngendawo engumahambanendlwana ebisebenzela eMandeni naseThekwini ngezikhathi ezithile ngoba wayesasebenza. NgoFebhuwari emva kokubona ukuthi ibhizinisi liqhuba kahle ukhethe ukushiya emsebenzini ukuze agxile kulo ngokugcwele.
IZuzu Wellness Centre isiza abantu behlise ukucindezeka kwengqondo ngokubabhucabhuca nokunakekela isikhumba ngezindlela ezihlukene. Le sikhungo sibanemicimbi ehlukene.
UNksz uGumede une-Advanced Diploma in Somatology, ayiphothule ngo-2020, namava awathole ngokusebenzisana nodokotela abasendimeni yakhe.
Uthi okunye okumkhethise lo mkhakha wukubona ukuthi indlu emnyama iyingcosana kuwona. “Abantu bakithi kumele bazi ubumqoka bokuzinakekela wena nempilo yakho yonke. Iningi labantu abamnyama abayinakekeli nhlobo imizimba nesikhumba sabo, loku kuvame kakhulu kubantu besilisa.”
Uthi okunye okudala loku yinkoleloze yokucabanga ukuthi abantu abadla izambane likapondo kuphela okufanele banekekele imizimba nesikhumba ngendlela abenza ngayo eZuzu.

“IZuzu isungulelwe kona ukuvala leli gebe ngokulethela abantu bakithi lezi zinsiza zempilo ngamanani aphansi. Ukuphila kahle nokuzinakekela yivangeli engihlale ngilishumayela njalo ngoMsombuluko ohlelweni lwasekuseni lomsakazo i-@dyr 1051,” kusho yena.
UNksz uGumede ukhale ngobunzima bokungena endimeni yabo uma usuphothule iziqu njengoba ethi kufuneka isipiliyoni seminyaka eminingi, okunzima ukusithola uma kade uqeqeshwa.
Uthi ufuna ukulekelela abalandelayo bangabhekani nezinselelo adlule kuzona ngokuthi abanike ithuba basebenze ngisho bengakabi namava ukuze baqhubeke bafunde futhi bakhule ngokomsebenzi, bathole nalawo mava adingekayo ukuze baqashwe.
Facebook: Zuzu wellness centre
Instagram: zuzuwellnesscentre

