Kugiya Ongoti

Kuhle ukubona kunomnyakazo ngeziphakamiso ezivikela abantu ababika inkohlakalo, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Inqubekelaphambili ngezinguquko ezavela kwikhomishini kaZondo iveza okuhle nokuxegayo, kuloba uBusi Mavuso  

LONKE ushintsho olugcina luphumelele lutholakala kanzima. Kuqale kubewumzukuzuku luhlanganiswa, okufaka izinhlaka ezihlukene ngaphambi kokubawumthetho umphakathi obeka uvo ngawo, ngaphambi kokuphasiswa ePhalamende. Emva kwaloko, kuqala inselelo yokuthi usetshenziswe. 

Kukhuthazwa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bonge imali kunokuyibhubhudla. Izithombe: yi-iStock nesithunyelwe

Amanga ngokuthi abantu baseNingizimu Afrika bathanda ukukhithiza kunokonga, kuloba uCowhan Govender

SEKUPHELE iminyaka ucwaningo lukhombisa ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bacwile ezikweletini, abongi ngendlela efanele futhi bayakhithiza.

Ichweba laseThekwini limqoka ekuvimbeni ukuwa kwenkaba yedolobha ekubeni yisizinda somnotho, Isithombe: Sithunyelwe

Isimo somnotho waseThekwini sisadinga ukucutshungulwa kabanzi, kuloba uJabulani Sikhakhane

UCWANINGO ngokuhleleka komnotho ngaphansi kukamasipala waseThekwini luveza imininingwane ebalulekile ngentuthuko yaleli dolobha nokubaluleka kwalo emnothweni wesifundazwe iKwaZulu-Natali.

INingizimu Afrika kufanele izibambe ziqine ngezinguquko ezinqala njengoba enzile umengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa engqungqutheleni yokutshala imali ngenyanga edlule, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ukwehla kwentela ebanjwa kuphethroli kuyasiphefumulisa kodwa izinguquko zakha ikusasa, kuloba uBusi Mavuso

KUYANGIJABULISA ukuthi uhulumeni usilalelile isicelo sokuthi uphungule umthwalo wokunyuka kakhulu kwamanani kawoyela ngokwehlisa okwesikhashana intela ebanjwa kuphethroli. 

Ukuzwela kwemiphumela yempi ese-Iran kufanele kukhumbuze iNingizimu Afrika ukuthi inganciki kwamanye amazwe ngophethroli nodizili. Isithombe: yiPexels

INingizimu Afrika kufanele isukumele ukulungisa imboni kawoyela, kuloba uJabulani Sikhakhane

IMIPHUMELA yempi ese-Iran isiveze igebe elikhulu eNingizimu Afrika ngesimo sikaphethroli nodizili. Zimbili izizathu zaleli gebe.

Mkhulu umsebenzi okufanele wenziwe ukuvuselela isithunzi samaphoyisa njengoba kuvela ngobufakazi obuthulwa kwiKhomishini kaMadlanga, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ezokushushisa zifakazela ukuthi abantu bangaphendula. Manje sekufanele kuhlale kwenzeka, kuloba uBusi Mavuso

UKUBOSHWA kwezikhulu zamaphoyisa eziwu-11 ngesonto elidlule mayelana nethenda kaR360 million kuyinkomba yokuthi siphelile isikhathi sokuzicanasela. 

Ukwanda kweziteshi ezincintisana neSABC nokushesha kokushintsha kobuchwepheshe kwenza ilahlekelwe yimali. Isithombe: Sithunyelwe

Izinselelo zendlela yokusebenza kweSABC zidinga ukusukunyelwa, kuloba uJabulani Sikhakhane

ISINQUMO seSABC sokuvala uhlelo lwethelevishini i-Face the Nation siyisikhumbuzo sodaba lweminyaka lokuthi le nkampani kahulumeni esakazela umphakathi kufanele ixhaswe kanjani.

Impi eseMiddle East Isiqala ukuzwela kubakhiqizi nabathutha uwoyela kanti uhulumeni kufanele uphuthume ukuvikela amabhizinisi nomnotho, kusho umbhali wengosi. Isithombe: yiPexels

Okufanele sikwenze ukubhekana nothuthuva oseluqubukile emhlabeni, kuloba uBusi Mavuso 

IMPI eseMiddle East kungenzeka ilimaze umnotho emhlabeni kakhulu kuye nokuthi izoqhubeka isikhathi esingakanani. Amabhizinisi aseNingizimu Afrika asevele asebenzela ukunqanda umonakalo futhi sidinga osopolitiki ukuthi babambisane nathi.

Okushiwo wukhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natali uJenene ngomsuka wobugebengu eNingizimu Afrika udinga ukuphenyisiswa yizazi, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ukwanda kobugebengu ezweni akuyona impi yamaphoyisa wodwa kodwa kudinga umphakathi wonke, kuloba uJabulani Sikhakhane

SEKUKANINGI ukhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natali uNhlanhla Mkhwanazi ebeka izizathu athi ziwumsuka wokwanda kobugebengu obenziwa ikakhulu yintsha. Izizathu zakhe zihambisana neminye imininingwane ngesimo sempilo eNingizimu Afrika.

Kuhle ukuthi ungqongqoshe womNyango wokuBusa, ukuBambisana nobuHoli beNdabuko usukumela indaba yokulungisa omasipala, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Kufanele sikunqande ukucekeleka phansi kwezinto komasipala, kuloba uBusi Mavuso

NGIMANGELE ngesonto elidlule ngesikhathi umqondisi-jikelele emNyangweni wamaNzi nokuThutha iNdle uMnu uSean Phillips ekhuluma “ngendlela izinto eziqhubeka nokubheda ngakhona” mayelana nokuhlinzeka amanzi komasipala abaningi.  

Ezolimo ziqhuba kahle ekuthwaleni umnotho weNingizimu Afrika, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

INingizimu Afrika kufanele iqinise kumathuba akhona kwezolimo ezweni naphesheya, kuloba uJabulani Sikhakhane

ININGIZIMU Afrika isebenze kahle kwezolimo, yaqhubeka nokwandisa umkhiqizo wayo ewudayisela amanye amazwe. Uhwebo namanye amazwe ngomkhiqizo wezolimo lunyuke ngo-10% ngo-2025 lwafinyelela ku$15.1 billion (R245bn).

Nakuba kukuhle ukubona kugwetshwa uVincent Smith, owayeyilungu le-ANC ePhalamende, ngokugwamanda amandla ombuso kodwa akwenele loku, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ukugwetshwa komuntu wokuqala ngokugwamanda amandla ombuso kubuyisa ithemba, kuloba uBusi Mavuso   

YIZE izinto zitotoba kodwa isiqala ukubonakala inqubekelaphambili ngokuthi abantu baphendule ngezinto abazenzile eNingizimu Afrika. Ukugwetshwa kowayeyilungu lePhalamende le-ANC uVincent Smith iminyaka eyisikhombisa kusho ukuboshwa komuntu wokuqala ngecala lokugwamanda amandla ombuso ngemva kweminyaka kulindwe ubulungisa.

Ucwaningo olusanda kwenziwa ngamazwe awu-25 luveza izinto zabantu baseNingizimu Afrika abaziqhenya ngazo ngezwe labo. Isithombe: yi-iStock

Akumangazi okukhonjiswa wucwaningo ngesimo seNingizimu Afrika, kuloba uJabulani Sikhakhane

UCWANINGO lwezakhamuzi zamazwe awu-25, okubalwa kuwona amathathu ase-Afrika, luveza imininingwane emqoka ngokuthi izakhamuzi zala mazwe zisibona kanjani isimo sawo. Elinye lamazwe amathathu yiNingizimu Afrika. Lolu cwaningo luveza isimo sakuleli zwe, esingamangazi nokho uma kubhekwa okwenzeka ezweni.

Kufanele kujatshulwe kubuywe nganeno ngeSabelomali esisanda kuthulwa wungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ukuphatha imali ngesinono nokwandisa eyengqalasizinda kuyisisekelo esihle sokutshala imali, kuloba uBusi Mavuso

ISABELOMALI sangesonto elidlule size nezinkomba eziletha ithemba kumabhizinisi nasekutshaleni imali kwingqalasizinda.

Izibalo ezithinta intela nemali yezibonelelo zempesheni kahulumeni zikhomba ukuntenga kwezimali eNingizimu Afrika, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

ISabelomali sikhombisa ukuthi idlangile inhlupheko eNingizimu Afrika futhi bayingcosana abakhokhintela, kuloba uJabulani Sikhakhane

ISABELOMALI esithulwe wungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana izolo sicacisa inhlupheko eNingizimu Afrika, ikakhulu isibalo sabantu abathembele osizweni lukahulumeni.

ISabelomali sakusasa kufanele siqinisekise ukuthi ukutakula amabhizinisi kahulumeni afana nePassenger Rail Agency of South Africa kuyaphela, kusho kombhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Kuhamba kahle ngokuphatha imali. Sekushoda iSabelomali esizokhulisa umnotho, kuloba uBusi Mavuso 

I-INTERNATIONAL Monetary Fund (i-IMF) isigcizelele umyalezo okade amabhizinisi ewudlulisa wokuthi izinguquko ezinqala eNingizimu Afrika zingawukhulisa umnotho ngendlela ebonakalayo, inqobo nje uma izwe lizoqhubeka ngomgqigqo eliqale ngawo.  

Zishintshile izinto njengoba iSouth African Revenue Service isifuna ama-influencer akhokhe intela. Isithombe: yiFreepik

Abaqoqinteli sebefuna onontandakubukwa bakhokhe intela ethe xaxa ngemali abayingenisayo, kuloba uJabulani Sikhakhane

IZINGUQUKO endleleni umnotho wamazwe osebenza ngayo zihambisana nenselelo eminyangweni yohulumeni eqoqa imali yentela.

Ungqongqoshe womNyango kaGesi namaNdla uDkt uKgosientsho Ramokgopa ubambisane kahle namabhizinisi ukulungisa ukungaboni ngaso linye ngodaba lwe-Eskom. Isithombe: Sithunyelwe

Usekhulumile umengameli, manje akusukunyelwe indaba yokukhiqiza, kuloba uBusi Mavuso 

NJENGOBA isidlulile iNkulumo eBhekiswe esiZweni ethulwe ngoLwesine oludlule, osekufuneka manje wukuphuthumisa ukwenza izinto umengameli uCyril Ramaphosa azimemezelile nokubhekana nangazishongo.

Izibalo ezintsha zeStatistics South Africa ngesimo semisebenzi eNingizimu Afrika siyakhathaza. Isithombe: Sithunyelwe

Mkhulu umsebenzi ohlalele uhulumeni ukuxazulula inkinga yokuntuleka kwemisebenzi, kuloba uJabulani Sikhakhane

ISIMO samathuba omsebenzi eNingizimu Afrika asisihle neze. Noma sekuyindabizekwa kakhulu lena kodwa ukujula kwayo kuqhakanjiswa kabusha yimininingwane ngesimo semisebenzi eNingizimu Afrika ekhishwe yiStatistics South Africa (iStats SA).

Umengameli uMnu uCyril Ramaphosa Akucacise ukuthi umi kuphi ngokufanele kwenzeke nge-Eskom njengoba izikhulu zayo sezishaya ungqimphothwe ngokufanele kwenzeke, kusho kombhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ukuhlehlela emuva kwezinguquko zikagesi kungase kuxoshe abatshalimali, kuloba uBusi Mavuso  

UMBIKO weBusiness Leadership South Africa (iBLSA) obuyekeza ukuthi ziqhubeka kanjani izinguquko ezinqala oshicilelwe ngesonto elidlule utshengise ukuthi ikhona inqubekelaphambili yonke indawo ngaphandle kwasembonini kagesi. 

Ukusabalala kukagwayi ongekho emthethweni kudinga uhulumeni usukume ukunqanda umdlavuza, kusho umlobi wengosi. Isithombe: yiPexels

Ukwanda kwabantu ababhemayo kuzothwalisa kanzima ezempilo eNingizimu Afrika, kuloba uJabulani Sikhakhane

ININGIZIMU Afrika izobhekana nenkinga yokwanda kwabantu ababhemayo, ikakhulu abesilisa, okuzolandelwa wukunyuka kwezinga lomdlavuza njengoba ukubhema kungenye yezinto ezidala lesi sifo.

Kudingeka icatshangisiswe indlela yokuvikela imboni yezimoto ukuthi ikwazi ukuncintisana, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Kudingeka umnyakazo ophuthumayo embonini yezimoto, kuloba uBusi Mavuso 

KUNEZINQUMO ezimqoka kakhulu okufanele uhulumeni uzenze ngemboni yezimoto, okungenye yezinto eziyisisekelo sezimboni zethu. Ikusasa layo liyacikizela ngenxa yezimoto ezishibhile eziqhamuka kwamanye amazwe.

Ungqongqoshe womNyango weMfundo eyisiSekelo uNksz uSiviwe Gwarube kufanele aqaphele uma egqugquzela ukusebenzisa buchwepheshe ezikoleni, kusho umbhali wengosi.

Amaselula anendawo ezikoleni kodwa kufanele kulawuleke ukusebenza kwawo, kuloba uJabulani Sikhakhane 

AYANDA amazwe afuna ukuvala ukusebenzisa amaselula nezinye izinhlobo zobuchwepheshe (njengama-tablet) ngesikhathi sesikole, ngaphandle uma abafundi bewasebenzisela okubhekene nezifundo. 

Izinhlelo zokungacimi ugesi, eziholwa wungqongqoshe womNyango kaGesi uDkt uKgosientsho Ramokgopa, zenze ukuthi ithimba laseNingizimu Afrika ebeliye kwiWorld Economic Forum libuye nezibopho zabatshalimali, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Impumelelo yezinguquko zeNingizimu Afrika iletha ithuba njengoba izinto zimapeketwane emhlabeni, kuloba uBusi Mavuso 

I-WORLD Economic Forum (iWEF) ebingesonto elidlule inike iNingizimu Afrika isigcawu esikhulu sokutshengisa ukuthi izinguquko ezenzayo zithela izithelo ezibonakalayo.

Uhulumeni kamengameli uMnu uCyril Ramaphosa kuningi okufanele ukulungise ngaphambi kokubhekana nezikhondlakhondla ezifana neMelika, kusho umlobi wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

INingizimu Afrika kufanele iyeke ukwanda ngomlomo ngezindaba zomhla kodwa  iqale ngokuqinisa izikhwepha, kuloba uJabulani Sikhakhane

IQUKETHE isifundo esikhulu kwiNingizimu Afrika inkulumo kandunankulu waseCanada uMnu uMark Carney, ayithule ngoLwesithathu kwiWorld Economic Forum, umhlangano waminyaka wonke obaseDavos, eSwitzerland. 

Ukuxhaphaka kwagwayi womkokotelo kuholele ekuvaleni ifemu kagwayi osemthethweni eHeidelberg, eGauteng, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ukuvala kwenkampani kagwayi wumphumela wokungayisukumeli indaba yokulwa nezimpahla zomgunyathi, kuloba uBusi Mavuso

IZIMPAHLA eziwumbombayi ziqeda imisebenzi. Isimemezelo esenziwe yiBritish American Tobacco (iBAT) sokuthi izovala ifemu yayo okuwukuphela kwayo eNingizimu Afrika kulo nyaka kutshengisa ukuthi uma imigomo ixega nokugcina imithetho, ezokukhiqiza ezisemthethweni zicekeleka phansi.

Ukusungula i-Bus Rapid Transport (iBRT) kwakulindeleke ukuthi kulungise ezokuthutha kodwa akuwenzanga umehluko otheni, kusho umlobi wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Yize izwe selibuswa ngentando yabantu, abantu abamnyama basahlala kude nezizinda zomnotho, kuloba uJabulani Sikhakhane

NGEMVA kweminyaka ewu-30 iNingizimu Afrika yangena ngaphansi kombuso lapho nabantu bomdabu benamalungelo agcwele izwe alikenzi mehluko otheni ukuguqula indlela uhulumeni wobandlululo ahlela ngayo inhlalo nemisebenzi yabantu abamnyama.

Kubalulekile ukulungisa ingqalasizinda yamanzi okwenziwa yiRand Water, kusho umbhali wengosi. Lapha umengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa wayechazelwa ngomsebenzi owenziwayo. Isithombe: Sithunyelwe

Sisethubeni lokuqala kahle ekade sakugcina ngezinto eziseqhulwini ezintathu, kuloba uBusi Mavuso

ININGIZIMU Afrika iqala u-2026 ngamanani ezimpahla zomkhiqizo aphezulu, ugesi ongacimi, isimo sezimali esizinzile nemalimboleko ephansi, okudala isisekelo esiqinile somnotho kule minyakeni eyishumi edlule.

Kulindeleke ukuthi amabhizinisi amancane aphose esivivaneni sokukhula komnotho kulo nyaka, ngokusho kwezinkomba zomnotho. Isithombe: Sithunyelwe

Amabhizinisi amancane alindele ukudlondlobala kulo nyaka, kuloba uBasetsana Mahapa

NJENGOBA kuqala u-2026, amabhizinisi aseNingizimu Afrika, ikakhulu amancane, ahlela izinto zawo esimweni somnotho okhula kancane, izinguquko ezinqala eziqhubekayo nezinselelo zezindleko ezingapheli.

Izinguquko ezenziwe e-Eskom zikumisile ukucima kukagesi, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Lo nyaka ubeke isisekelo esihle sokukhulisa umnotho, kuloba uBusi Mavuso 

NGATHI ekuqaleni kwalo nyaka, lona kuzobawunyaka wokuhlanganisa izinguquko – izinguquko zikagesi ezisiza ukuqeda ukucishwa kwawo nezinguquko zezokuthutha ezilekelela ukuthi ezokuthutha zingawi. Kubenjalo ngempela.

Ungqongqoshe womNyango kaGesi uDkt uKgosientsho Ramokgopa, osanda kumemezela izinhlelo zokukhiqiza ugesi ohlanzekile. Isithombe: Sithunyelwe

Uhulumeni uwadedelelani amandla awo emsebenzini wokuphehla ugesi ohlanzekile?, kuloba uZakhele Madela

KULELI sonto sibheka izihloko ezimbili ezibeyingqophamlando esigabeni sokugcina salo nyaka embonini yamandla kagesi.

I-Traxtion ezosebenzisa imizila yeTransnet ukwandisa izitimela ezikhona iyisibonelo esihle sokuthi kungatshalwa imali engakanani uma kunezinguquko ezibuyisa ithemba eTransnet. Isithombe: Sithunyelwe

Ukutshala imali kuletha isasasa. Manje sekufanele lowo mgqigqo ukhulise umnotho, kuloba uBusi Mavuso 

IZIBALO zomnotho eziphume ngesonto elidlule ziqinisekise ukuthi kukhona okuhle okwenzekayo emnothweni waseNingizimu Afrika.

Ukulungisa iziphehlimandla zamalahle yikona okusize i-Eskom ukuxazulula inkinga yokunqamuka kukagesi futhi yenza inzuzo, kusho umbhali wengosi.

Ibhodi ememezele inzuzo yase-Eskom ifike umsebenzi omningi usuwenziwe, kuloba uZakhele Madela

INKAMPANI kahlumeni i-Eskom yenze kahle ngonyaka wezimali u-2024/25. Loku kuvele ngesonto elidlule ngesikhathi imemezela ukuthi yenze inzuzo ewuR15 billion.

Ukuphela kwenkontileka yomqondisi woPhiko lokuShushisa umPhakathi ezweni u-Adv uShamila Batohi kudinga ukuvalwa ngomuntu ongenzeleli muntu, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Umqondisi wokuShushisa omusha kufanele alethe ithemba emphakathini nasemabhizinisi, kuloba uBusi Mavuso

KUNESINQUMO esibalulekile esizothinta imboni yamabhizinisi eminyakeni eyishumi ezayo. Umengameli uqoke ikomiti okufanele likhethe umqondisi woPhiko lokuShushisa umPhakathi omusha. 

UmNyango weziMali, ophethwe wuMnu u-Enoch Godongwana, awucacisi ukuthi intela ewuhlongozayo uzobasiza kanjani abantu abanesifo sokugembula, kusho umbali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

UmNyango weziMali ubhekene nomqansa wokulwa nenkinga yokugembula, kuloba uJabulani Sikhakhane 

UMNYANGO weziMali uhlongoza intela ewu-20% yokugembula okwenziwa wumuntu ezihlalele ekhaya kwiselula noma kwikhompyutha, phecelezi i-online gambling.

Kubeyinjabulo ukubona abaholi bepolitiki bezibophezela ukufeza iziphakamiso ezenziwe ngabamabhizinisi kwiG20, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Impumelelo yeG20 ikhombisa okungenziwa yiNingizimu Afrika osekuqinisa isisekelo, kuloba uBusi Mavuso 

ININGIZIMU Afrika kufanele iziqhenye ngendlela eyenze ngayo imihlangano yeG20. Imicimbi yangesonto elidlule efaka nengqungquthela yeB20 kwase kulandela iG20 Leaders Forum ikhombise umhlaba ukuthi yini esikwazi ukuyenza uma ezokuthutha zisebenza kahle, ingqalasizinda esezingeni nokubaluleke kakhulu – indlela esengamela ngayo ezepolitiki nayo yonke imicikilisho ehambisana nokusebenzisana namanye amazwe. 

Usufike kwangqingetshe umhlangano obhunga ngokuguquguquka kwesimo sezulu eBrazil iCOP30 ngoba kubangwa indaba yemali phakathi kwamazwe asethuthukile nasathuthuka. Isithombe: Sithunyelwe

Yinkulu inselelo yamazwe asathuthuka ngokuguquguquka kwesimo sezulu, kuloba uJabulani Sikhakhane

AMAZWE ase-Afrika abhekene nenkinga enkulu yokuthi wubani ozokhokhela izindleko zokulungiselela ukubhekana noshintsho kwisimo sezulu. Lolu shintsho luhambisana nokwanda kwezikhukhula kwezinye izindawo, kuthi kwezinye isomiso.

Osomabhizinisi, abanjengosozigidi uMnu uPatrice Motsepe, bazibeke zacaca izinto abazifunayo ngaphambi kokuqala kweB20 ngaphandle kokugxambukela kosopolitiki baseNingizimu Afrika abanjengqongqoshe womNyango wezangaPhandle uMnu uRonald Lamola. Isithombe: Sithunyelwe

Amehlo omhlaba azobe ethe njo kwiNingizimu Afrika njengoba ukukleliswa kabusha kuqinisekisa izinguquko ezenzekayo, kuloba uBusi Mavuso 

YISONTO elikhulu leli eNingizimu Afrika, njengoba kubuthene abaholi abahlukene bakwamanye amazwe amakhulu emhlabeni emihlanganweni yeG20 futhi osomabhizinisi bazohlangana engqungqutheleni iB20. 

Basazothwala kanzima abantu abahluphekayo baseNingizimu Afrika, kusho umlobi wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Izinguquko zokusebenza kwemali kahulumeni zizokwandisa umthwalo kwabadinga usizo lwawo, kuloba uJabulani Sikhakhane

UKUVUSELELA isimo sezimali zikahulumeni kuwumthwalo osemahlombe abantu abahluphekayo abangenamandla okuzimela ngaphandle kwezinhlelo zikahulumeni.

Ayenele imali etshalwa kwingqalasizinda yokuthutha, yamanzi nenye ebalulekile, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

ISabelomali kufanele siqinisekise inqubekelaphambili kodwa kusaxega kwingqalasizinda, kuloba uBusi Mavuso

ISABELOMALI esithulwa phakathi nonyaka wezimali i-Medium-term Budget Policy Statement (i-MTBPS), esizothulwa namhlanje, ingelinye ithuba lokuthi uhulumeni utshengise ukuthi ungakanani umsebenzi osuwenziwe ukuphucula indlela okuphathwa ngayo imali ezweni.

Amaguzu angasheshisa ukuthutha izimpahla eNingizimu Afrika, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Amaguzu abalulekile ekunciphiseni izindleko zokuqhuba ibhizinisi nokulwa nokuguquguquka kwesimo sezulu, kuloba uJabulani Sikhakhane

AMAGUZU abalulekile entuthukweni yezwe futhi aneqhaza elikhulu emizamweni yokwehlisa isivuvujikelele esidalwa wukwanda kokungcola emkhathini. 

Izinguquko ezenzeka embonini kagesi okubalwa ezokuphehla ugesi ohlanzekile ofana nowelanga zikhombisa ukuthi i-Operation Vulindlela isiqalile ukuthela izithelo ezinhle. Isithombe: Sithunyelwe

Izinto esizizuze nge-Operation Vulindlela ezangempela kodwa kuyatotoba ngezinye, kuloba uBusi Mavuso 

UKUTHULWA kombiko wekota yesibili nge-Operation Vulindlela ngesonto elidlule kuyisikhumbuzo somsebenzi obalulekile ewenzayo kodwa futhi nokuthi usengakanani umsebenzi okufanele wenziwe.

Ukulwa nesikweletu komNyango weziMali, ophethwe wuMnu Enoch Godongwana, kuzobaluleka njengoba neYurophu isabisa ngoyeka ukuxhasa i-Afrika, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Okuhlongozwa yiYurophu kuzoyilimaza i-Afrika, kuloba uJabulani Sikhakhane 

I-AFRIKA isazothwala kanzima njengoba amazwe asethuthukile kulindeleke ukuthi anciphise usizo abelunika leli zwekazi.

INingizimu Afrika isigcine iphumile ohlwini i-grey list. Kuningi okufundiwe ngalesi sikhathi, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ukuphuma kwi-grey list kunezifundo esingazisebenzisa kwezinye izinguquko, kuloba uBusi Mavuso 

KUFANELE sijatshulelwe isimemezelo sangesonto elidlule sokuthi iNingizimu Afrika isiphumile ohlwini okufakwa kulona amazwe athathwa ngokuthi awanayo imithetho eqinile yokulwa nokushushumbisa imali i-grey list yeFinancial Action Task Force (iFATF). 

Ucwaningo i-Thrive by five Index luthi ingqondo nomzimba womntwana ukhula ngesivinini esikhulu kubumbeka ngeminyaka yokuqala emihlanu. Isithombe: Sithunyelwe

Iminyaka emihlanu yokuqala iyisisekelo sempumelelo yakhe kuloba, uJabulani Sikhakhane

UCWANINGO ngezingane ezineminyaka emine eNingizimu Afrika ezisezingeni lesiqalo semfundo luveza ukuthi ziwu-42% kuphela ezisesimweni esifanele senqubekelaphambili yezinga labo.

Kungabukeka sengathi ziyatotoba izinguquko ezenzeka ezinkampanini ezinjenge-Eskom kodwa umvuzo wazo muhle, kusho umbhali wengosi

Izinguquko ezinqala ziyisisekelo esihle kodwa kusashoda abatshalimali, kuloba uBusi Mavuso 

ENYE yezinselelo ngezinguquko ezinqala ebesizisebenza nohulumeni yisineke esidingekalayo ukuze izinto zithele izithelo.

Ucwaningo lweStandard Bank ngamabhizinisi aselokishini lusibonisa lukhulu, kusho umlobi wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Osomabhizinisi baselokishini nohulumeni lukhulu abangalufunda kubahwebi abadabuka kwamanye amazwe, kuloba uJabulani Sikhakhane

LIKHULU igebe ngamakhono amabhizinisi phakathi kosomabhizinisi baseNingizimu Afrika nabadabuka kwamanye amazwe abahwebela emalokishini.

Isikhulu esiphezulu e-Eskom uMnu uDan Marokane nethimba lakhe benza kahle njengoba seziqala zithela izithelo izinhlelo zokulungisa umonakalo kule nkampani ephehla ugesi, kusho wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ukuphucuka kwesimo sezimali se-Eskom kuqinisa isisekelo somnotho wezwe, kuloba uBusi Mavuso

I-ESKOM isiyenza inzuzo emva kweminyaka eyisishiyagalombili, okuyizindaba ezimnandi kule nkampani ephehla ugesi nasemnothweni.

Isikhulu esiphezulu se-Eskom uMnu uDan Marokane, usihlalo webhodi uMnu uMteto Nyati nongqongqoshe womNyango kaGesi namaNdla uDkt uKgosientsho Ramokgopa bejabulela umbiko omuhle wezimali. Nokho kulo mbiko kuvele ukuthi uhlelo lokuqeda izikweletu zomasipala alusebenzanga, umbhali wengosi uthi akaboni olusha luphumelela. Isithombe: Sithunyelwe

Yinto engathi shu uhlelo olusha oluhlongozwa ngomasipala, kuloba uJabulani Sikhakhane 

AKUKHO mehluko otheni ozokwenziwa wuhlelo olusha lomNyango weziMali lokuzama ukufukula ukusebenza komasipala emadolobheni amakhulu ayisishiyagalombili aseNingizimu Afrika. 

Ukulungisa izinto esikwazi ukuzilawula njengokuphucula ukusebenza kwamachweba kuzosiza iNingizimu Afrika imelane nemiphumela emibi yokuphela kwesikhathi se-African Growth and Opportunity Act, kusho umbhali wengosi. Isithombe: wuSlindile Khanyile

Ukuphela kwe-Agoa yithuba lokuqala kabusha eNingizimu Afrika, kuloba uBusi Mavuso 

UKUPHELA kwesivumelwano sokuhwebelana ebesivuna amazwe athile e-Afrika uma ehweba neMelika i-African Growth and Opportunity Act (i-Agoa) ekupheleni kwenyanga edlule kuyizinkomba zokushintsha kwezinto phakathi kobudlelwano beNingizimu Afrika neMelika.

Podcasts

Inqolobane