UNksz uSthembile Mlambo, umsunguli weSinaye Agri Projects yase-Ezifundeni, eHluhluwe, KwaZulu-Natali, etshala amaveji futhi efuya izinkukhu. Izithombe: Zithunyelwe

Ulima ngobuhlakani bobuchwepheshe obungadingi nhlabathi

WUTHOBILE ZWANE

UKUTHOLA ulwazi lokuthi amaveji angatshalwa enhlabathini, kusetshenziswa indlela yobuchwepheshe i-hydroponics, kuvule elinye ithuba lokukhulisa ibhizinisi lezolimo lentokazi yaseHluhluwe, KwaZulu-Natali.

UNksz uSthembile Mlambo, oneminyaka ewu-28, wasungula iSinaye Agri Projects ngo-2025 ngemali ayeyithola esafunda. Le ntokazi yaseZifundeni, eHluhluwe, yaqala ngokwakha ihhoko elingamamitha ayisishiyagalombili, yathenga izinkukhu zokuqala zenyama. Itshala iklabishi, ispinashi no-green pepper ifuye izinkukhu.

UNksz uMlambo uthi uthando lwezolimo nokufuya lwaqala ngenxa yesifiso sokubaneqhaza ekuqinisekiseni ukuthi kunokudla nokudala amathuba omsebenzi emphakathini.

Uthi njengoba isisho sesiZulu sithi “ifa leziwula lidliwa yizihlakaniphi”, kwamkhuthaza ukuthi kunokusebenzisa imali ngendlela angayiboni, wayefuna ukuyitshala ngobuhlakani.

UNksz uMlambo ehlola izitshalo zeSinaye Agri Projects

Une-Diploma in Farming Management and Mechanisation yaseMthashana TVET College e-Emandleni Campus. Ngemuva kokuqala umsebenzi wakhe, waqhubeka nokuthola ulwazi ngokucijwa nangokuvakashela abanye abalimi.

Uthi kulapho afunda khona nge-hydroponics, indlela yokulima ngaphandle kwenhlabathi lapho izitshalo zithola khona izinto ezizidingayo emanzini. Uthi kule ndawo wafunda ukuthi izitshalo zingatshalwa kusetshenziswa izinto ezinjengosodasi ne-coco peat esikhundleni senhlabathi.

“Kusukela lapho, ngabona ikusasa kwezolimo, ukusebenzisa amanzi amancane, indawo encane kodwa uthole isivuno esiningi,” kusho yena.

Uthi into ayifunda ngobuhle be-hydroponics wukuthi yonga amanzi awu-90%, ikhulisa izitshalo ngokushesha, ayidingi inhlabathi futhi ivumela ukutshala unyaka wonke.

ISinaye Agri Projects ayigcini ngokulima kodwa ifuya nezinkukhu

Nokho, uthi okunye okubi ngayo ukuthi idinga imali eningi ukuqala, ugesi oqhubekayo nokubhekwa njalo. Yingakho esaqhubeka nokutshala endaweni evulekile ngesikhathi esaqongelela imali yokungena kule ndlela yokulima.

“Ngihlela ukusebenzisa i-Nutrients Film Technique, ngoba yindlela ababeyisebenzisa eVella Villa (lapho ayethwasela umsebenzi khona), engabizi futhi elungele kakhulu ukutshala izitshalo eziluhlaza,” kusho yena.

Yize engakaqali ukusebenzisa le ndlela endaweni yakhe, uthi ufuna ukuba nama-hydroponic tunnels lapho ezotshala khona u-cucumber, utamatisi no-green pepper.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/05/19/washiya-ebhange-wabawumlimi-nomfuyi/

UNksz uMlambo uthi waqala ngezinkukhu eziwu-100. Manje usekhipha izinkukhu eziwu-500 azikhulisa ngamasonto ayisithupha.

Nokho, uthi izindleko zokudla kwezinkukhu nogesi ngezinye zezinselelo abhekene nazo. Uthi ukudla kwezinkukhu kukodwa kudla imali engaphezu kwangoR15 000 ngenyanga.

Uthi into emkhuthazayo ukuqhubeka nomsebenzi wakhe wukubona izinkukhu zikhula kusukela ezinsukwini zokuqala zize zifinyelele ekudayisweni. “Kuyangijabulisa nokwazi ukuthi umsebenzi wami usiza ukondla imindeni, kanti ngifisa ukuzakhela ifa kwezolimo nokufuya futhi ngikhombise intsha ukuthi nayo ingaphumelela kulo mkhakha,” kusho yena.

UNksz uMlambo nezinye zezisebenzi zeSinaye Agri Projects

Uthi umsebenzi usaphethwe nguye, kanti uthi uqasha izisebenzi eziyitoho uma edinga usizo emisebenzini efana nokuhlanza nokuhlaba izinkukhu. “Ngihlela ukuqasha izisebenzi ezimbili ngokugcwele uma sengifinyelele ezinkukhwini eziwu-2 000,” kusho yena.

Ululeka abafisa ukuqala ibhizinisi ukuthi baqale ngabanakho futhi bangalindi bazebabenemali eningi.

“Ngaqala ngokuncane, ngazakhela yonke into kancane, kancane. Hlale ufunda njalo, bekezela futhi utshale ngenzuzo yakho. Ukulima noma ukufuya akukhona okokuthi ucebe ngokushesha kodwa kudinga ukubekezela,” kucebisa yena.

Okunye akufisayo wukwandisa izinkukhu zibengaphezu kwango-1 000 ngenyanga, abe nama-hydroponic tunnel asebenza ngokugcwele futhi akhe indawo yokuhlaba nokuchutha izinkukhu.

“Ngifisa nokukwazi ukudayisa inyama esihlatshiwe nehlukaniswe izingxenye ukuze ngikwazi ukuthola inani elingcono ngemikhiqizo,” kusho yena.

Facebook: Sthembile Stherh Mlambo

Tik Tok: @Sthembile The Farmer

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page